Now Reading
Imibuzo ngokuhluthulwa ugesi kukaNgalonkulu
Dark Light

Imibuzo ngokuhluthulwa ugesi kukaNgalonkulu

Iphupho lakhe kwakuwukuba unjiniyela ovelele kuleli ecabanga ukuthi ukuthola kwakhe umsebenzi kuMasipala iMbizana e-Eastern Cape kuzomvulela amathuba okufezekisa leli phupho kanti akunjalo.

Kulo msebenzi abeqashwe kuwo njengonjiniyela kagesi yilapho uMnu uNjongo Ngalonkulu alimala khona, wanqamuka ingalo nomlenze okwaholela ekutheni abe ujika nesihlalo ehhovisi ngoba engavumelekile ukusebenza ngaphandle ngenxa yesimo sakhe. 

UNgalonkulu walinyazwa ugesi esemsebenzini ngowezi-2014 enezinyanga ezimbili ethole lo msebenzi. Ngosuku alimala ngalo kwahamba ugesi idolobha lonke kwaphoqeka ukuthi athathe iloli elinento yokugibela esigxobeni sikagesi ayobheka ukuthi ikuphi inkinga. Uthe kwathi esabheka kwenye indawo khona edolobheni kwakhona omtshela ukuthi ubone iloli elishayise isigxobo sikagesi ngasesitolo sakwaSpar edolobheni.

Uthe waya kuleyo ndawo kodwa efika khona akuzange kubhekwe ukuthi ngabe zicishiwe yini izintambo ezihambisa ugesi kunalokho watshelwa ngomlomo njengoba kwakufanele kwenziwe naye ekhona. 

Uthe esasebenza kwabakhona okhuphula iswishi enganikwanga igunya lokwenza lokho kwazi nguye okufanele atshele abanye ukuthi bayinyuse ngokuthi axhumane nomphathi wakhe nabanye onjiniyela bakwa-Eskom.

UMnu Ngalonkulu uthi akuphelanga sikhathi esanda kuqeda ukushintsha ayekushintsha wezwa into enamandla imshaya wawela elolini.

“Ngokomthetho umphathi wami uMnu uVuyani Mqina kwakungafanele ahlukane nami ngisaphezulu futhi kwakumele akhiphe umyalelo wokukhushulwa kweswishi eseduze kwami ebona ukuthi ngiphephile kodwa akakwenzanga lokho wanquma ukuwukhipha engaxhumananga nami ngase ngiyalimala,” kusho uNgalonkulu. 

Uthe wayecabanga ukuthi ushaywe umlilo wenjini yakwaSpar ngoba yayiduma akacabanganga ukuthi kube okagesi osuka kwabanye onjiniyela ngoba bayawazi umthetho futhi baqeqeshiwe ukuthi balinde umyalelo ovela kuye.

Uthe emveni kwesikhathi esesibhedlela eThekwini washayelwa ucingo omunye wakwa-Eskom ababesebenza naye uMnu uThole ebheka impilo.

“Ngathi ngisamxoxela ngendaba yenjini yakwaSpar wangitshela ukuthi kayikho leyo nto kepha uyena owanyusa iswishi ngokomnyalelo kaMqina ongumphathi wakhe” kusho uNgalonkulu.

UThole wethula ubufakazi obaqoqwa uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu e-Eastern Cape ngokwenzeka ngoba nabo babecabanga ukuthi uMqina uxhumane noNgalonkulu njengesisebenzi sakhe.  

UNgalonkulu uthe kulo Mkhandlu inkulu ingcindezi abasebenza ngaphansi kwayo njengoba bengenazo izimpahla zokuzivikela kangangoba ukuba wayezigqokile wayengeke alimale ngale ndlela. 

Uthe kwakungekho ngisho umshini wokubheka isimo sikagesi iMV Tester nezintambo ezibizwa nge-earth ezikwazi ukuvimba umlilo oza ngesivini.

Uthe lezi zintambo kazikabibikho namanje eseneminyaka engaphezulu kweyisihlanu alimala. 

Uthe yaba buhlungu indlela aphathwa ngayo uMasipala esesibhedlela ungazimisele nokumkhokhela izindleko zesibhedlela njengoba esinye ayekuso eThekwini, iSt Augustine, sake sasikaza ukumkhipha. 

“Okubuhlungu kalikho ithimba elizimele elaqokwa ukuthi liphenye lolu daba kuze kube yimanje njengoba kwenziwa kwabanye uma uMkhandlu ubhekene nodaba lwezisebenzi nokuphenya izindaba zangaphakathi njengoba nabakwa-Eskom bengakufihlanga ukuthi uMqina owabanika igunya,” kusho uNgalonkulu. 

Izincomo zoMnyango ezenziwa emuva kokukhononda kukaNgalonkulu ngowezi-2018,  iBAYEDE enazo, ziyakuveza ukuthi buningi ubudedengu obenziwa uMkhandlu.

