Now Reading
Ubona efezeka amaphupho akhe uSokwalisa ngeqembu
Dark Light

Ubona efezeka amaphupho akhe uSokwalisa ngeqembu

Isikhulu seqembu eligijima ku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal iNjampela FC sibona nakanjani sizofezeka isifiso sabo sakule sizini.

UVusi Buthelezi ekhuluma nelaboHlanga uthe ngesikhathi kuqala isizini bazitshela ukuthi bafuna ukubalwa namaqembu amabili aphezulu eqoqweni labo.

“Uma ukholelwa entweni ukuthi ingenzeka akekho ongayivimba ekutheni yenzeke. Ngesikhathi kuqala isizini iphupho esasinalo kwabe kungelikhulu kakhulu, kodwa manje siyalibona lenzeka uma kungaqhubeka ngalendlela okuyiyo manje. Konke kuzokwenzeka uma singasebenza ngokuzikhandla bese siyabambisana ngaphandle nangaphakathi kwenkundla” kusho uButhelezi.

INjampela FC iqembu elisha ku-ABC Motsepe League kwazise isungulwe ngonyaka wezi-2019 okusho ukuthi izoqeda isizini yesibili yaba khona. Iliqembu elidabuka endaweni yasemakhaya kwaNongoma.

Kuyimanje leli qembu likaButhelezi lihlezi endaweni yesibili kulogi eqoqweni A, ilandela ngamaphuzu amathathu iSummerfield Dynamos ezinze eChatsworth okuyiyo eqhwakele. INjampela FC inamaphuzu angama-22 kuthi iSummerfield Dynamos ibe nangama-25, womabili la maqembu adlale imidlalo eli-10.

UShenge uthe kuligi benza kahle nje abadlali abaningi badabuka khona kwaNongoma abanawo amava atheni, lokho kuyamjabulisa kakhulu.

“I-ABC Motsepe League inzima kakhulu amaqembu amaningi anabadlali abazakhele igama kumaligi akhokhelwayo thina asinabo labo badlali kodwa buka sikuphi kulogi. Lokho kuyangijabulisa njengomuntu wakwaNongoma kusho ukuthi likhona ngempela ikhono kule ndawo, kuhle ngoba ngibe yimbangela yokuthi livele lelo khono ngokuvula iqembu eligijima kulesigaba. Njengoba sesiqalile nje isigaba sesibili kusho ukuthi impela kuzoshuba ngoba amaqembu esiwahlulile azofuna ukuziphindiselela, ingakho kumele sizibambe ziqine nje” kusho uButhelezi.

Emdlalweni odlule ibhaxabule iDurban Pioneers ngamagoli amathathu eqandeni kobubanjelwe eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Leli qembu liqeqeshwa uThulisani Latha oke wasebenza noSimo Dladla nabasiza iReal Kings ekutheni igcine ikwazi ukugijima kuNational First Division (NFD) nesibizwa ngeGladAfrica Championship.

See Also

Ekhuluma ngobunzima bokuphatha leli qembu uthe: “Kunzima kakhulu, ngoba kwaNongoma ayikho inkundla esikwazi ukuziqeqesha kuyona uma sifuna inkundla eseqopheleni kumele sihambe indawo engamakhilomitha angama-55. Imidlalo yethu yeligi siyidlalela Olundi okusithatha amakhilomitha angama-75 ukuze sifike khona, yize sisuke sidlala ekhaya kodwa ngathi sihambile ngokwebanga esilihambayo. Siyabonga kakhulu kuMasipala wasoLundi ngokusinika igunya lokusebenzisa inkundla yawo” kusho uButhelezi.

Uthe kuningi angakubala ngoba zonke izindleko zeqembu zibhekene naye uqobo.
Kule mpelasonto iNjampela FC izotholana phezulu neStone Breakers ehlezi endaweni yesi-7 kulogi enamaphuzu ali-10.

Lo mdlalo uzobanjelwa ePrince Mangosuthu Stadium, oLundi kusasa ngoMgqibelo.
UButhelezi uthe balinyalelwe abadlali abathathu kodwa lokho ngeke kubenze ukuthi bengawatholi amaphuzu agcwele. Ube esesongela iSummerfield Dynamos ngokuthi mhlazane iza oLundi kumele yazi ukuthi izowashiya amaphuzu amathathu.

Scroll To Top