Now Reading
Isabelomali siletha inhlansi yethemba yize izwe ligutshezelwe yizikweletu
Dark Light

Isabelomali siletha inhlansi yethemba yize izwe ligutshezelwe yizikweletu

UNgqongqoshe Wezezimali kazwelonke uMnu u-Enoch Godongwana uthule isabelo sakhe sonyaka sezimali ngokokuqala ngqa, ngemuva kokuthatha izintambo kuMnu uTito Mboweni. Uma esaqala kuke kwezwakala ngendlela akhuluma ngayo ukuthi inkonyane isathuka isisinga. Kodwa kuye kwanda ukuzethemba kwakhe ngenkathi eqhubeka nenkulumo yakhe.

Isethulo sakhe sesabelo sezimali sitshengise ukuthi ubuhlakani obunzulu ukuthi bayakwamukela ukuthi izikweletu zikaHulumeni kumele zinciphe kakhulu kulesi simo esibi esikusona. Izikweletu zikaHulumeni kumanje nje zibalelwa kusigidintathu oyisi-R4.3 futhi kube kucatshangwa ukuthi zizobe sekuyisi-R5.4 sozigintathu eminyakeni embalwa ezayo.

Kumanje nje uHulumeni usebenzisa imali engaphezulu kwezigidigidi ezingama-R330 ekukhokheleni inzalo ezimalini ezibolekwe nguHulumeni. Lokhu kusho ukuthi uHulumeni ukhokha imali ecishe ilingane nesigidigidi esiso-R1 ngosuku ekukhokheleni inzalo nje singakaqali ukukhokhela imali ebolekiwe ngokwayo.

Lesi simo esimanzonzo sibonakala ngokuthi uHulumeni ubheke ukuthi uthe uzoqoqa intela ebalelwa kusigidintathu oye-R1.5 kulo nyaka, kodwa imali uHulumeni azoyisebenzisa ibalelwa kusigidintathu omu-R2.16. UHulumeni uzimisele ukunciphisa leli gebe elikhulu phakathi kwemali engenayo kuHulumeni nemali ayisebenzisayo.

UNgqongqoshe uthe ukujabulele ukuthi ngonyaka odlule uHulumeni ukwazile ukuthi athole imali engaphezulu kwezigidigidi ezili-R168 kunaleyo awayecabanga ukuthi bazoyithola kwintela ngonyaka odlule. Le mali engaphezulu eyatholakala entengisweni yezimbiwa okwaba kuhle kakhulu ngokungajwayelekile kanye nokubangconywana kwezomnotho ngenxa yokuxegiswa kancanyana ngowezi-2021 emigomweni enzima eyabekwa ngowezi-2020 uma kuqala ukhuvethe. UNgqongqoshe uthe le mali izosetshenziswa ukwenza okunye okubalulwa yilesi sabelomali.

Siyakujabulela ukuthi uHulumeni uthe uzoqhubekela phambili nokukhokha ama-R350 ngenyanga kulabo abahlukunyezwe kakhulu isimo sokhuvethe kule minyaka emibili edlule.

Siyabonga futhi ngokwenyuswa kwezibonelelo ezahlukehlukene zikaHulumeni, sibala impesheni yabadala, izibonelelo zezingane, izibonelelo zabakhubazekile, nokunye.

Labo abazomemeza bathi incane le mali engiyibalile ngaphezulu kumele bazibuze ukuthi leyo mali eningi izoqhamuka kuphi? UHulumeni akakwazi ukusebenzisa imali eningi angenayo; imali ayimili ezihlahleni, ayicoshwa phansi.

UHulumeni ukhale ngokuthi isimo esimanzonzo kwezomnotho eNingizimu Afrika silinyazwe kakhulu wuhuvethe olwenza ukuba kuvalwe amabhizinisi amaningi futhi kulahleke nemisebenzi eminingi. Waphinda wakhala ngodlame nobusela obabhidlanga lapha KwaZulu-Natal naseGauteng lapho abantu babeshaya iziqubulo zika-AZIKHALE bethi bayatapa, kanti babulala ezomnotho wezwe.

