Now Reading
Kukhale insingizi: Ukuhamba kwamaphalishi komasipala kukhonga ukufa kwamakhansela
Dark Light

Kukhale insingizi: Ukuhamba kwamaphalishi komasipala kukhonga ukufa kwamakhansela

Akulona ihaba ukuthi imiphumela yokhetho lwezindawo ishiye kukhalwa kwamanye amaqembu, imizi kanye nezinkampani. Lokhu akuthintanga nje kuphela osopolitiki nosomathenda kepha ngisho abanye abasebenza emikhandlwini. Kwabanye imiphumela lapho isho ukuphazamiseka kwamaphalishi nezinhlelo ezithile.

Ngokuthola kwelaboHlanga nelikhulume nabantu abathintekayo, okungosomathenda, abezokuphepha kanye nabasebenzi ukunikezelana kwezandla kungahle kuphazamise uzinzo komasipala abathile nokungahle kokunye uma kungabekwa iso kukhiphe nezidumbu.
Ubumqoka bemiphumela kucace bha ngesikhathi kwezinye izindawo amakhansela abengaphilile ephoqeleka ukuba azihudule ukuze afike avote ukuze liphumelele iqembu. KwaNongoma nje ikhansela laze lalethwa nge-ambulensi ukuze livote. Khona kwaNongoma kuyovotwa nje amakhansela amabili abesenhlabathini elinye lahamba ngokugetshengwa. Womabili lamakhansela anqoba lapho ayengenele khona ukhetho nokwenza ukungabibikho kwawo uma sekuvotelwa ozophatha uMasipala kubonakale.

Ubumqoka bezinombolo kubonakele uma nangesikhathi kuvotwa eNelson Mandela lapho uMnu uNqaba Bhanga we-Democratic Alliance (DA) ekhala ngaphansi ngevoti elilodwa vo kwanqoba uNks u-Eugene Johnson we-African National Congress (ANC). Kanti nakwenzinye izingxenye zezwe azibanga zinkulu izibalo ezehlukanise amaqembu nokuyisimo esingenza kungabi nalo uzinzo kuleminyaka emihlanu.

Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi sekukhona injolozela ebheke ukuthi kwenzakalani njengoba kusatshelwa ukuthi ‘kungahle kube nokuntshontsha’ ukuze kuhleleke ‘kahle izinombolo’.

ElaboHlanga likhulume nomele ezokuphepha kwezobunhloli ozinze ePitoli kepha osebenze kakhulu udaba oluthinta ukubulawa keamakhansela nosopolitiki KwaZulu-Natal nothe isimo angeke sibe sihle.
“Uzokhumbula ukuthi kuze kube yimanje akukabi khona okwenziwe ngezibhelu ngalapho. Akugcini lapho kepha nangodaba oluthinta ukubulawa kosopolitiki kusemnyama. Inkinga enkulu manje wukuthi ukulahleka kwezikhundla kwamanye amakhansela kanye nosomathenda kungasho ukuqala kolunye uhlobo lokubulawa kwabantu”, kusho yena.

Uqhube wathi ukuba khona ‘kwezinsiza’ kuzokwenza kube lula ukuthi lokhu abakwesabayo kwenzeke. Ube esenza isibonelo ngemboni yamatekisi: “Uyabona ematekisini sibamba udwadwa nje ngoba izinto zakhona (ukubulalana) ziyashesha ngani ngoba ikhona imali. Nalana ke emakhanseleni alahlekelwe yizikhundla kanye nosomathenda abalahlekelwe yimisebenzi kuzoba lula ukuganga ngoba imali ayisekho. Khumbula yisinkwa esilahlekile nokuthi iminyaka emihlanu akusona isikhathi esincane umuntu engaphandle kwento yena, umndeni wakhe nezingane zakhe abebeseyijwayele”, kusho leli phoyisa.

Lokhu kwesaba kwavela nasembikweni wommeli u-Advocate u-Adv uMoerane nowaziwa nge: Report of the Moerane Commission of Enquiry into the Underlying Causes of the Murder of Politicians in KwaZulu-Natal. Lo mbiko wathi osopolitiki namakhansela afa nje yingoba:
Osopolitiki abaningi babesezingeni lomasipala okubandakanya amakhansela amaningi, labo ababengaba ngamakhansela, abaholi bamagatsha ezinhlangano zepolitiki.

