UZulu neNdlunkulu endaweni abangeyejwayele



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kuleso naleso sizwe siyafika isikhathi sobuqhawe kanjalo nenala. Kanti khona lapho siyafika isikhathi sokudideka nezinselelo. Akuyona imfihlo ukuthi iNdlunkulu kaZulu kanye noZulu qobo namuhla basendaweni abangayejwayele.
Ukuphakama kanjalo nokuhlonishwa kwalesi sizwe esingekho nje kuphela emingceleni yendawo namuhla eseyaziwa ngokuthi kuKwaZulu-Natal kepha amadodana namadodakazi aso enabele cishe kuwo wonke amagumbi amane omhlaba kusengcupheni. Lesi simo esingejwayelekile sidalwe wukwebuza koMdala, ISILO.
Empeleni kulula ukuchaza lokhu kudideka, okokuqala nje isidalwa esingumuntu siyalwesaba uguquko noma ngabe lenzeka kuso noma kulokho okulizungezile.
INdlunkulu noZulu nabo bangabantu. Banakho ukwesaba lokho abangakwaziyo, ukwesaba ukuthi engabe ngale koMdlokombane bayobe bekuphi. Lokhu njengoba ongoti bengqondo beke bachaze kwejwayelekile.
Okunye okungaba zizathu yiqiniso lokuthi kuyeqala ukuthi emuva kweminyaka engama-50 uZulu neNdlunkulu ungabi naye ngokwenyama loyo oyinhloko yesizwe neNdlunkulu nobeyiSILO.
ENdlunkulu nasesizweni namuhla kukhona izizukulwane ezintathu kuya kwezine. Lezi zokuqala ziyashabalala kusala lezi ezimbili. Kanti kulezi ezimbili nakhona kababaningi ababekhona mhla kuba mnyama ezweni kuhamba uBhusha.
Ababaningi eNdlunkulu nakhona esizweni. Lokhu kwenze uma liba mnyama kwebuza ISILO bangabi baningi abakwazi ukuwelisa iNdlunkulu nesizwe kuleso simo. Okuphinde kwaqedela kube wukuvuka kokungaboni ngasolinye eNdlunkulu kungakapheli zinsuku zingaki esithele oMdala.
Osekuyishwa wukuthi ukwehlukana okuqale eNdlunkulu sekunabele nase sizweni njengoba sekuzwakala ezinsizweni nakubantu jikelele. Ukungena kwecala elifakwe nguNdlunkulu uMaDlamini oseSigodlweni sakwaKhethomthandayo neligcine selizala kuqophe umlando omusha nokungekho ukungabaza ukuthi uyoxoxwa zizukulwane.
Bambalwa abangaphikisa ilungelo lakhe lokuya enkantolo njengesakhamuzi uNdlunkulu nokho baningi ababuza imibuzo ukuthi ngabe bese ‘kukubi ngaleyo ndlela yini’ ukuthi indawo yokugcina okuyinkantolo kube yiyo eyokuqala.
Abukho ubufakazi ukuthi yona iNdlunkulu ngokwezigaba zayo ike yazinika isikhathi sokumuzwa noma yena qobo azinike isikhathi sokuyibikela ngalokho akhala ngakho. Okwaziwa ngumhlaba wonke wukuthi sekunecala.
Iningi labaphawula ngaleli cala abezindaba, ongoti kanjalo nabantu jikelele akubukeki bezinike isikhathi sokuqonda ngalo nomphumela walo. Okube phambili kwabanye wukuthatha izinhlangothi.
Akakabibikho obuza umbuzo ukuthi engabe leli cala namanye asegqogqoshe kulo lizoba namphumela muni kuZulu nakuso iSihlalo uqobo.
Akekho othi ukuya enkantolo kuyekwe izinhlaka zekhaya nesizwe kuzosho ukuthini kuZulu kuya phambili. Nokho iqiniso lithi siqalo sisekuqondeni ukuthi lithini icala, ngobani abalifakile, abalimele kanjalo nalokho okuyofunwa enkantolo.
Ukufunda yonke imiqulu esenkantolo kuyasidweba isithombe esithi noma ngabe sithini isinqumo secala kepha uZulu lo wayizolo nanamuhla ngeke asefana naloyo wangale kwesinqumo secala.