Ukuxega kwezomnotho emhlabeni wonke nakho kuwuhlukumezile kakhulu umnotho wezwe lakithi. UNgqongqoshe ukhale ngokuthi abasebenzi bakaHulumeni bafaka ingcindenzi enkulu ukuthi abanyuselwe amaholo njalo-nje ngamazinga aphezulu kakhulu angahambisani nalezi zinsuku ezinzima ngaphansi kwesimo sokhuvethe kule minyaka emibili edlule. Ngokuhlaziya kwami lokhu kufana nesimo lapho umnumzane wekhaya elahlekelwa umsebenzi kodwa umndeni wakhe ulokhu ufuna ukuphila impilo yobucwebecwebe ababeyiphila ubaba esasebenza.

UNgqongqoshe ubuye wakhuluma ngamabhizinisi kaHulumeni ukuthi sekumele ahlele ukuthi azokwenzenjani ukuthi angalokhu ecabanga ukuthi azotakulwa nguHulumeni njalo engasenayo imali yokuqhuba umsebenzi, kodwa kube kubonakala incithakalo kakhulu ekuqhutshweni kwalawo mabhizinisi. Uqhube wathi amanye ala mabhizinisi kuyomelwe ahlanganiswe namanye; kanti amanye kungamele avalwe.

Ukhale kakhulu ngo-Eskom ukuthi uHulumeni uchitha isikhathi esiningi ekhuluma ngezikweletu zika-Eskom kunokuthi ngabe ukhuluma ngokusatshaliswa kukagesi kuleli lizwe.

Ube esebeka ukuthi kuhlelo lokufukula ezomnotho kuleli lizwe luzobhekisisa ukwandiswa nokuqikelela ukukhiqizwa kukagesi kungakhathalelwe ukuthi ubani owukhiqizayo. UHulumeni uzobhekisisa nokuthi amachweba asolwandle emikhumbi asebenza ngendlela egculisayo. Lokhu kubalulekile ngoba bukhona ubufakazi bokuthi amanye amazwe nezifundazwe ebezisebenzisa amachweba asolwandle eNingizimu Afrika aseqalile ukujikela emachwebeni aseMozambique nakwamanye amazwe ngoba bengasagculiseki indlela izinto ezingahambi kahle ngakhona emachwebeni aseNingizimu Afrika.

See Also

UNgqongqoshe uphinde wathi uHulumeni uzokwandisa nokuthuthwa kwempahla ngemizila kaloliwe. Ngebhadi elikhulu kumele ngimphikise uNgqongqoshe lapha, ngoba uHulumeni uphupha emini kwabha la. Imizila eminingi kaloliwe ayisasebenzi ngoba izigebengu zintshontsha ojantshi bakaloliwe nezintambo zikagesi wemizila kaloliwe emini kwabha.

Kumele sibonge ngesinqumo sikaHulumeni ukunciphisa ukusinda kwentela ekhokhwa abantu nje, ikakhulukazi ukuthi abantu bazoqala ukukhokha intela uma sebehola izi-R91 000 nangaphezulu ngonyaka. Sikushayela ihlombe lokhu ngoba aboHlanga ibona abaningi kakhulu kulabo abahola kancane.

Sibonga futhi nokuthi uHulumeni uthe ngeke anyuse izintela ezinhlobonhlobo kuphethrol nodizili. Lokhu sikushayela ihlombe ngoba ukunyuka kwezintela ezifana neGeneral Fuel Levy neRoad Accident Fund kwenyusa izindleko zokuphila.

Ukwehliswa kwentela ekhokhwa abamabhizinisi isuka ema-28% iya kuma-27% kuzosiza ukunxenxa abamabhizinisi ukuthi batshale izimali lapha kwelakithi.

Sibonge nezinhlelo ezahlukehlukene zokunyuswa kokwakhiwa kwamathuba emisibenzi.

Sikhala ezimathonsi nalabo abakhalela ukunyuswa kwentela kutshwala nogwayi. UHulumeni ukwenza lokhu ngoba kuyaziwa ukuthi labo abaphuzayo nababhemayo bangancamela ukungadli ngoba befuna ukuphuza nokubhema.

Scroll To Top