Kusolwa ukuthi ithimba langaphakathi elaliqokiwe ukuphenya lolu daba elalihlanganisa uMnu uZS Jolimali noMnu uMS Mngomeni, abangasekho, uMnu uMdingi osesebenzela uMnyango eBisho kanye noMnu uT Dlamini kalizange libenze ubulungiswa lalidukisa ngoba umbiko walo wawukhuluma ngenjini yakwaSpar yize onjiniyela bakulesi sitolo bakhipha umbiko nobufakazi bokuthi kakukho okwakungalungile ngayo futhi kungekho nokuqhuma okwenzeka kuyona.   

Umbiko wezezimali wonyaka wezi-2014/2015 nowezi-2015/2016 uveza ukuthi lo Mkhandlu awukaze uzithenge izimpahla zezisebenzi zokuzivikela. 

Izincomo ziqhuba zithi abantu okufanele babe sendaweni okulungiswa kuyo ugesi kufanele kube abawufundele umsebenzi yize kunezinsolo zokuthi uMqina akanaso ngisho isitifiketi sezinyanga eziyisithupha sikagesi. 

Kuthiwa yingakho uMkhandlu umanqikanqika ukuthobela izincomo zoMnyango ngoba kufihlwa amahlazo azovela ngokuthi waqashwa kanjani uMqina kulesi sikhundla enebanga leshumi lemfundo futhi ehola imali engaphezu kwezi-R40 000. 

UMqina uthe ngeke akhulume ngodaba lwakudala oselubuya ezinkantolo, abanelungelo lokwenza lokho abaphathi boMkhandlu. 

See Also

IMeneja kaMasipala uMnu uLuvuyo Mahlaka ayiyiphendulanga imibuzo eyithunyelwe yiBAYEDE ngoba ithi lolu daba luseNkantolo Enkulu eMthatha futhi akukuhle ukuthi bakhulume ngalo emaphephandabeni. Ubebuzwa ngemfundo kaMqina nokuthi kungani engathathelwa izinyathelo kuphenywe kulandelwe izincomo zoMnyango. 

UNgalonkulu uqhubekile nokuthi yinto abacasha ngayo ukuthi udaba lusenkantolo. 

“Indaba yasenkantolo yayikhuluma ngezimfanelo okwakufanele ngizithole hhayi indaba yokuhlukumezeka kwami nokuvikela kwabo umphathi wami owazama ukucasha ngokuthi ngilinyazwe yinjini kodwa azi kahle ukuthi wenzani yena,” kusho uNgalonkulu. 

Ukhala ngokuthi uthola ukuhlukumezeka okukhulu emsebenzini, kuphoqeleke ukuba abike konke akwenzayo kuyena lo mphathi abangaboni ngasolinye ngokulimala kwakhe. 

Uthe akugcinanga lapho nangesikhathi esesibhedlela uMkhandlu wawumanqikanqika ukukhokhela izindleko zodokotela njengoba isibhedlela iSt Augustine’s saze safuna ukumkhipha engakalulami kwagcina sekungenelela umndeni wakhe owabhalela ihhovisi lowayenguSomlomo woMkhandlu noseyiMeya manje uNkk uDaniswa Mafumbatha. 

Ethintwa uNkk uMafumbatha uluphendulile ucingo kuzwakala ukuthi usemhlanganweni ngoba ubekhulumela phansi. Nokho akawuphendulanga umqhafazo awuthunyelelwe. 

Usola ukuthi kunabamfuna efile

Uthi yinto engafihliwe ukuthi ziningi izikhulu ezingeneme ngokubakhona kwakhe kulo Mkhandlu ngoba akesabi ukuveza amahlazo awo.

“Ngikusho lokhu ngoba ngihlale isikhathi esingangonyaka nezinyanga ezine ezibhedlela ezahlukene KwaZulu-Natal kodwa kakukho noyedwa owakhe wangivakashela,” usho kanje. Uthe kuthe esesesibhedlela sasePitoli i-Acacia Netcare kwakhishwa izisebenzi zoMkhandlu ukuthi ziyombona zakhokhelwa izindleko zebhanoyi nehhotela elaliseduze nesibhedlela kodwa esezithinta zamtshela ukuthi sezihambile sekukhona okuphuthumayo emuva. 

“Ngaxakeka ngoba ababekuzele akwenzekanga ekubeni sekuchithwe imali yoMkhandlu,” usho kanje.  

Okhulumela uMnyango esifundazweni, uMnu uMamkeli Ngam, uthe lolu daba sebeludlulisele ezandleni zikaMphathiswa ukubheka ukuthi kwenzekani ngalo yize naye engawephendulanga umbuzo othi kungani bengazilandelanga izincomo ezethulwa yihhovisi labo ukubheka ukuthi kwenziwe ngempela abakushilo ngamaphutha oMkhandlu.

Scroll To Top