Imbabazane: Usavutha umlilo ngaphakathi
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
“Ezokwazisa zingeke ziwuthathe umyalezo wami. Abantu abaningi ngeke bathanda ukulalela umyalezo wami. Kodwa konke lokho ngeke kwangivimba ukuba nginikhulumele.”
Lawa ngamagama aphinyiswa nguMntwana waKwaPhindangene ngesikhathi ethula inkulumo yakhe kwaNgqondonkulu Ongoye ngowezi-2005. Lapha uMntwana wabe evalelisa njengoShansela.
“Ngisavutha amalangabi ngaphakathi. Nginitshela kwezikabhoqo,” uMntwana etshela izinkumbi eyunivesithi. La magama abe yiqiniso njengoba engene emlandweni njengokuba ngumholi omdala okhankasele iqembu lakhe Inkatha Freedom Party (IFP) okhethweni lokhu ekwenza nsukuzaphuma. Ngesikhathi kunemikhankaso yokhetho lwendawo uMntwana ubehla enyuka ebambisene nomholi weqembu uMnu uHlabisa. Yize lokhu kube nomphumela omuhle ezibalweni emuva kokhetho, ukukhathazeka kwamalungu omndeni, abaholi namalungu bebuhlale bukhona.
“UMntwana usemdala lokhu kokuthi ahambe ekhankasa khona kuyasilekelela kepha kubukeka kumkhinyabeza emzimbeni,” kusho omunye wabaholi beqembu ocele ukuba angadalulwa. Uqhube wathi: “Iqiniso lithi amaningi siwacishe ngaye esithebeni, usikhankasele kahle kepha ngikhathazekile ngempilo yakhe.” kusho yena. Lokhu kukhathazeka kuvuseleleke kakhulu ngesikhathi umndeni ngomlomo kaDkt uBhekuyise Ngqengelele Buthelezi lapho ethi: “ Thina, mndeni kaMntwana uMangosuthu Buthelezi, uMsunguli noMengameli Waphakade we-IFP, iNkosi yeSizwe sakwaButhelezi noNdunankulu waseNdlunkulu nowesizwe samaZulu, ngifuna ukusho ukuthi uMntwana waKwaPhindangene usebuye wahaqwa wukhuvethe.”
Omunye umholi ukhale ngesenzo athi ‘ngesokugqilaza umtomdala’ njengoba ebethi uMntwana usetshenziswa ngisho egula. “Buka nje kusasa (ngoLwesine) bambize ukuthi azokhuluma neziMeya zethu. Yize ezobe ekhuluma nathi ngezokuxhumana kepha kuwumsebenzi,” kusho lo mholi. ElaboHlanga linalo uhlelo lwayizolo. Lo mcimbi ububanjelwe eMpangeni.
Akukho ukungabaza ukuthi esinye isigameko esiphakamise igama loMntwana kube yilokhu akwenza njengoNdunankulu kaZulu odabeni oluthinta iSihlalo kusuka kwebuza iSILO, kwedlula iNdlovukazi kanye nogqingetshe waloyo okumele ahlale eSihlalweni. Kukho konke lokhu lomholi usabukhali okwebhungu ake aba yilo.