Now Reading
Zizobe zinikizana e-OCC ngempelasonto kuhlonishwa uCharlotte Maxeke
Dark Light

Zizobe zinikizana e-OCC ngempelasonto kuhlonishwa uCharlotte Maxeke

Uzizwe ekhethekile uBathabile Ziqubu (osesithombeni), njengoba engomunye wezintokazi ezizolwa emqhudelwaneni okuhlonishwa kuwo isigomagoma somzabalazo wezepolitiki uCharlotte Maxeke.

Lo mqhudelwano obizwa ngeCharlotte Maxeke Boxing Tournament, uhlelwe nguNkk uZandile Malinga weStarline Boxing Promotion. Uzobanjelwa kwelikabhanana e-Olive Convention Centre (OCC), kulindeleke ukuba izimpi ziqale ngelesine ntambama.

UBathabile ongowaseTholeni ngaphansi kaMasipala i-Alfred Duma ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Lezi zindaba zingezinhle kakhulu kumina, ukuqhathwa kwami kulezi zimpi kungitshengisile ukuthi imisebenzi yami emihle iyabonakala. Okuhle ukuthi abantu besifazane kuphela abazobe belwa kulo mqhudelwano lokho kusho lukhulu. Okungijabulise kakhulu ukuthi ngizobe ngilwa phambi kwabantu balapha esifundazweni iKwaZulu-Natal nokuyilapho engidabuka khona. Ngikhuluma nje impi yami yokuqala ngizolwa ekhaya kusukela ngaba sesibhakeneleni esikhokhelwayo” kusho uBathabile. Uzokhiphana umoya nentokazi yaseLimpopo uNosincwabe Dube, abazobe belwa impi yeJunior Featherweight emizuliswaneni eyisi-6.

Ebuzwa ngamalungiselelo abe nawo ngaphambi kokuba abe seringini kusasa uthe: “Amalungiselelo wonke ahambe kahle kakhulu akukho okungiphazamisile, ngizimisele ukuyithela othulini le ntokazi engizobhekana nayo. Okuhle ukuthi asikapheli isikhathi esiyizinyanga ezintathu ngagcina ukulwa kusho ukuthi ngingamelana noma yini engizobhekana nayo eringini” kusho le ntokazi. Impi agcine ukuyilwa yabe imhla zingama-24 kuMandulo kulo nyaka nalapho aguqisa khona uLufuno Mutshayi waseLimpopo.

Le ntokazi eqeqeshwa u-Emmanuel Mutavhatsidi ngokubambisana noQaphelani “Que” Ndlovu, ngonyaka wezi-2015 yamela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni owabe useCongo obizwa ngokuthi ama-All Africa Games yabuya nendondo yethusi.

Impi ezobe kungeyosuku ekaSharadene Fortuin wase-Eastern Cape noMellisa Miller waseGauteng abazobe bebanga ibhande leSA Bantamweight emzuliswaneni eli-10.
Ezinye ezizobe zikhona ekaGabisile Tshabalala waseGauteng owake waba ngumpetha weWBF Junior Featherweight uzoxhimfana no-Asandiswa Ngxokwana wase-Eastern Cape abazolwa kweyeJunior Featherweight kumizuliswano eyisi-8, uNtomboqaba Ntalashe waseWestern Cape noRaider Maleba odabuka eLimpompo, uRazel Mohamed wase-Eastern Cape noLillian Molala waseGauteng, u-Emihle Ntunja wasePort Elizabeth no-Owethu Rula wase-Eastern Cape kube ekaNomusa Ngema waKwaZulu-Natal noMonalisa Takane yena wase-Eastern Cape.

See Also

UNkk wakwaMalinga uwelwa ile nhlanhla nje ezinyangeni ezedlule wathola izikhundla ezinkulu esifundazweni iKwaZulu-Natal, lapho ngibala esokuba nguSihlalo ka-Association woPhromotha. Emva kwalokho waphinde wanikwa isikhundla sokuba nguSihlalo weKwaZulu-Natal Professional Boxing Federation.

Ngokusho kwakhe izolandelwa yonke imigomo kaHulumeni yokhuvethe, wabalula nokuthi ujabule kakhulu ukuthi uMengameli wezwe akalivalanga izwe ngesikhathi kade ethula inkulumo yakhe ngeSonto kusihlwa.

“Kuzoba izimpi eziseqophelweni eliphezulu impela, osomankomane abazolwa lapha bazositshengisa isibhakela esinenkosi phakathi. Okuhle ukuthi kukhona abazobe bengaqali ukulwa kusho ukuthi kuzobe kunezimpi zamagqubu. Ngijabule kakhulu ukuba nginikezwe ithuba luqhathwa izinto zomuntu ohlonishwa kangaka lapha eNingizimu Afrika. Impela ngizimisele ukuthuthukisa umdlalo wamankomane lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal” kuphetha yena.

Scroll To Top