Now Reading
Inganono iyamphazamisa ekudlaleni phesheya uNgubo
Dark Light

Inganono iyamphazamisa ekudlaleni phesheya uNgubo

Isifiso sakhe esikhulu ukuthi kuphele izimpi ukuze akwazi ukuqhubeka nokudlala unobhutshuzwayo okuyinto akhule ngayo kusukela emncane. Lowo nguSiyanda Ngubo ongumdlali we-Alsinaat Al Kahrabaiya okuyiqembu eligijima esigabeni sesibili e-Iraq, nongayifanisa neGladAfrica lapha eNingizimu Afrika.

UNgubo ongumdlali waphambili ekhuluma nelaboHlanga ubezwaka ukuthi uthuka izanya uhlezi ngesinqe esisodwa njengoba ezizwa engaphephile neze.

“Ngeke ngaqamba amanga ngizizwa ngingaphephile impela. Okwenzakalayo ukuthi kukhona impi equbukile lapha nokuyiyo edala ukuqhuma kwenganono. Ngikhuluma nje ngesonto eledlule sithe siphuma ejimini, kwaqhuma inganono sacasha ngaphansi kwezitulo kwazise yayingekho into esingayenza. Lokho kungihlukumeze kakhulu ngoba angikaze ngibhekane nesimo esinzima njengalesiya, ngalolo suku ubuthongo abufikanga nhlobo ngoba izibhamu ezaziqhuma zazinkulu kakhulu nganginakho ukuthi kwathina singagcina sithelwa amachaphazela” kusho uNgubo.

Lo mdlali ongowokuzalwa KwaMakhutha, uneminyaka yobudala engama-24. Njengoba esayiniswa ileli qembu lase-Iraq nje ubenesikhathi agcina ukuthi abe neqembu agijima kulona.
Eqhuba uthe: “Kuyimanje sihlezi ehhotela lapho esiphephile khona, asazi ukuthi kuzokwenzakalani uma kuwukuthi kuyaqhubeka kumele ngithole intuba yokuthi ngikwazi ukubuyela lapho eNingizimu Afrika ngoba ngeke ngabheja ngempilo yami. Ziningi izifiso enginazo empilweni, iminyaka isangivumela ukuthi ngingawafeza lawo maphupho” kusho lo mdlali.

Nyakenye uthole ithuba lokusayinwa iqembu laseSaudi Arabi i-Al Qaisuman FC kodwa konke kwagcina kushabalele njengoba umhlaba wonke waphazamiseka ngenxa yokusabalala kwegciwane ukhuvethe. Izindaba zakhe ziphethwe uWellington Machaba weG & Q Management Sport Agency.

I-Alsinaat Al Kahrabaiya ihlezi endaweni yesi-5 kulogi, amaqoqo ahlukene kabili iqoqo neqoqo linamaqembu amahlanu. Uthi ngeledlule abadlalanga ngenxa yazo lezi zimpi ezisukile kuleliya lizwe.

UNgubo ukhuliswe i-Orlando Pirates, uke wagijima kuRoyal Eagles neRichards Bay FC, uke wagijima nasemaqenjini esizwe amancane kanye neBafana Bafana. Uthe usafisa ukuthi agijime kwamanye amazwe. “Ngiyafisa ukuthi ngiqhubeke nokuthola amathuba angcono kwamanye amazwe, ngithole ulwazi olunzulo ngibuye eNingizimu Afrika senginolwazi olungcono. Ngiyathemba ukuthi lokho kongisiza ekutheni ngithole inkontileka eqenjini elikhulu kuPremier Soccer League (PSL) kwazi bani eminyakeni enginayo ngisangakwazi ukuphinde ngibizwe eqenjini lesizwe” usho kanje.

Ekhuluma ngempilo yase-Iraq ngaphandle kukanobhutshuzwayo uthe: “Impilo yala inzima kakhulu ilokhu engingakusho. Leli yizwe elisathuthuka, kuyabonakala ukuthi kwakunezimpi kuqala. Ikhona nekhona kunabantu abadayisayo, wonke umuntu uyaphanta. INingizimu Afrika ngingasho ngaphandle ngokungabaza ukuthi icebile uma uyiqhathanisa ne-Iraq. Ngisho izinga lezemidlalo ngeke waliqhathanisa. Ngaphandle nje kwempi ekhona anginankinga nokuhlala lapha ngoba ngenza into engiyithandayo, okuwukudlala unobhutshuzwayo” usho kanje.
Ngaphandle kokuba umdlali, uNgubo uphinde abe nenkulisa ayibiza ngeSiyanda Ngubo Sport Academy.

See Also

Ebuzwa ngayo uthe: “Inkulisa yami ikhona, iyaqhuba impela. Njengoba ngilapha nje ngiyishiye ezandleni zabaqeqeshi u-Anele Mbhele, uMlungisi Mchunu no-Aphiwe Fumba. Nsuku zaphuma siyakhuluma ngokwenzeka eqenjini, sinezinhloso eziningi kakhulu siyafisa ukuthuthukisa ikhono kubadlali abancane sibeke nenkulisa yethu phezulu” unabe kanje.
Le nkulisa iyona ekhiqize uSamkelo Mthiyane okuyimanje odlala ePortugal eqenjini iCanaviais, kodwa uhambe esedlule nasezandleni zeKZN Academy.

Ekhuluma ngokukhulela ngaphansi kwePirates uthe: “Ngafika kuyona ngineminyaka eli-12 ngenza ibanga lesi-5, kuningi engikufundile. Impilo yami yashintsha kakhulu ngoba kwakufanele ngizenzele izinto eziningi engangijwayele ukuthi bangenzele zona ekhaya. Ngangihlezi nabantu engangingabazi kwakumele ngikwazi ukukwamukela ukuthi umndeni wami ukude, ngize ngomsebenzi. Ukukhula kwami ngidlala kwiPirates kwangisindisa ezintweni eziningi. Ngasohlangothini lukanobhutshuzwayo, ngifundiswe abaqeqeshi abanamagalelo amakhulu lapho ngibala no-Augusto Palacious okuphume inqwaba yabadlali ngaphansi kwesandla sakhe. Ngike ngisho ngithi ngiyamdabukela umuntu ongalitholanga ithuba esalithola nabafowethu” kusho uNgubo.

UNgubo uthe wakwazi ukuhambela amazwe ahlonishwayo emhlabeni ngenxa yayo iPirates, waze wathola nethuba lokugijima e-Old Trafford okuyinkundla yeManchester United.

Scroll To Top