Umkhakha wezokuvakasha kuseyiwona ophambili esiqhingini



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kubantu abaningi ezwenikazi i-Afrika uma becabanga ngendawo abangapepenyeka kuyo ngamaholidi, isiqhingi iMauritius asisali. Sidume ngezintaba zakhona ezikudonsa ukude, ulwandle oluqondile nezindawo zokungcebeleka.
Kukhona konke, okubonakala kudonsa kakhulu izivakashi izinga eliphansi lobugebengu. Ukhuvethe lifike lwashaya kwezwela kwezokuvakasha kulandela ukuvalwa kwezindawo eziningi ngisho nezinkampani zezindiza zike zathi gozololo.
Angeke ucabange ukuthi ipolitiki ikhona nakulesi siqhingi, kanti ukhohliwe. Njengoba ukhetho lukaNdunankulu lushoshela oluzobanjwa ngonyaka wezi-2024, uNdunankulu uPravind Jugnauth akazibekile phansi wenza konke ukuze abavoti bangamkhohlwa. Nezimbangi zakhe ziyamnyakazisa. Zibheke ukuthi enze izinguquko ezinqala ezizobuyisa umnotho wezwe okhahlamezeke kakhulu ngenxa yokhuvethe.
Ezinye zezinto ezibonakala zimphazamisa emkhankasweni wakhe, isigameko sokuchitheka kukawoyela okwenziwa yiMV Wakashio ngonaka wezi-2020, ukungaboni ngasolinye nongqongqishe bakhe ngonyaka odlule, kanye nokwesula esikhundleni kukaNgqongqoshe Wezomnotho uYogida Sawmynaden ngoNhlolanja wangonyaka odlule ngoba ethinteka ecaleni lokubulala ngokulalela unyendle.
Nakuba uHulumeni wakhe ezame konke ukuqinisekisa ukuthi umnotho awushayeki kakhulu ngenxa yobhubhane, ugcine engaphumelelanga. Izazi kwezomnotho zithi okwenzeke kuleli lizwe kwagcina eminyakeni engama-40 edlule ukuthi umnotho ushayeke ngale ndlela.
Izinhlelo zokhetho olulandelayo seziqalile, kodwa iqembu eliphikisayo lisayilwa olwemiphumela yokhetho lwangowezi-2019 okwenza uNdunankulu uJugnauth athole isihlalo eNkantolo Enkulu. Usopolitiki uSuren Dayal usamile kwelokuthi ukunqoba kwakhe kwakuhambisana nenkohlakalo. Kukhona ukukhukuma okuthi ukhethi oluzocacisa ngolhulumeni bezindawo okubhekeke ukuba lubanjwe ngoNdasa nonyaka.
Abasondelene naye bathi usenkingeni ngempela ngoba sekube nezikhathi lapho enxenxa khona abamaqembu aphikisayo ukuthi basebenzisane njengoba ubudlelwane bakhe nabanye abedla ngankezonye nabo buya ngokushuba.
Amaqembu ahlehlelwa izikhuni.
Iqembu elibusayo i-Alliance Morisien akubuzwa ukuthi seliqala ukuhlehlelwa yizikhuni. Lokhu kuthiwa kudalwa ingxabano eshisa phansi phakathi kukaJugnauth noyisekela lakhe kuHulumeni u-Ivan Collendavelloo. Le ngxabano isiholele ekutheni uJugnauth aqale izingxoxo nomholi weqembu eliphikisayo iLabour Party uNavin Ramgoolam.
Akwaziwa mbhantshi kujiya ngalezi zingxoxo, kodwa okusobala ukuthi naye uRamgoolam izinto azimhambeli kahle selokhu iqembu lakhala ngaphansi okhethweni lwangowezi-2019. Lo mholi oke wahlaselwa kabi ukhuvethe usedonsa kanzima kwazise useneminyaka engama-74 okwenza nozakwabo abaholayo bangamgqizi qakala.
Elinye iqembu eliphikisayo izinto ezingalihambeli kahle iMauritian Militant Movement, eliholwa uPaul Berenger. Leli qembu likhungethwe yizinkinga zangaphakathi. Kukhona ababona intuba yokuthi hleze bathathe uholo kula maqembu.
Omunye wabo uBruneau Laurette owazakhela udumo ngokuba isishosshovu sezemvelo ngesikhathi sesibhicongo saseWakashio, wagcina ngokusungula iqembu lakhe ngoNdasa ukwenza “ izinguquko nezinhlelo ezintsha”
UHulumeni waseMauritius usabhekene nokuningi okuhlanganisa ukubuyisla umnotho esimweni owawukuso ngaphambi kokhuvethe. Okuyizindaba ezithokozisayo kubavakashi ukuthi uhlelo lokugomela ukhuvethe luhamba kahle futhi sekuginywe abantu abayingxenye yokubili kokuthathu. Leli lizwe likwazile ukuvula imingcele yalo ezinyangeni ezine ezedlule.
Ezokuvakasha eMauritius zenza ingeniso elingama-10% weGross Domestic Products nemisebenzi engama-20%. Noma isibalo sabavakashi singakafinyeleli ndawo uma kuqhathaniswa nangesikhathi lungakahlaseli ukhuvethe, kepha likhona ithemba, njengoba izindiza ezihamba phakathi kweMiddle East ne-Asia sezabuyela ekundizeni. I-Europe iyona enengeniso enkulu emnothweni waleli lizwe, kanye nezindiza i-Air Belgium iqale umzila omusha phakathi kwayo naleli lizwe ngoLwezi wezi-2021.
Ukubuyisa isithunzi
Leli lizwe libheke kakhulu emazweni asentshonalanga. Abatshalizimali base-India sekuneminyaka bezinzile eMauritius kanti muva nje sekungene nabaseChina. ukufika kwalaba batshalizimali sekwenze isimo sangcono kakhulu kwezezimali eMauritius.
Kuzokhumbuleka ukuthi leli lizwe kuthe ngonyaka wezi-2020 lafakwa ngaphansi kohlelo olubizwa ngeFinancial Action Tax Force (FATF) kanye ne-European Union (EU) ohlwini lwamazwe okungamele abhekelelwe. Kube yizindaba ezize kahle ukukhishwa kwalo kulolu luhlu ngasekupheleni konyaka odlule.