Bhala phansi izinhloso zakho kulo nyaka!



UThemba Nkosi yintatheli ezimele ezinze eThekwini noMsunguli weThemba Nkosi Dreamers…
Umlando awusona isithutha futhi awukhohlisani! Awusoze wakuholela Ophathe. Uyisibuko sesizwe nezizukulwane nempumelelo yethu igabavula kulowo mzila. Uma sitshala imbewu katamatisi emhlabathini kuqhuma ekatamatisi, ngokufanayo uma simboza ngomhlabathi eyamadumbe noma eyombila kuzophuma eyalokho esikutshalile. Selokhu kwathi nhlo nelanga liphuma empumalanga liyosithela entshonalanga. Noma yini esishabasheka ukuyifeza ikhiqiza izithelo ezilingana nalezo zikhwepha ezilingana nokuzikhandla kwethu! Izinhloso nezinqumo zethu zihamba kulowo mzila. Azichezuki! Aziphambuki! Azigwegwesi!
Sibona abantu bephumelela benza izimanga. Into yokuqala bazibuza le mibuzo: Ngingubani ngale kokuba yisidalwa esingumuntu nokuba umuntu wesilisa? Yini engiphokophelele ukuyizuza empilweni? Luyini ubizo lwami? Yini engifisa ukukhunjulwa ngayo uma izindlawu zokufa sezingisobozele? Nasezinhlosweni zempilo imqoka le mibuzo neminye eyifuzile njengomgogodla oyimbulamethe yempumelelo ezinzinzileyo. Awukwazi ukuba wudokotela wokuhlinza uma wesaba igazi. Awukwazi ukuba wuthisha wehluleka ukuchaza ngesineke, utotobise, ucathulise odinga ukuqonda okuthile. Ngisho eseshibilika uyamxhakathisa ngesandla. Nasekubhaleni phansi izinhloso zethu asikwazi ukwenzela abanye ngokuzama ukufeza lokho abasithandela khona. Lokhu kufana nentombi eyeshelwa usozimali ibe ingenandaba naye. Abangani bayo belokhu beyibelesela, “mqome mngani sizodla ngawe!” Yona isuke ingaboni imali kepha izimpawu zobudoda, ezobumnumzane nezokuba uyise wezingane. Nasezihlosweni asenzeli muntu futhi kufanele sikuqonde ukuthi izinhloso zethu zifana nezithupha esiziginqa ephepheni. Ngamanye amazwi yilowo nalowo muntu unobizo lwakhe nezinto azithandayo kanye nendlela yakhe yokwenza izinto ezingakha isizwe nezingafani nezomunye.
Uma uhlose ukufeza noma yini empilweni kufanele ube nephupho. Kufanele ulibone ngamehlo iphupho lakho lizefezaka. Ngokufanayo uma uzokwakha indlu ulubona ngeso lomqondo ukhalo ofisa ukuyakha kulo. Uyaqhubeka ubone uhlobo lothayela, uhlobo lwezitini, amafasitela kanye nombala womuzi. Kuyinto efanayo ncamashi ukufisa nokushabasheka ukufeza okuthile nakulo nyaka. Akukho okuvele kuzenzakalele. Kuwumsebenzi wakho ukuguqula isihombe osibona ngeso lomqondo ngokuba usibhale phansi ufake yonke imininingwane njengomdwebi wepulani lendlu. Wena ufanele ukuba nesithombe esipheleleyo, nesicacileyo nesigqamileyo emqondweni wakho. Ngaphandle kwaso kunzima satshe ukufinyelela lapho uphikelele khona.
Uma ususibona ngokupheleleyo lesithombe ngeso lomqondo, ufanele ukuba ukubhale phansi kabanzi ngaso. Gagula konke okufisayo. Baza ngamazwi le ndlu odinga ukuyakha. Chaza umbala wexhiba lakho. Sitshele ngohlobo lwezicabha. Uthanda ezivulekela emaceleni? Ukubhala kuhluza kuphinde kuhlele umqondo. Ngamanye amazwi kufana nokukhetha amabele emakhoweni. Zibuze ukuthi ufisa ukufeza leliphupho nezinhloso emva kwezinyanga noma konyaka? Yini okumele uyenze nsuku zonke ekufezeni leliphupho? Uzozihlinzeka amahora amangakhi ngosuku njengoba uzozibeka eqhulwini lezinto ekufanele uziphothule kulo nyaka?
Kufanele uzibekele izinhloso eziyishumi kulonyaka ezizokunika ukuthula emphefumulweni. Yizinto ezithandwa nezifiswa nguwe. Zisekujuleni kwenhliziyo yakho. Zimele konke okungamagugu-ngqangi omongo wempilo yakho. Ngisho usudukiswa ungakhetha zona wenqabe ubuningi bemali ecima ilanga usununuselwa ngayo! Kuningi ongafisa okulambele empilweni zibuze ukuthi yikuphi lokhu uma ubunganikwa ithuba ubungakhetha khona ukuyeke konke okunye. Lezi zinhloso oziqokayo phakathi kweziningi onazo zingakubeka esiqongweni sempumelelo yempilo yakho. Zingayiguqula impilo yakho nomzila wayo!
Ukuze zifezeke kufanele sizibhale phansi. Ukuzibhala kubeka wena ethubeni lokuba ziphumelele noma zifeze. Ingani usuzethule uthwalo ngokuzicacisa njengoba usuziqophe phansi. Ukuqopha phansi kufana nokubaza uqwembe lomgwaqo bese ubhala igama lendawo olubangise kuyo. Likuchazela ngokucacileyo ibanga lamakhilomitha eliphakathi kweThekwini neGoli. Lelibhodi likukhumbuza okuningi nokuthi yini okufanele yenze kulolu hambo lwakho lwaseGoli. Niphendula le mibuzo: Kufanele uhambe ngasiphi isivinini? Yikuphi lapho kufanele usehlise khona? Loluhambo lungamahora amangakhi? Ngabe lomgwaqo uyenyukela noma uyehlela?
Lapho kuqubuka ungabazane nokulahlekelwa yithemba uphindela ezinhlosweni zakho owazibhala phansi. Yizona ezilawula uhambo lwakho lwalonyaka. Uma usuchezuke kakhulu noma usunhlanhlatha, wadlula emzileni omkhulu oyinkombandlela, lezinqumo ozibhale phansi ziyakweqela,zikubuyise, zikukuqoqe. Ngokubhala phansi kabanzi izinhloso zethu siba nenhlanhla yokuziba konke okungasidingi nesingakudingi. Kasiwachitheli ize amandla ethu futhi ukubhala phansi kuyasisiza ekugwemeni ukujulukela izinto ezinganemthelela omuhle ezimpilweni zethu.