Now Reading
UZondo, amazondo nombiko wekhomishana
Dark Light

UZondo, amazondo nombiko wekhomishana

INingizimu Afrika kayiqali ukungena emlandweni ngokwenza into eyehlukile. Ngonyaka we-1996 leli lizwe lahamba inyathuko entsha neyamangaza abantu abaningi, empeleni abaningi babe ngakholwa ukuthi kuyoba nemiphumela etheni. Ngalowo nyaka elakuleli lamemezela ukwethulwa kweTruth and Reconciliation Commission (TRC) neyabe izoholwa nguSobaba uTutu. Le Khomishini yabe ibekelwe ukuba ibe ngesinye sezithako ekwakheni izwe elisha ngokuba lipholise amanxeba. Into eyabe ifuneka lapha yinye nje kuphela iqiniso.

Nanamuhla kusanenkulumo mpikoswano ekutheni ngabe le Khomishini yakwazi yini ukukwenza lokhu. Ukudlula emhlabeni kukaMengameli wokugcina wombuso wamaDlagusha uMnu uDe Klerk kuvuse imibuzo njengoba lomholi uze wahamba engakuvezanga konke okwakwenzeka ngaphansi kukahulumeni wakhe. Kunalokho enkulumweni ayethule kuleli sonto emalungwini ePhalamende, loyo oyiNhloko yeNational Director of Public Prosecution (NPA) u-Adv uShamila Batohi ibukeka ifakazele labo abathi iKhomishini kaTutu yabe ilichopho nje lokugeza izigilamkhuba. U-Adv uBatohi uvumile ukuthi kuzokwenzeka ukuthi iningi lamacala enzeka ngezikhathi zobandlululo nayephenywa yiTRC angashushiswa.

Ukusho nje lokhu wonke amehlo athe njo embikweni kaMehluleli uZondo ohola iKhomishini ephenya ngezinsolo zokugwamandwa kombuso. NgokoMqulu kaHulumeni kulindeleke ukuba uZondo anikeze uMengameli wezwe umbiko wakhe mhla lulu-1 kuMasingana ngowe-2022. Kwenzeka lokhu nje uZondo ubelulelwe isikhathi njengoba kwakumele alethe umbiko ngoMfumfu nonyaka.

Kulindelekile ukuthi umbiko kanjalo nezethulo zikaZondo zihunyushwe kabili; kukhona abazozihumusha ngokomthetho bese kuba khona labo abayobona ‘inhlese’ yepolitiki kuwo. Kulabo bomthetho kuyobe kubhekwa izikhala lapho kungabekwa khona amacala labo abathintekayo.

Omunye walabo nguye u-Advovate Batohi. Ephawula ngamacala angahle aqhamuke ethathisela kumbiko kaZondo uthe:
“Siqhubeka, kuzoba nenqwaba yomsebenzi ozoqhamuka kuKhomishini kaZondo. Kuzolindeleka ukuba kube nemiphumela esheshayo; kodwa kunomehluko omkhulu phakathi kokwethula ubufakazi kukhomishini kunokuqinisa udaba lungabi namifantu,” kusho uBatohi.
“Kuzothatha isikhathi ukwenza konke lokhu futhi kufanele kube neqhingasu ngokuthi yimaphi amacala esiwathathayo ngoba kufanele sibe nazo zonke izinsiza zokubhekana nawo.”

Kanti kulabo abayohumusha ngolwepolitiki uZondo ‘wabe enezinhloso zepolitiki ukuba adicilele uhlangothi oluthile’ ezimpini zangaphansi ze-African National Congress (ANC). Okunye laba abakubalulayo ngamazondo abathi uMehluleli lona unawo ngaloyo owayenguMengameli uZuma. Empeleni naye uZuma lokhu akakufihli. Esola uZondo ekuqaleni kwalonyaka uthe, “IKhomishini eholwa iSekela likaMehluleli Omkhulu isilandele ezinyathelweni zowayenguMvikeli WoMphakathi ngokuqhubeka nokwakha indlela ekhethekile nehlukile ukubhekana ngqo noZuma,” kubeka uMsholozi.

See Also

Akukho ukungabaza ukuthi labo abaseka uZuma bazohumusha umbiko kaZondo kakhulukazi uma uke wathinta uZuma nokungelula ukuba ungamthinti njengelinye letulo lokugadla kuye namazondo amadala akhe uZondo qobo nakulabo abahola uhulumeni ne-ANC nabakholwa yikuthi kabamuzwa uZuma sampela.

Phezu kwakho konke lokhu izwe lilinde ukuzwa ukuthi ngubani lo noma ngobani laba abakhuthuluza baze bangashiya nentshela kwezinye izindawo beba imali yabakhokhintela. Ngenxa yalokhu unyaka ozayo uzoqala ngegiya eliphezulu.

Scroll To Top