Unesandla empumelelweni eningi yeqembu uRabada



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Uzishaya isifuba umshwibi weProteas uKagiso Rabada ngokufaka isandla empumelelweni yeqembu lesizwe lekhilikithi.
URabada uphinde wabamba iqhaza ekutheni iProteas aqhubeke nomgqigqo wawo omuhle emidlalweni yamaTest.
Emidlalweni emibili, uRabada uthathe amawikhethi ayishumi. Kowokugcina uqokwe njengomdlali ovelele kulandela ukuthatha amawikhethi ayisishiyagalombili.
IProteas agcine ebambene ngeli-1/1 neNew Zealand kulolu chungechunge lwemidlalo emibili yamaTest.
Kowokuqala elakuleli liguqe nge-Innings nemigijimo angama-276 kwathi kowesibili labuya ngamandla linqoba ngemigijimo eli-198. Yomibili imidlalo ibidlalelwa eHagley Oval, eChristchurch.
Exoxa ngemuva komdlalo uRabada ukubeke kwacaca ukuthi ujabule ngokutakula iqembu lesizwe. “Ngeneme ngokuthi sivuke sazithatha ngemuva kokubhacaza emdlalweni wokuqala. Lona ngumphumelo omuhle eqenjini. Seneme siyiqembu,” kuchaza uRabada.
Njengamanje uRabada usethathe amawikhethi angama-243 emidlalweni engama-52 yamaTest. “Ngaso sonke isikhathi ngihlale ngifuna ukushaya into ecokeme. Uma ngishaya into ecokeme, lokho kusho ukuthi iqembu lisuke lisethubeni elihle lokuphumelela. Ngijabule ngokuthi ngifake isandla empumelelweni yeqembu. Lena yinto engisuke ngiyihlosile ngaso sonke isikhathi. Inhloso yami kusuke kuwukubeka iqembu esimeni lapho linethuba lokuphumelela. Ngeneme ngokuthi ngibe nomdlalo omuhle,” kubeka uRabada.
AmaProteas asefomini enhle emidlalweni yamaTest. Muva nje asanda kuthela othulini iqembu lesizwe lase-India ngama-2/1. Ngonyaka ophelile aqumbe phansi iWest Indies ekuhambeni.
“Sikhulumile ngokuthi yikuphi lapho sishaye khona odaka emdlalweni wokuqala. Ngokwami siphuzile ukujwayela isimo senkundla okwenze iNew Zealand yasifakela engcindezi. Asizange sibe nezimpendulo. Sonke besiphansi emdlalweni wokuqala. Kunamabhola amaningi esihlulekile ukuwanqaka. Kowokuqala asibhethanga kahle yize sizamile njengabashwibi,” kubeka uRabada.
Ngosuku lwesihlanu iProteas icishe ashayeka phansi imvula iyishaya esithubeni. Ngaleso sikhathi abedinga iwikhethi eyodwa ukuze anqobe. Abaphathi bomdlalo bathathe isinqumo sokuthi umiswe isikhashana kuyiwe etiyeni. Ngenhlanhla imvula ishesha yadlula umdlalo wabuyela enkundleni. “Sonke sithukile ngesikhathi kuqhamuka imvula esithubeni kungazelele bani. Phela besidinga iwikhethi eyodwa ukuze sinqobe. Wonke umuntu uvele wadangala. Angingabazi ukuthi nabathandi bekhilikithi ekhaya eNingizimu Afrika basale bedangele kodwa sijabule ukuthi imvula isheshe yadlula sakwazi ukuthola iwikhethi eyodwa ebesiyidinga ukuze sinqobe,” kusho uRabada.
Njengamanje iProteas asezobhekana neBangladesh eNingizimu Afrika. Kuzoqalwa ngemidlalo emithathu yosuku olulodwa bese kuvalwa ngemibili yamaTest. “Ngijabule ukuthi sivale ngenothi eliphezulu. Njengamanje sesizobuyela ekhaya bese sihlelela imidlalo ezayo.” kulandisa uRabada.
IProtea ilindeleke ukuthi amukele uKeagan Petersen noLungi Ngidi uma esebhekene neBangladesh.
UNgidi akazange adlale kule midlalo emibili ebiseNew Zealand ngenxa yokuthinteka. Ngakolunye uhlangothi uPetersen akadlalanga ngenxa yokhuvethe. Nokho useluleme.