Now Reading
#SinguMdlokombana: Phansi iNgisi, akuphakame iMbube eSishayamthetho
Dark Light

#SinguMdlokombana: Phansi iNgisi, akuphakame iMbube eSishayamthetho

ElaboHlanga liqala umkhankaso wokuba kuhlonishwe Omdala • AMakhosi nezifundiswa bayaseka

Enye yezinto ezabe ziluphawu lokunqoba kwabacindezeli kwakuba yindlela abaguqula ngayo umlando walabo bantu nalelo lizwe asebelidlile. Lokhu kwakuqala kulo ifulegi okwabe sekuphakama elabacindezeli lisho khona ukuthi sebengabanqobi. Okwesibili kwakuba wulimi olwabe lusetshenziswa nolwaluguqulwa lube ngelabacindezeli. Enye into eyayihlala njengobufakazi bokuthi abacindezeli bake baba ngaphezulu baba ngababusi amabunjwamuntu abekwa ezindaweni zomphakathi nasemabhilidini kaHulumeni. Emazweni ase-Afrika lokhu kugqame kakhulu njengoba amabunjwamuntu ababusi kanjalo namagama ezindawo kuqanjwe ngabacindezeli okungaba ngabaDeshi, amaNkinsimane noma amaPutukezi.

Bamele okwakukhethwa ngabantu kudala ukukugubha nokukukhumbula. Amabunjwamuntu ezindaweni zomphakathi kusukela ngezikhathi zasemandulo ayesetshenziselwa ukumela amandla negunya. INingizimu Afrika namuhla iwubufakazi balokho njengoba cishe kuwo wonke amadolobha kusuka kuCecil John Rhoses, uJan Van Riebeek nomkakhe uMaria, uJenene uLouis Botha eKapa.  EPitoli ukhona umholi wamabhunu uPaul Kruger. KwaZulu-Natal eThekwini naseMgungundlovu zikhona izithombe zababusi abadala. EThekwini phakathi kwamabunjwamuntu kukhona uHarry Escombe, uJohn Robinson, uQueen Elizabeth noJenene uJan Smuts kanye netshesikhumbuzo lapho kulotshwe khona odongeni lwesikhumbuzo amasotsha afa eMpini Yomhlaba Yesibili.

Enye indawo enamabunjwamuntu yiSishayamthetho eMgungundlovu. Lapha mabili kukhona elikaSir Theophilus Shepstone kanye neleNdlovukazi yamaNgisi uVictoria elimi nje phambi kwaso iSishayamthetho.  Emuva kweminyaka lawa mabunjwamuntu amiswa imilomo iyavunana ekutheni sesifikile isikhathi sokuthi asuswe igama eliphakanyiswayo ukuba ibunjwamuntu laso liphakame ngeSILO esisanda kwebuzwa, uMdlokombana.  Abaphathi belaboHlanga kuleli sonto bathathe isinqumo sokuqala umkhankaso wokufaka ingcindezi ukuthi uHulumeni waKwaZulu-Natal akhiphe uhlelo lokuqala izinhlelo zokususwa kweNdlovukazi yamaNgisi uVictoria kanye noShepstone eSishayamthetho kubekwe eseNdlondlo. 

Ephawula ngalesi sinqumo umphathi noMhleli Omkhulu welaboHlanga nowayejutshwe ISILO ngonyaka wezi-2005 ukuba ahlanganise ithimba losomlando nezifundiswa ngaphansi kweSithangami Somlando kaZulu uMnu uNhlanhla Mtaka uthe: “Yize ukuhamba koMdlokombana kusebuhlungu namanje kepha kukhona okuhle esingakwenza ukuze simkhumbule. Isibonelo nje njengoba kungasele zinsuku zingaki kuvulwe iSishayamthetho kanjalo nokuphela konyaka iSILO sebuza, bekungaba yithuba elihle ukuthi uSomlomo uNks uBoyce noNdunankulu uZikalala bamemezele ngokusemthethweni ukuthi nembala ayasuka amaNgisi lawa kume iMbube. Lokhu asikusho ngoba kwabe kuyiNkosi yethu kepha nawo uHulumeni washaya umthetho othi iSILO siyiNkosi yeSifundazwe”. Kusho uMfo waKwaNomajalimane.

Uqhubeke wathi: “Sike sezwa ukuthi naye uHulumeni ukulo mqondo nokuyinto enhle. Ngakho sithi kulokhu uHulumeni kumele alekelelwe ukuthi enze okuyikho ngokushesha. Siyazi ubuye abe manqika ngoba esaba ukuyiswa ezinkantolo noma esolwa, kepha kulokhu kweSILO akumele siphikisane. Alikho iqembu lepolitiki nenhlangano yomphakathi engaphikisana nalokhu. ISILO esidala kusifanele ukuba umlando waso uqoshwe ezibhebheni zomlando”.

Ebuzwa ukuthi ngabe yila mabunjwamuntu kuphela yini okumele aphunyuzwe, uMtaka uthe: “Empeleni uZulu naboHlanga kulesi sifundazwe banamagama enele abantu, abesilisa nabesifazane abangaphakanyiswa ngasemakubo nasezindaweni ezithile zomlando. OkweSILO kumqoka ngoba kuzoba yisiqalo. Okunye okumele kugcizelelwe wukuthi uma sekwenziwa ibunjwamuntu kungenziwa into esezingeni eliphansi kusuka ekubazweni nangobude ngoba kukhona okulandelwayo emhlabeni jikelele uma kwenziwa lokhu. Uyabona la maNgisi esithi kawehle nje kade ama kepha asasesimweni esihle ababewenza bawenza ngenhlonipho, asifisi-ke uma sekunguMdlokombana bese kuyadlalwa.”

