ElikaMthaniya linothile ngezinsephe kodwa azisetshenziswa ngendlela



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal sibalwa njengesifundazwe esinabadlali abaningi bakanobhutshuzwayo abanekhono eliyisimanga.
Le nkulumo ijwayele ukushiwo abahlaziyi bakanobhutshuzwayo, izinkakha kanye nabadlali imbala. Futhi le nkulumo akuyona into ekhulunywa namhlanje kodwa inkulumo endala.
Nami into engiyifakazelayo, kodwa inkinga enginayo iyodwa nje. Inkinga yami ukuthi yize kunjalo kodwa amaqembu asesifundazweni iKwaZulu-Natal inxenye yabadlali enabo abangaphandle kwesifundazwe.
Njengoba kuvalwe iwindi kuke kube nemidlalo lapho kusuke kudlala iningi labadlali. Nebala emasontweni amane edlule ngihambele imiqhudelwano ehlukahlekene.
Kule miqhudelwano ngikhuluma ngeKhabba Cup eyabe iseMlazi, iS.E Sithole Foundation edlalelwa ePinetown neDerrick Spencer Festival yona ebiseShowe. Ilena emithathu engiyibone ihanjelwa abaqeqeshi abaningi lapho ngibala lowo okade ekuRichards Bay FC uPitso Dladla, uPapi Zothwane woThongathi FC, uMandla Ncikazi we-Orlando Pirates, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi weLamontville Golden Arrows nomphathi weJDR Stars.
Ikhono engilibone kule miqhudelwano inqaba uma kuwukuthi amaqembu esinawo kuDStv Premiership nakuMotsepe Foundation Championship, u-80% kuya kwangama-90% wabadlali abangaphandle.
Okubi ukuthi abaqeqeshi izinhloli zalamaqembu beziyihambele le mqhudelwano, kodwa akukho okuzoshintsha.
Okuwubufakazi bokuthi abadlali kule miqhudelwano bebekhona buka nje kunabadlali abanyelwe inyoni esandleni.
Abadlali okuyibo abanyelwe esandleni uSiphamandla Gwele noSamkelo Fumaniso labadlali basayiniswe iJDR Stars okuyiqembu eligijima kuMotsepe Foundation Championship. ULungeso “Mbesuma” Nguse yena uzoyibamba kuLamontville Golden Arrows.
Abanye u-Athini Maqokolo noCebo Mchunu okulindeleke ukuthi baqede konke ne-Orlando Pirates.
Kungijabulisile okwenziwe iRichards Bay FC ngokuthi isayinise abadlali abasuka eqenjini elibe ngompetha be-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal uMsinga United. Labo badlali uThobani Mthembu, uNkululeko Miya noNkanyiso Ndlovu.
Okuhle ukuthi labadlali baphinde baqokelwa eqenjini labadlali abasethubeni lokumela iNingizimu Afrika koweCosafa Cup, ezoba seThekwini ngesonto elizayo.
Elami lokugcina ngithi amaqembu aKwaZulu-Natal, awasebenzise ithalente labadlali bakulesi sifundazwe kunokumosha imali bethenge abadlali bakwezinye izifundazwe.