Now Reading
UHamilton bamgqiba ngoSchumacher ngabomu
Dark Light

UHamilton bamgqiba ngoSchumacher ngabomu

Uma kukhulunywa ngomdlalo wezimoto zomjaho obizwa ngeFormula One (F1), igama elifika kuqala elomshayeli osewathatha umhlalaphansi ongowokudabuka eGermany uMichael Schumacher (osesithombeni).

USchumacher wazakhela udumo egila izimanga kulo mdlalo enqoba imiqhudelwano, wabeka namarekhodi okwakungaziwa ukuthi koke kubekhona oyowaphula. Lo mshayeli oneminyaka yobudala engama-52 waqala ukushayela izimoto ngowe-1991 kwaze kwaba unyaka wezi-2006, wakhuza ibuya emva kokuba wayesethathe umhlala phansi ngonyaka wezi-2010 kwaze kwaba unyaka wezi-2012.

Eminyakeni eshayela ngaphansi kweF1 waba ngumpetha womhlaba kayisi-7, ngonyaka we-1994, we-1995, owezi-2000, owezi-2001, owezi-2002, owezi-2003 nangowezi-2004. Washiya ebeke irekhodi lokunqoba imiqhudelwano engama-91. Washayela ngaphansi kwezimoto iJordan, iBenetton, iFerrari neMercedes.

Yize uSchumacher abeka amarekhodi kodwa konke akwenza sekungumlando, isikhathi manje sokuthi idumela nokuhlonishwa kutholwe umshayeli waseBritain uLewis Hamilton.
Okwenza lokho uHamilton ingoba lo mshayeli oshayela ngaphansi kwaMercedes wonke amarekhodi abekwa nguSchumacher usewaphule wonke.

Uma kungabhekwa kunobhutshuzwayo kunabadlali abagila izimanga eminyakeni edlule lapho ungabala u-Edson Arantes do Nascimento odume ngelika “Pele” ongowaseBrazil noDiego Armando Maradona wase-Argentina.

Yize bawenza umlando babeka amarekhodi kodwa amagama abo akusakhulunywa ngawo kakhulu, kwazise kunabadlali ababili abafike bazibekela amarekhodi abo okunguLionel Andres Messi wase-Argentina noCristiano Ronaldo dos Santos Averio wasePortugal.

Kubuhlungu okukaHamilton ngoba ngazo zonke izikhathi uma enze kahle igama likaSchumacher liyangena, isikhathi esiningi lisetshenziswa yilaba bantu asebathatha umhlalaphansi kulo mdlalo.

Labo makadebona bavele bethi uHamilton unqoba nje vele konke kulula izinsiza zikhona, okuke kungixakeke pho kungani yena yedwa enamarekhodi amangaka kulaba bashayeli ashayela nabo manje.

See Also

Irekhodi elikhulu okwakuthiwa ngeke liphulwe elokuba ngumpetha womhlaba kayisi-7, naye manje uHamilton usebe ngumpetha kayisi-7. Waba ngumpetha ngonyaka wezi-2008, owezi-2014, owezi-2015, owezi-2017, owezi-2018, owezi-2019 nangonyaka wezi-2020.

Ngeledlule unqobe umjaho weSaudi Arabian Grand Prix nokumenze walingana namaphuzu nembangi yakhe uMax Verstappen oshayela ngaphansi kweRed Bull, bobabili laba bashayeli sebenamaphuzu angama-369,5. Umjaho osele uwodwa nawo uzokuba ngeSonto owe-Abu Dhabi Grand Prix.

UHamilton uma kungathiwa unqoba lo mqhudelwano kobe kusho ukuthi usengumpetha womhlaba okwesi-8, yize kunjalo kodwa kusazohlezi kukhulunywa ngegama likaSchumacher.
Okunginika ithemba lokuthi uHamilton engazibekela leli rekhodi lokuba umpetha womhlaba kayisi-8, ingoba umlando we-Abu Dhabi Grand Prix uvuna yena. Usewunqobe izikhathi ezinhlanu, ngonyaka wezi-2011, wezi-2014, wezi-2016, wezi-2018 nangowezi-2019. Nyakenye unqotshwe uVerstappen.

UVerstappen iminyaka isamvumela kuningi okusamhlalele kodwa okwamanje akakhothamele uHamilton, ngoba uyena mshayeli ohamba phambili emhlabeni. NgeSonto impela lothi luyophela usuku kobe sekucacile.

Scroll To Top