Kulaba abanalo muzwa izizathu ezinqala zimbili; esokuqala ngesokuthi ukubekwa kweNdlondlo kuyobe kuqopha umlando ophilayo njengoba yiso kuphela kule minyaka yaso njengeSILO ebesivula lesi Sishayamthetho. Bathi ukusibeka kungaba yindlela ehloniphekile yokusihlonipha ngeqhaza laso ekulumbaniseni uBukhosi kanye nedemokhrasi. Kanti esinye isizathu ngesokuthi ukuqhubeka nokuba nebunjwamuntu leNdlovukazi yamaNgisi KwaZulu kusho ukwamukela ukuthi uZulu naboHlanga basaphethwe ngisho umcindezeli esesenhlabathini.

ElaboHlanga likhulume noSihlalo weNdlu YaMakhosi KwaZulu-Natal, iNkosi uChiliza nolibeke ngembaba ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi yehle iNdlovukazi le yamaNgisi aphakame uMdlokombana.

“Empeleni ukuphakamisa iNdlondlo lapha kuyobe kusho ukuziqhenya ngalokho esiyikho njengoZulu. Kuyobe kusho ukunqoba ikakhulukazi esikhathini lapho sekukhona ukuzikhohlwa ukuthi singobani nokuthi sizalwa ngobani.  Okunye okuyoba kuhle wukuthi kuyobe sekuvela ukuthi yebo bakhona osopolitiki kepha abaqali bomzabalazo nguBukhosi, iSILO esidala esabumela kwaze kwaba sekugcineni”, kusho uMdunge. Uqhubeke wathi ukuqhubeka sibe neNdlovukazi yamaNgisi eSishayamthetho kuyinhlamba.

“Asibuyisele okungekwethu , akukwazi ukuthi kungama iNdlovukazi yamaNgisi ezweni elineNgonyama. Le nto nje yokuba khona kweNgisi kwenza sibe yizigqila ngisho umcindezeli esaba mathambo mhlophe”, kuphetha iNkosi yesizwe saseMadungeni.

USolwazi womlando uMaphalala nowabe eyingxenye yethimba leSILO iSithangami uthe asingabi namahloni ukugidagida emlandweni weNdlondlo ngoba yenze okukhulu.

See Also

 “UMdlokombana webuze nje sekusele kuphele iminyaka engama-50 eseSihlalweni.  Ube yiNgonyama ephile isikhathi eside futhi yabusa isikhathi eside, bheka nje uyise iNgonyama uBhekuzulu webuza eneminyaka engama-44, iNgonyama uPhumuzuzulu yena eneminyaka engama-40 kwathi uMamonga yena wahamba eneminyaka engama-45. UMdlokombana ubese ngale kwama-70 lokho kukhulu kakhulu.

“Indlela ahambe ngayo phakathi kwethu yenze saba yisizwe esihloniphekile ubufakazi balokho buvele ngesikhathi esekhotheme lapho kukhalwe kumagumbi amane omhlaba. Utuswe kakhulu odabeni lomhlaba ngakho ukuba amiswe lapha kuluphawu lokumhlonipha okukhulu.

Inyosi uMnu uBuzetsheni Mdletshe uthe ukuphakama koMdala kungaba yisibusiso esikhulu:

“Impela kungaba yisibusio esikhulu ngoba nguye oqale ukuvula iSishayamthetho sakhe ezweni lakhe. Phela leli akulona  elosopolitiki  kepha ngelakhe izwe, nathi singabakhe. Nosopolitiki lapha bavotelwa ngabantu bakhe. Ngakho ukuba aphakame kumfanele”, kusho uMdletshe.    

USolwazi uSihawu Ngubane ongungoti wolimi nendlela yokuphila uthe lokhu kokuba kuphakame iSILO akudingi usosayensi: “Ngingakushayela izandla  ukuba kugudlulwe iNgisi kufakwe iSILO Samabandla Onke ukuze kube yisikhumbuzo ezizukukwanenni nakithi nje ukuthi sike saphila neSILO esaphila sabusa iminyaka eyedlula zonke ezinye. Phela njengoba kukhona oBotha nje nabanye yingoba ababe baphakamisa babeqopha ukuthi bake baphila yikho sibabona. Nathi sithi akube njalo ngeSILO sethu.” Kusho uNomafu.  Eseka konke lokhu ungoti uMnu uNdela Ntshangase uthe ukuphakamisa iNdlondlo kuligxathu elihle ekuzikhululeni ngokomqondo: “Uyabona nje kuhle impela sizothi singaphakama nje iphakame nenhlonipho. Singagcini lapho nalaba esike sibabone kwamanye amazwe abangabameli ubathole sebefake amawigi belingisa amaNgisi nabo kabazikhulule kepha akuqale lapha odabeni lweSILO”

 ElaboHlanga lizamile ukuthinta abaMAFA nokuyibo ababhekelele amabunjwamuntu nokho uMnu uDlamuka oyiSikhulu Esiphezulu akalubambanga ucingo izinsuku ezahlukene abethintwa ngazo.

Scroll To Top