Now Reading
Izibongo zamaqhawe omlando kaZulu
Dark Light

Izibongo zamaqhawe omlando kaZulu

Izibongo zikhomba ukubongela into ethize ngokwakha inkondlo ngayo. Uma umuntu ebongela okuthize imizwa yakhe isuke ithintekile ngalokho akubongelayo. Abantu abaqave ngokuthile yibona abavame ukubongelwa noma ukunikwa izibongo. Kukhona izibongo zamaqhawe nezibongo zabantwana namakhosi kanye nezibongo zezinsizwa nomame abathile. Nokho izibongo zomame azandile.

Ngaphandle kwezibongo zabantu, kukhona nezibongo zezilwane njengezinkomi nje. Kanti nezinto ezinye zokuthutha nezikhali kungazithola izibongo. Nokho-nje asizukungena kulolo hlobo lwezibongo kule ncwadi. Kulesi sihloko sizodingida izibongo zamaqhawe omlando esizweni samaZulu.

UMzilikazi kaMashobana

Isizwe sakwaKhumalo sabe sakhelene naso esakwaNdwandwe. Isizwe sakwaKhumalo wasinqoba uZwide. Lesi sizwe sabe sakhe phakathi kwallongoma neFilidi sibuye sibe phakathi kweBabanango neNquthu. Kwathi ukuba isizwe sakwaKhumalo sinqotshwe nguZwide sacasha ngaphansi kukaShaka.

Umlando wesizwe sakwaKhumalo uncike kakhulu kuMzilikazi kaMashobane. UMzilikazi waba yiqhawe elikhulu ngaphansi kukaShaka. UShaka wamhlonipha uMzilikazi ngokuthi noma engaphansi kwakhe nje aziphathele isizwe sakwaKhumalo. Nokho-ke uMzilikazi wabe engumholi welinye lamabutho kaShaka. UMzilikazi wabe enendawo enehlathi eliyinqaba. Leli 

Hathi kwabe kungelaseNgome lakhelene negquma nab elenile, elinehlanze. Leli gquma lalibizwa kuthiwe kuseNtubeni. Kwathi ngonyaka ka-1823, uMzilikazi wamhlamuka uShaka, wakhukhula nezinkomo zikaShaka walibangisa eNyakatho nabalandeli bakhe bafika endaweni okwathi kamuva kwathiwa iSouthern Rhodesia, manje osekuthiwa iZimbabwe, wafika lapho wakha umuzi ethi kukaBulawayo, elingisa igama lomunye umuzi weSILO sakwaDukuza. UMzilikazi waba ngumholi wesizwe sakhe esagcina sesaziwa ngokuthi ngamaNdebele.

Kwathi ngokuba ahambe uMzilikazi kwasala uBheje nabanye bakwaKhumalo. UBheje wabe edume kakhulu ngokuthatha izinkomo zabantu ayozifihla ehlathini laseNgome. Yena-ke wayebe esecaca ngendledlana encane engenela emhumeni osehlathini. Ingathi noShaka wake wazama ukuthi amkhiphe uBheje kuleli Hathi kodwa nokho kwaba lukhuni.

UMzilikazi kwathi noma ekhonze kuShaka, uShaka wamnika igunya lokuthi naye abe yinkosi yesizwe sakwaKhumalo nezinye izizwana ezazakhelene nabakwaKhumalo. Empeleni uMzilikazi wayengaconsi kuShaka. UShaka wabe emkhonzile uMzilikazi exoxa naye ngokukhululeka. Mhlawumbe lokhu kwenziwa ukuthi uShaka wake wathandwa intombi yakwaKhumalo, uMonase. Ngoba-ke uShaka wayengafuni bantwana wabela uMpande yena uMonase ukuba amzalele. Nangempela wazala uMbulazi. Njengoba sekushiwo uMzilikazi wabe enendawo enehlathi eliyinqaba, ihlathi laseNgome. Ezibongweni zakhe liyaphathwa ihlathi laseNgome:

UNkomo zavul’ inqaba ngempo, Ngoba zavul’ iNgome zahamba.

Ngenkathi uMzilikazi ekhukhula eya kwelasenhla wayehamba enqoba izizwana. Nalapho akha umuzi wakhe khona, uBulawayo wagxosha izizwe zabeSuthu. Nazi-ke izibongo

UMkhatshwa wawoZimangele, Okhatshwe ngezind’ izinyawo, Nangezimfushane;

Wal’ ukudl’ umlenze kwaBulawayo. Inkubel’ abayihlabe ngamanxeba.

See Also

UNkomo zavul’ inqaba ngezimpondo, Ngoba zavul’ iNgome zahamba. Inyanga bath’ ifil’ uZulu,

Kant’ ithwasile

Ithwase ngoNyokana kaMpeyana.

Inkom’ evele ngobus’ erndibini.

Ubando abalubande balushiy’ uZulu. UNyama yentini, yawoZimangele, UNtshwintshwi kalloyanda kaNdaba. Inkom’ ethe isagodla, yeluleka.

  Lombhalo ucashunwe encwadini  kababa uJ.B Hlongwane ethi “AMAVA OHLANGA”

Scroll To Top