Now Reading
Isimomazwe: AmaRashiya afuna eyomncamiso kwawasentshonalanga
Dark Light

Isimomazwe: AmaRashiya afuna eyomncamiso kwawasentshonalanga

Umbango ungaphezu kwababangayo kepha unangezingqoko nezinhloso zabasentshonalanga

Kukhona okunyakazayo kupolitiki yesimomazwe. Lokhu ngokongoti kungasho impi engathinta amazwe amaningi. Lapho ongoti behluka khona wukuthi ngabe luhlobo luni lwempi nokuthi ngubani osephutheni. Indaba ingezigameko ezenzeka phakathi kweRussia ne-Ukraine.  

Yize abaningi bekhomba umsuka wale mpi lapha eduze njengoba bekhuluma ngonyaka wezi-2014 ngoNhlolanja ngesikhathi isiphetho kuba yiRussia idla ngejozi iCrimea  nezingxenye zeDonbas okungamadolobha ase-Ukraine, umlando wepolitiki wakuleya ndawo uthi umbango mdala kakhulu. Okudida kakhulu abalandela okwenzeka kuleya ngxenye yomhlaba wukwahluka kwemibiko yalokho okwenzakalayo. Okusobala wukuthi nabezindaba nabo bangene shi kulolu daba. Lokhu kufakazelwa yimibiko eshayisanayo phakathi kwabezindaba basentshonalanga kanye nalabo baseRussia.

Abasentshonalanga abaholwa yizikhondlakhondla ezifana neCNN, iBBC kanye neSkyNews basola iRussia noMengameli uPutin ngakho konke okwenzakalayo. Basola iRussia ‘ngobubhoklolo’. Laba kanye nongoti ababasebenzisayo baveza isithombe sokuthi amazwe abakuwo kanye ne-Ukraine bamsulwa. Ngakolunye uhlangothi abeRussia TV okuyisiteshi esingaphansi kukaHulumeni baphungela iRussia nabayibeka njengezisulu kulolu daba nabantu abavikela ígceke’ labo ngokomlando.

Umlando wepolitiki wakuleya ndawo uveza ubunzima lamazwe abangayo abhekene nakho ekutholeni isixazululo esingunaphakade. Womabili la mazwe akhomba umsuka wawo e-Ukraine endaweni okuthiwa yiRus ebuye yaziwe ngeleKyivan Rus. Le ndawo eminyakeni yekhulunyaka le-10 yahlanganisa izizwana ngaphansi kwebandla iByzantine.  Lo mlando yiwo owenza kube lukhuni ukuthi kube negoba uphondo kalula.

Okubuye kudunge amanzi kakhulu wukugxambukela kwamazwe angaphandle asetshonalanga. La mazwe nawo  kawangeni ngoba ebhula umlilo kunalokho anezinhloso zawo zepolitiki nepolitiki yezomnotho. 

Amazwe ase-Europe ngaphansi kwesambulela se-European Union (EU) nawo ayingxenye yomdlalo oyingozi njengoba kuyiwo anunusela i-Ukraine ngobulungu. 

Ngokwe-Ukraine lobu bulungu ngeke buze namathuba angcono ezomnotho kuphela, kepha kuyosho nokuba nomvikeli njengoba amazwe angaphansi kwe-EU anesivumelwano sokuvikelana uma kunezimpi, empeleni anombutho ophunga izitha zawo.  Kade ke i-Ukraine yasisho isifiso sayo sokuba yilungu lalo mfelandawonye.

Kanti kuwo amazwe lawa asentshonalanga kukhona agxamalazile ngoba iminotho yawo yencike kuRussia. Kula mazwe kukhona iGermany ne-Italy, iFrance, iHungary, iCzech Republic, iPoland, i-Austria neSlovakia.

Bafuna eyomncamiso

See Also

Nayo iRussia kayikho msulwa ngoba lokhu kubhekana ngeziqu zamehlo kungahle kuyisebenzele.  Umbuzo uthi yona ifunani kulolu daba. Okuseqhulwini kuyo ngezokuphepha.  Akuyona imfihlo ukuthi njengoba i-United State of America (USA) isiqhela kancane ezindabeni zaseMiddle East, manje isibheke ukubhala nembangi yayo iChina neRussia. Lokhu phakathi kokunye izokwenza ngokuthi iphakamise unyawo layo ukuze iwanqobe la mazwe kwezokuphepha nezobunhloli. Izosondeza izikhali zayo eziyingozi njengoba isiqalile ukuzisondeza emazweni afana neSouth Korea. 

Ekufunayo manje i-USA namazwe asentshonalanga wukusondela e-Ukraine eseduze neRussia. Ekuphenduleni kwayo izikhuni iRussia ifuna kubuyelwe esivumelwaneni sangowezi-2014 lapho i- Ukraine yazibophezela khona ekutheni izifunda lezi iRussia ezidlile nalezo ezaba nabantu abaxebuka kuyo zizoba nozimele geqe. Lokhu kuba nozimele geqe kusho ukuthi iRussia ibusa phakathi e-Ukraine.

Ukunqoba kweRussia kulolu daba kuvezwe kamuva ngabaseGermany lapho beveza ukuthi uMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelensky uyavuma ukuba kwakhiwe umthethosivivonywa ozonikeza ubunjalo obukhethekile kumariphabhlikhi amabili aqembukelene eningizimu mpumalanga yezwe esifundeni iDonbass kusho uShansela waseGermany u-Olaf Scholz enkomfeni yabezindaba ngoMsobuluko.

Ekhuluma eseKiev emveni kokuhlangana noZelensky, uScholz uveze ukuthi umholi wase-Ukraine uzocabanga ngokwakhiwa komthethosivivinywa ozoholela ekuzimeleni kwamariphabhlikhi amabili okuyiDonetsk (DPR) neLugansk (LPR). Izifunda zombili ziqinise ukuzimela kwazo kusukwa eKiev eminyakeni eyisishiyagalombili edlule, emveni kwezigameko zaseMaidan, ngesikhathi semibhikisho enodlame emigwaqeni eyagudluza uHulumeni owawukhethwe ngokwedemokhrasi e-Ukraine. IMoscow neKiev abazange bazithathe [izifunda] njengamazwe azimele.

Iqiniso kukho konke lokhu wukuthi kududulana izinkunzi ezintathu, yi-USA, yiRussia neChina abanye bayizimpelesi nje emdlalweni obucayi wokuzwana amandla. Umbuzo ithi engabe i-Afrika, iNingizimu Afrika bona bayobe begiya ngakuliphi uhlangothi, bese bezuzani ngoba laba abanye bayazi baphokopheleni.

Scroll To Top