Iziboni, ihlambo nokubuyiswa kweNkosi kuqhutshwa ngokwaseBukhosini



USolwazi uChristian Themba Msimang ungumbhali wencwadi Kusadliwa Ngoludala nezinye eziningi…
Iziboni nazo zilokhu zithelekile emzini weNkosi zizodlulisa ukulila kwazo. Njengabo bonke abantu, nayo iNkosi ihanjelwa iziboni. Akuzi izwe lonke, kepha kuba omakhelwane nezihlobo ikakhulukazi abesifazane ngoba phela abesilisa basuke besemabuthweni. Lokhu kwenziwa kusukela ngelanga elilandela ukudliwa kwamakhubalo.
Kuthi njalo ekuseni abesilisa bavuke bayohlala ngaphandle kwesango, kanti abesimame bona basala khona ezindlini lapho behleli khona. Phela uMdlunkulu weNkosi ungeke waphelela endlini eyodwa. Iziboni zingena zithwele imikhono emakhanda zikhala. Ezesilisa zilila kulo ibandla ngasesangweni kuthi abesifazane bayoqala ngokulilela iNdlovukazi noMdlunkulu.
Bathi bangasuka lapho bayodlula ebandla. Ngokunjalo iziboni zabesilisa zilila esangweni zigcine kwabesifazane ezindlini. Emva kokukhala kuba ithuba labo lokubuza ukuthi ngabe isilo sihlulwe ukufa kuni. Emva kwalokho sekungathunywa abantwana beze nezipheko ngoba phela iziboni zingeke zaziphatha izipheko hleze zizithele ngezinyembezi, ngoba zisuke zikhala.
Ihlambo leNkosi lenziwa isizwe kugqame ikakhulukazi amabutho.
Emva kwezinyanga eziyisithupha kwenziwa ihlambo leNkosi. Okulisiko ukuba ihlambo leli liqondaniswe nasebusika ngoba uma likhishwe ehlobo izulu liyakhwishiza. Izinkomo zokukhipha ihlambo zilethwa yiso sonke isizwe. Yileyo naleyo ndoda iza iqhuba inkomo. Utshwala nabo bulethwa isizwe, yilowo nalowo muzi ugaya ukhamba ngoba phela kuyamenyezelwa ukuthi ihlambo lobanini.
Ngalo leli langa lokukhipha ihlambo, kumiswa lowo ozobambela umntaneNkosi uma esemncane, kanti uma esekhulile yilona langa lelo amiswa ngalo. Anikezwe inkatha nenduku yoBukhosi endlini engenhla. Embathiswe ezoBukhosi afakwe iminyakanya akhishwe ngengalo. Amiswe ngokwesiko ebeselichaziwe ngaphambili. Lezi zinkomo zehlambo zigwazwa yiwo amabutho zihlinzwe isidumo kokunye zibe amashumi athile, kokunye zihlanganise amakhulu. Uma seziziningi kakhulu ezinye ziyasala zize zibulawe mhla iNkosi isibuyiswa. Izinyongo zalezi zinkomo zifakwa ibamba kanye nabantwana beNkosi ngobuningi babo.
Konke lokhu kuqalwa ekuseni. Emveni kokumiswa kwebamba, inqina iyaphuma iyozingela izinyamazane ilahle izagila. Abanye bayasala behlinza. Kokunye inqina ingaphakelwa, ukuhlasela phela, izitha iyolahla kuzo umnyama. Kokunye uma inqina ihlangana nomuntu usuke ehlelwe ishwa ngoba liyamlahla elakubo, izinyanga zenze ezikwenzayo ngaye. Izinyamazane ezibulewe kubuywa nazo zifike ziphekwe kanye nenyama.
Konke lokhu kwenziwa nje imbongi iyawahasha amakhosi, namabutho ahuba ihubo lesizwe. Bonke bavunule ngezinyamazane. Ngakusasa ekuseni amabutho azovuka ahlahlele kubekwe izimbiza eziko, zithule zithi yathe.
Emveni kwalokho asezoviva amabutho kuthi lowo omisiwe aphume nenduku yoBukhosi eseyowanquma amaviyo ukuze azi ukuthi njengoba esephethe nje impi yakhe ingakanani. Usezobona nezinduna zakhe.
Ilokhu ibongile belu imbongi yansondo, lapho isisho okwensingizi ingani nati izinyane selilumulelwa kwesoBukhosi. Emveni kwalokho kubuyelwa esibayeni kuyodliwa inyama. Njengoba iningi nje esalayo iba ukudla kwamabutho azosala eviva emzini weNkosi.
Ukubuyiswa kweNkosi kuhambisana nokudiliza koMdlunkulu, namhlanje sekwathiwa ukukhumula. Kuthi ngobusika besithathu iNkosi yakhothama bese kwenziwa umkhosi wokuyibuyisa. Ngaphambi kokuba iNkosi ibuyiswe kudiliza kuqala uMdlunkulu wayo ukuze iyabuya nje nawo usuphumile emnyameni. Onke amakhosikazi eNkosi aya emakubo ayolanda izinkomo azokhumula ngazo inzilo. Indlela yokudiliza koMdlunkulu isafana naleyo echaziwe ngaphambili.
Nawo njengamakhosikazi omnumzane ayaye akhethe kubanawe beNkosi ukuze phela umuzi weNkosi ufudumale, kodwa abanawe laba bayayalwa kakhulu ukuba bawuhloniphe umuzi weNkosi futhi bangawathathi amakhosikazi ukuwasa emizini yabo. Izinkomo zokubuyisa iNkosi nazo zilethwa isizwe sonkana njengezehlambo. Ngokunjalo futhi notshwala.
Uma sezihlatshwa imbongi ibonga amakhosi kuthi lowo ophethe umsebenzi athethe le Nkosi ebuyiswayo ayitshele ukuthi lo msebenzi owayo ngawo kuthiwa ayibuye izobheka zonke izinto, iphephethe imikhuhlane nemiswazi emibi, inqobe izitha ivikele isizwe sayo.