Umhlaba ugxeka amasosha ngokudla umbuso eBurkino Faso
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UHulumeni waseNingizimu Afrika usube phakathi kwabanye bamazwe abagxeke isenzo sombutho wezokuvikela eBurkino Faso sokubhuqula umbuso kwathunjwa izikhulu zikahulumeni noMengameli uRoch Kaboré ezinye zalifulathela izwe. Ukuphawula kwelakuleli kulandela okunye ukugxeka okwenziwe iNhlangano Yezizwe ngokukhishwa kukahulumeni okhethwe ngabantu umbuzo udliwe ngehheshe amasosha.
UHulumeni wakuleli uthi amasosha kumele abuyele ezinkanjini, kube yiwo abuyisa uzinzo kuleliya lizwe. Esitatimendeni soMnyango WezokuXhumana Namazwe Angaphandle esikhishwe ngesandla somkhulumeli wayo iClayson Monyela sithe bahambisana ngokugcwele nokushiwo inhlangano yamazwe asenhla nezwekazi i-Economic Community for West African States (ECOWAS), sokuthi amasosha kumele ahlale phansi neziphathimandla zezwe kulungiswe ukungaboni ngasolinye okukhona.
“Akusoze kwatholakala isixazululo ezintweni eziyimibango uma kuzoxoxwa ngesibhamu, okudingekayo izingxoxo ngoba yizona kuphela ezingakwazi ukuqhamuka nesisombululo esiyoba ngesangunaphakade,” kusho uMonyela esitatimendeni.
Eqhuba uthe kumele ukuchitheka kwegazi kugwenywe ngazo zonke izindlela, yingakho uHulumeni waseNingizimu Afrika ekuchitha ukubhuqulwa kombuso noma ngabe kwenziwa yiluphi uhlangothi ngoba kubuyisela emuva konke osekwenziwe kwidemokhrasi kubambezele nentuthuko yezwekazi. Ukuqhuma kwenganono ezingxenye ezihlukene zeBurkino Faso kuqale ukuzwakala ngempelasonto edlule.
NgoMsombuluko amasosha amemezele esiteshini sethelevishini sombuso ukuthi asewuketulile umbuso abe esehlakaza uhulumeni nephalamende. Amasosha athi afinyelele kulesi sinqumo ngoba kungahlangabezwana nezimfuno zawo, phakathi kokunye abefuna kuxoshwe osigaxamabhande embuthweni wezokuvikela, aphinde anikwe nezinsiza ezizowalekelela ekulweni namaphekula e-Islamist aqala ukuhlasela kuleli lizwe ngonyaka wezi-2015.
INhlono yeNhlangano Yamazwe Asezwenikazi i-African Union uMnu uMoussa Faki Mahamat uchaze okwenziwe amasosha njengesenzo esingamukelekile. Uthe kumele umengameli angahlukumezeki kulokhu futhi kudedelwe nongqongqoshe abathunjiwe kuhlalwe phansi kuboniswane.
I-ECOWAS ithe ukuphalala kwegazi nokulinyazwa kwempahla iyokubeka ezandleni zamasosha okumele engabe yiwona asekhaleni lkuvikela izwe nengqalasizinda yalo. Izolo abantu bagcwale ezitaladini enhlokodolobha i-Ouagadougou, bebhiyozela ukuqunjwa kukahulumeni.
Abantu balapha bathi okwenzekile abakuthathi njengokubhuqulwa kombuso, kodwa kubona kusho ukufika kwenkululeko. “Ngokwethu asiboni lutho olonakele, kufana nje nokuthi kulungiswa lapho konakele khona,” kusho uthisha wendawo uJulienne Traore ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu
Ungubani odle umbuso
Emuva kokuzwakala kwezindaba zokuthi umbuso usuwele ezandleni zamasosha obesekhaleni lokuwuqumba phansi akachithanga sikhathi wase etshela isizwe ukuthi sekunguye ophethe.
ULt-Col Paul-Henri Sandaogo Damiba isosha elaziwayo elaqeqeshwa e-United States of America naseFrance kwezempi. Uzibeke njengomengameli emuva kwamasonto amathathu egubhe usuku lakhe lokuzalwa ehlanganisa iminyaka engama-41. Edlubhe wonke umfaniswano wezempi uDamiba utshele isizwe ukuthi kungekudala uzomemezela izinguquko ezinqala ezweni. Ungowokugcina ukudla umbuso ezwenikazi okufakazelwe okwashiwo iNhloko ye-United Nations ngonyaka odlule u- António Guterres akuchaza “njengokhuvethe” olukhungethe i-Afrkika ukuqunjwa phansi kwemibuso.
