Now Reading
UBukhosi neSishayamthetho sabantu
Dark Light

UBukhosi neSishayamthetho sabantu

Njengomlondi wamasiko nenqubo kaZulu, okulethwa yiSILO kunezingxabo ezikhomba ukuthi isiko lisebenza kanjani njengomnyombo wobumbano emphakathini kanjalo nangobufakazi obubambekayo bezimiso eziwusinga oluhlanganisa imiphakathi ezikhathini eziguquguqukayo.
Omdala ulokhu ekhomba indlela futhi ngaphandle kokugudluka ezimisweni zangunaphakade eziyisisekelo okwakhiwele kuso isifundazwe nezwe: isiko, inhlonipho, ubuhlakani nokwahlukana.

Ngakolunye uhlangothi, iSishayamthetho siyinkundla yabantu. Kulapho abaholi abavela kuwo wonke amaqembu behlangana khona ngobuhle. Wonke umuntu lapha usuke ethathe isifungo sokuthi uzoba ngasohlangothini lwabantu. Laba baholi besifazane nabesilisa abaqokelwe eSishayamthetho, bayisandla sokuphosa kwezakhamizi.

Yibo abakha babuye beluse inqubomgomo. Uma bekule Ndlu basuke bethathwa ‘njengezwi labantu’, yikho negama libalandela ukuthi nje bangamalungu ahloniphekileyo ngoba ngezenzo baqinisekisa ukuthi baba yisibonelo ekwenzeni okuhle enkonzweni yesizwe.

Akudingi ukuba ube ngungoti ukwamukela ukuthi ngesikhathi esikuso uBukhosi neSishayamthetho buyadingana. Ngesikhathi lapho isifundazwe sigubuzelwe yizingqinamba ezifana nokuswelakala kwemisebenzi, ukwehla kwezimilo kubantu nokubulawa kwabesifazane, uBukhosi neSishayamthetho bungaba yimpendulo, kanjani na? Izwi leSILO linamandla kanjalo neleSishayamthetho esibumbene kungadambisa imililo, kuhlumelelise ithemba emphakathini waKwaZulu-Natal.

Zombili lezi zinhlaka zingezabantu, zimele abantu ngakho kuzuza abantu uma zisebenzisana. Uma sethula inkulumo yaso yokuvula, ISILO njalo sigqugquzela ukusebenzisana phakathi kwezinhlaka zoBukhosi noHulumeni. Kanjalo cishe bonke oSomlomo uma benanela inkulumo yoNgangezwe Lakhe, egameni leSishayamthetho bazibophezela ekusebenzisaneni kwazo zonke izinhlaka.

Kubantu baKwaZulu-Natal lomoya wokusebenzisana uletha ithemba. Ilungelo lokuthola ulwazi njengoba kubekwe kuMthethosisekelo kwabuye kwafikwa nasemthethweni alimqoka kuphela ekugqugquzeleni uHulumeni onezibophezelo nowedemokhrasi lapho amandla esebenza ngokufanelekile futhi livuleleke emphakathini ukuba ulicubungule.

Libuye libe semqoka ngoba lilumbana namanye amalungelo. ISigaba 118 (1) soMthethosisekelo sihlinzeka umphakathi ukuba ukwazi ukuxhumana neZishayamthetho Zezifundazwe futhi ukwazi ukubandakanyeka ekwakhiweni kwemithetho.

ISishayamthetho saKwaZulu- Natal kusuka ngonyaka we-1994 besilokhu siqinisekisa ukuthi ilungelo lokwazi lezakhamuzi liyavikeleka. Lokhu besikwenza phakathi kokunye ngokuba nezithangami lapho amalungu omphakathi abeba yingxenye yezethulo noma elalela amalungu eSishayamthetho ekhuluma ngokwakhiwa kwemithetho. Okunye okuyingxenye yokuxhumana nemiphakathi wukutshalwa kwamaHhovisi aziwa ngokuthi ngamaConstituency Offices nasabalele sonke isifundazwe iKwaZulu-Natal.

See Also

Ubumqoka bala maHhovisi wukuthi kawakhelwe iqembu thizeni kepha enzelwe ukuthi zonke izakhamuzi zazi ngokwenzakalayo eSishayamtehtho kanjalo nethuba lokuxhumana nalabo abashaya umthetho nababavotelayo.

INkunzi isematholeni
ISishayamthetho sinamalungu angama-80 navela kuwo wonke amaqembu. Leli yibutho lamalungu elihlanganise izinhlanga ezehlukene kanti futhi lixube abadala nabancane neminyaka nokwenza kube nemiqondo eyahlukene nenhlobonhlobo.

Likhomozwa nguNks uNontembeko Boyce, uSomlomo kanye noMnu Themba Mthembu oliSekela Somlomo. Okuncomekayo ngamalungu eSishayamthetho wukuthi intsha isingenisile kulo mlenze weminyaka emihlanu. Cishe wonke amaqembu abonakalisa ukuthi ayakholelwa ebuholini bentsha.

Ephawula ngokungenisa kwentsha eSishayamthetho, uSomlomo, wathi: “Sibonile ngokwedlule, ikakhulukazi ngeSishayamthetho Sesihlanu, ukuthi idemokhrasi yethu isiyabonakala iqhutshwa futhi ilekelelwa isizukulwane esisha sabesifazane nesabesilisa okuyisona okubekwe kuso ithemba lekusasa elingcono futhi esisebenza singakhathali ukufeza amaphupha ekusasa laso. Lezi zakhamuzi manje ziyingxenye yezinkumbi zababamba iqhaza eseziphapheme futhi ezicubungulayo kukho kokubili kuSishayamthetho nasezinhlakeni zokuhlinzeka izinsiza Okusobala wukuthi lena yiNdlu enombono ephokophele ukwenza ngcono impilo yabantu baKwaZulu-Natal kungakhathalekile ukuthi bakuliphi iqembu. Le yidemokhrasi uqobo lwayo kanti futhi okuhle ngayo ayikwexwayi okomdabu, okuyizinkomba zezwe eliwuthingo lwenkosazane.”

Scroll To Top