Amathanga anabela nakwavilavoco: Yebo uyinqobile iBallon d’Or kodwa…
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
NgoMsombuluko kusihlwa amehlo abethe njo, eThe Chatelet Theatre, eParis lapho kade kuzoklonyeliswa abadlali abenze kahle emhlabeni. Kulo mcimbi umklomelo obubhekwe kakhulu owomdlali onqobe iBallon d’Or onyakeni wezi-2021.
Ngokwazi kwami abantu abavotela lo mkomelo, kuke kube abaqeqeshi bamaqembu esizwe ngaphansi kwenhlangano eyengamele unobhutshuzwayo emhlabeni iFederation International Football Association (FIFA), okaputeni bamaqembu esizwe, kanye nababhali bezindaba (izintatheli) abakhethekile.
Lo mkomelo eminyakeni eli-12 unqotshwe izikhondlakhondla ezimbili uLionel Messi (osesithombeni) wase-Argentina ogijima eqenjini laseFrance iParis Saint-Germain (PSG) owawunqoba kayisi-6 kwathi uCristiano “CR7” Ronaldo wasePortugal odlala e-England kwiManchester United wawunqoba kahlanu. Uyedwa umdlali owunqobile ehlukanisa la badlali lowo nguLuka Modric ongumdlali waseCroatia odlalela iReal Madrid yaseSpain nawunqobe ngonyaka wezi-2018.
Iqiniso lihle, impela uMessi noRonaldo abadlali abazakhele udumo emhlabeni, nengikholwa ukuthi kusazothatha isikhathi ekutheni kube khona abadlali abafana nalaba. Lapha ngikutshela ngabadlali abashaye inqwaba yamagoli, bawina izindondo, babeka amarekhodi asekude ukuba aphulwe.
Kodwa ngikholwa ukuthi ngonyaka odlule nakulo nyaka lezi zikhondlakhondla azisinikezanga le nto esiyazi kuzona.
Ngalokho ngokwami ukuloba uMessi okunguyena ogcine enqoba umkomelo womdlali ovelele nobekuba okwesi-7 bekungamfanele nhlobo.
Ngokwami umdlali obefanelwe ilo mkomelo uRobert Lewandowski ongumdlali wompetha baseGermany iBayern Munich nongowokudabuka ePoland. Lo mgadli ngikholwa ukuthi akukho angakwenzanga obekungamvimba ekutheni anqobe lo mkomelo waminyaka yonke.
Ngikhuluma nje kulo nyaka usevalele phakathi amagoli angama-64 emidlalweni engama-54, la magoli awashayile akawashayi kwiligi kuphela kodwa nasemqhudelwanweni we-UEFA Champions League uyayibhakuzisa inethi. Kuyimanje emdlaweni ye-UEFA Champions League yakule sizini udlale imidlalo emihlanu wavalela phakathi amagoli ayisi-9, ulingana nomgadli we-Ajax Amsterdam uSebastien Haller.
Lo mgadli usize iBayern Munich yanqoba iBundesliga, iClub World Cup unqobe umkomelo wokuba umgadli oshaye amagoli amaningi, owe-European Golden Shoe waphinde wavalela phakathi amagoli amaningi koweClub World Cup. Anginayo nencane inkinga noMessi ungumdlali engikholwa ukuthi uhamba phambili emhlabeni kodwa kulokhu bamuphile lo mklomelo.
Ngokubona kwami okwenze wanqoba lo mkomelo ukuthi nje unqobe umqhudelwano weCopa America ne-Argentina kodwa kokunye akukho lapho angaphezulu ngakho. Ngiphatheke kabuhlungu ngibona uMessi eyomukela lo mklomelo kuLuis Saurez.
Akukhona okokuqala nangonyaka wezi-2019 uMessi wanqoba lo mklomelo, nakhona umuntu engangibona ukuthi kwakumele awunqobe uVirgil van Djik oyisitobha seLiverpool. Yize eyisitobha kodwa waba nesizini enhle kakhulu, wasiza iqembu lakhe linqobe i-UEFA Champions League kanye neligi yase-England.
Nangonyaka wezi-2013 kwenzeka esifanayo uFranky Ribery engawunqobi lo mqhudelwano unqotshwa uRonaldo.
Okunye okungithusile ukunqoba kukaGianluigi Donnarumma umklomelo weGoalkeeper of the Year, ngokwami obekumele anqobe lo mkomelo u-Edouard Mendy ongunozinti weChelsea FC.
UDonnarumma ongunozinti wePSG angikuboni nhlobo nje okumnqobise lo mklomelo, uMendy usize iChelsea FC yanqoba i-UEFA Champions League kuyimanje uyena nozinti osangenelwe amagoli amancane.
Abanye abanqobile uPedri omgumdlali weFC Barcelona, unqobe owe U/21 Best Player, kwaba intokazi u-Alexia Putellas naye weFC Barcelona onqobe iBallon d’Or yabesifazane.

