Now Reading
Ufaka igxalaba uMasipala uMsinga ekulekeleleni abafundi bendawo
Dark Light

Ufaka igxalaba uMasipala uMsinga ekulekeleleni abafundi bendawo

Yize zikhona izingqinamba kwezemfundo kodwa uMsinga nawo awumncinyana njengoba usathathwa njengezinye zezindawo ezisasalele emumva ngokuthuthukiswa, ukweswelakala kwamathuba emisebenzi, ububha nokuningi kodwa kukhona okuhle okwenzekayo kule ndawo othi mawuyibuka ubone izintaba. Okuhle ukuthi kunabafundi abaqhamuka khona abawuphumelele kahle umatikuletsheni wabo, baze bathola ithuba elingcono lokuthi bafunde enye yamanyuvesi ahlonishwayo kuleli.

Labo bafundi nguLuyanda Dlamini noThalente Chonco, laba bafundi bawuphumelele ngamalengiso umatikuletsheni ngowezi-2021. Bobabili bazoqala izifundo zobudokotela njengoba bebenza izifundo zeScience bazofunda e-University of KwaZulu-Natal (UKZN).

NgoLwesihlanu olwedlule elaboHlanga belihambele isiphihli somcimbi obuhlelwe ngezinga eliphezulu uMasipala wakhona eMsinga oholwa iMeya, uMnu uMletheni Ndlovu. Lo mcimbi obuseMphelankani bekubongwa ngawo abafundi abenze izimanga, kugqugquzuzelwa nothisha ukuqhubeka nomsebenzi omuhle.

ElaboHlanga likhulume noLuyanda obefunda eMawele High School, le ntokazi ikubeke kwacaca ukuthi ukuphumelela kwayo ngamalengiso akubanga yinto eyithusayo ngoba akukho engakwenzangaukukhombisa ukuzimisela.

“Lona ngumvuzo wokusebenza kanzima, ngizikhandle kakhulu ukuthola lempumelelo. Ngiyafisa abafundi abangemumva kwami bebeke imfundo phambili, bezimisele nabo ngelinye ilanga bayoyithola imivuzo emihle. Kungijabulise kakhulu ukuthi ngithole isikole e-UKZN, ngiyokwenza izifundo zobudokotela nokuyinto okwaba yiphupho lami ngisemncane,” kusho uLuyanda oneminyaka eli-18 nophumelele izifundo ngamalengisi.

Ebuzwa ngobunzima abhekane nabo ngaphambi kokuthola lempumelelo uthe: “Ngonyaka wezi-2020 ngahamba ekhaya ngayoqasha eduze kwasesikoleni kwazise isikole ebengifunda kusona sibuqamama nasekhaya, bengingena ekuseni kakhulu ngiphume ntambama futhi. Kube isinqumo esinzima kakhulu ngoba bekumele ngizimele, kodwa konke lokho kungisizile. Nyakenye ngike nami ngahaqwa ukhuvethe sengizobhala izivivinyo kodwa ngalwa” usho kanje uLuyanda odabuka esigodini sakwaMabaso eSampofu.

Ubonge ukusekwa umamncane wakhe uXolile Dlamini nabogogo bami bakwenze konke alikho nolulodwa usuku lapho engizibone ngiswele. Uphinde wabonga uMasipala ngokubaseka, othisha abazikhandle kusukeka ngosuku lokuqala kwaze kwaba isekugcineni, uthembise ukuthi uzoqhubeka ngokuziphatha kahle nokuzimisela e-UKZN.

Abafundi abenze kahle baklonyeliswe ngezitifiketi, amaLaptop, izindondo, amavawusha, amaphrojektha nokunye okuningi.

UXolile umjabulele kakhulu uLuyanda: “Asiwona umndeni onakho konke futhi asintuli, kodwa sikwazile ukuthu uLuyanda simuseke kukhona konke kungabi khona nokukodwa ashoda ngakho. Ukuphumelela kwakhe kusijabulise kakhulu kuwukukhombisa ukusibonga ngokuthi simuseke kanje. Ungowokuqala emndenini wakwaDlamini ukuthi enze into enje. Sisazoqhubeka nokuthi simuseke noma esese-UKZN. Kungijabulise kakhulu ukuthola kwakhe isikole, iqiniso lithi sihlezi sibona abafundi abaphumelele ngamalengiso kubanzima ukuba bathole izikole kodwa yena usitholile. Siyabonga kuMasipala ngokwenza into enhle kanje” kusho uXolile.

UChonco waseMhlangana, eMachunwini, obefunda eDlabesuthe High School, uziphase ngamalengisi izifundo eziyisikhombisa abezenza.

Wenze ezibukwayo kakhulu kwezeScience eziphasa ngo-A+. Ulale indawo yokuqala esifundeni Umzinyathi ngokuphumelela iPhysical Science ngama-97%, walala isibili ezibalweni aziphumelele ngama-96%.

Sezihlanganiswe zonke izifundo izikole ezingaphansi koMzinyathi ulale isithathu.

See Also

Ekhuluma nelaboHlanga uthe; “Ngibonga abazali bami ngokuqhubeka nokungeseka ephusheni  lami lokuba udokotela. Ngibonga kakhulu kothisha ngokungapheli amandla, bahlale benathi. Ngiyathembisa ngizoziphatha kahle e-UKZN. Lokhu okwenziwe uMasipala kuyinto enhle kakhulu, nezingane ezilandela ngemumva ngithemba ukuthi zizogqugquzeleka kakhulu” kusho uChonco.

UMnu uNdlovu uthe bazishaya isifuba ngabafundi abebenza umatikuletsheni nyakenye, ngoba benze into yamehlo banyusa izinga lokuphasa lisuka ema-67% laya ema-78,83 % wathi unethemba lokuthi ngeke besehla nhlobo.

“UMsinga uyindawo edume ngokuthi imfundo isalele emumva kodwa konke lokho kushintshile. Odokotela, abahloli bayaphuma kule ndawo yethu. Laba bafundi akubona obokuqala abasekwa uMasipala, ngikhuluma nje kunabafundi abangama-52 abafunda ETVET College abaphumelela ngowezi-2020 abalekelwa uMasiphala siyabalandelela ukubheka ukuthi benza kahle yini. Inhloso ngqangi yethu ukuthuthukisa indawo yethu, imfundo ibaluleke kakhulu ingakho senza konke ukulekelela abafundi bethu ukuthi bathole amathuba angcono” kunaba uMnu uNdlovu.

Omunye obehambe lomcimbi, uMnu Bongani Ntombela ongumhloli eMsinga, uveze ukuthi zisuke kwezintathu zaya kweziyisithupha izikole ezithole ama-100%. Abaphase ngamaBachelor bawu-972, babe ama-745 abaphumelele ngamaDiploma bese beba ama-530 abathole amaHigher Certificate. UNtombela uveze nokuthi okokuqala emlandweni uMsinga usukile emsileni wanyukela kweyesibili ngaphansi koMzinyathi.

Ube esechoma uphaphe logwalagwala othisha ngokuthi bakwazi ukufundisa  ekuseni ngobhawodi nakusihlwa imbala, bengagcini lapho nangempelasonto benze esifanayo. Waphinde wancoma ukubambisana kwezikole, obekuba nemibuthano ukuthi othisha bezikole ezehlukene abafundisa izifundo ezifanayo bahlangane bacobelelane ngolwazi bese beludlulisela kubafundi. Uphinde wancoma abafundi abaphumelele kunzima kwazise bekufundwa kanzima ngenxa yokhuvethe, kanti abasalanga ngaphandle abazali.

Scroll To Top