Ubalwa nabancane abaphumelele ukuqumba phansi imibuso emazweni abo okukhona kubo owaseGuinea uMamady Doumbouya, owazalwa ngowe-1981 no Col Assimi Goïta, waseMali owazalwa ngowe-1983. Labo sigaxamabhande abangafunwa nalapho behambe khona ngamazwe aseNtshonalanga, emazweni abo abacoshi phansi ngoba bathathwa njengababuyisi bekwe kumakoloni. Wonle lamazwe ayengaphansi kweFrance, kanti omengameli abakhishwa kuwo bebengapheli kuleliya lizwe beyocela usizo.
Ukuqhuma kwenganono
Kuzwakale ukuqhuma kwezibhamu ezinkanjini zamasosha ngesikhathi amasosha adle umbuso efuna ukwesekwa okwengeziwe ekulweni kwawo namaphekula amaSulumane futhi ababhikishi bagqekeza ikomkhulu leqembu likaMengameli uKabore. Ngaphambi kokuketulwa kombuso uHulumeni waseBurkino Faso ukhiphe isitatimende ethi abantu abehlise amaphaphu ephika nokuthi ikhona inhlese yokungahambi kahle kwezinto ezwe. UHulumeni ubephika izinsolo ezinkundleni zokuxhumana zokuthi amasosha athathe izintambo noma ambophile uKabore.
Umkhulumeli wabavukeli uthe bafuna izinsiza ezifanele kanye nokuqeqeshwa kwamasosha ekulweni nezidlamlilo ezixhumene ne-al Qaeda kanye ne-Islamic State kanye nokusula kwamasosha nezinduna zezobunhloli.
Ukukhungatheka ezweni laseNtshonalanga Afrika elikhiqiza igolide kukhule ezinyangeni ezisanda kwedlula ngenxa yokuwohloka kwezokuphepha. Ukushona kwamaphoyisa ezempi angama-49 esigamekweni sokuhlasela ngoLwezi kwadala imibhikisho enodlame yasemgwaqweni ethi uKabore ehle esikhundleni. Ababhikishi emigwaqweni yenhlokodolobha i-Ouagadougou ngeSonto banxuse amasosha ukuthi aqhubekele phambili, becula “Khulula izwe!” Ukuvukela umbuso kugcizelela usongo olubangelwa ukwanda kwezihlubuki zamaSulumane endaweni yonke yaseNtshonalanga Afrika iSahel, indawo ewugwadule engaphansi kogwadule lwaseSahara.
Amasosha athathe izintambo zokulawula izindawo eziningi eBurkina Faso nakomakhelwane bayo, iMali kanye neNiger. Kwezinye izimo, baphoqa izakhamuzi ukuthi zihambisane nencazelo yazo eqinile yomthetho wamaSulumane. Ukuqhuma kwesibhamu okunamandla kuzwakale okokuqala ngeSonto ekamu lase-Ouagadougou eSangoule Lamizana, okuhlala ijele eliboshwe neziboshwa ezihlanganisa amasosha abandakanyeka esigamekweni esingaphumelelanga sokuketula umbuso ngowezi-2015, nglesi-5 ekuseni, kusho izintatheli zeReuters.
Kamuva amakhulu abantu aphuma esekela abavukeli. Enkanjini yaseLamizana, lapho isixuku sabantu ababalelwa ku-100 sicula iculo lesizwe sicula, amasosha asabela ngokudubula emoyeni. Bekungakacaci noma lokhu bekuhloselwe ukukhombisa ukweseka ababhikishi noma ukubahlakaza. Enkabeni yedolobha i-Ouagadougou, ngasePlace de la Nation, amaphoyisa aqhumise isisi esikhalisa izinyembezi ukuhlakaza ababhikishi ababalelwa ku-300. Amasosha aphinde adubula emoyeni esikhumulweni sezindiza esiseduze kwase-Ouagadougou International Airport, ngokusho kwezintatheli zeReuters.