Imigoqo ekuvimbela ukuba yikhansela yinto ecishe ingabi bikho. Uma nje udumile noma waziwa ungafundile futhi ungafundelanga msebenzi uyakwazi ukuba yikhansela.
Ukuqokelwa esikhundleni sokuba yikhansela kunikeza lowo muntu amandla ezepolitiki okwakha ithuba lokuthi athole izinsizakalo ngamathenda nangezinye izindlela zezezimali, okuholela enkohlakalweni, ukwenza izinto ezingenamqondo kanye nokuhilela nje.

Ukuqokwa njengekhansela kuvumela ukukhula komuntu ngokwezimali nangokwenhlalo. Kanjalo nokulahlekelwa yisikhundla kusho ukulahlekelwa ngokwezimali nangesimo senhlalo.
Ukukhuphukela esikhundleni sobukhansela umuntu kumbeka esimweni sokuba nomthelela ekunikezelweni kwamathenda bese kuveza intuba yokuba kwenzeke ngentando yakhe ukuze azuze.

Ukuqokwa njengekhansela kubuye kubeke umuntu ezingeni lokuba akwazi ukuxhumana nabasondelene nomasipala. Nokho, uma ikhansela lilahlekelwa yisikhundla salo alilahlekelwa nje kuphela umholo nokuhlonipheka, kodwa nokuxhumana nabo bonke abathintana nomasipala nakho kuyashabalala.

Ubuhle obuza nokuqokelwa kwesobukhansela kuholela ekutheni nincintisane kanzima kubangwa ukungena ezikhundleni okugcina kube nokukhwabanisa ekuvoteleni lezo zikhundla ikakhulukazi emagatsheni, ezifundeni ngisho nakuzwelonke ngaphakathi emaqenjini.

Ezinye izisebenzi zilala zingalele
Abasebenzi abahlanu abasebenza emikhandlwini ehlwithwe yi-Inkatha Freedom Party (IFP) KwaZulu-Natal kanye nomunye osebenza kulowo othathwe yiDemocratic Alliance (DA) eGoli naKwaZulu-Natal nabakhulume nelaboHlanga ngezikhathi ezehlukene nabacele ukungadalulwa baneke isithombe esifanayo ngalokho abathi babhekene nakho. Bonke bathi kabasalali ngoba kabazi ukuthi kuyoshaya uNcibijane besaqashiwe yini ngoba bona bebengafohli ukuthi bayiliphi kanti abanye bathi bebenza lokho abacabanga ukuthi bekuwumsebenzi wabo.

“Abantu be-Inkatha banonya kabi, ngeke basiyeke thina ebesisebenza neMeya ngoba phela ibingelinye iqembu. Okubuhlungu wukuthi abanye bethu bebenza lokho obekumele kwenziwe ngumsebenzi oqashiwe. Mina nje njengoba ngikwezokuxhumana ngibekwe uphawu ngoba kuthiwa bengiyi-ANC ngakho kuphelile,” kusho lo msebenzi.

See Also

Owesibili uthe: “Ngendlela ipolitiki enonya ngayo ngeke nje bathi okungenani asehlele kwezinye izikhundla mhlawumbe, kunalokho bazosenza sibone ukuthi kasisafuneki. Ngiyazisa njengoba nemisebenzi ingekho”, kusho owesibili.

Owesithathu uthe akanankinga uma nje enikwe imali yakhe: “Mina ngineziqu ngakho uma kukhona obona ukuthi isikhundla asingifanele lokho akakwenze elandela umthetho. Angiqali ukuba kulesi simo kufika i-ANC ngaxakaziswa nami ngase ngihamba nezihambayo. Manje njengoba kuneDA nje sekukhona ukukhuluma okuthi sizoxakaziswa. Ayi ngeke thina asinendaba napolitiki siyasebenza kepha sifakwa kulezi zimpi zabo,” kusho yena. Nokho bonke bavumile ukuthi okunye okungabadalela amazinyo abushelelezi ukugxamalaza kokuba ngabasebenzi kanye namalungu angazifihlile eqembu.

Nakosomathenda kuzwele
ElaboHlanga libuye lakhuluma nabanye abahweba nomasipala nabo abathe ngenxa yokusabela ukuphucwa iqatha emlonyeni angadalulwa amagama . Nakubo balila eseNdlovukazi uNandi. “Thina sife kabili, angithi njengoba bekukhankaswa nje sichithe imali sithi senzela ukuthi umthombo ungashi. Sixhase imikhankaso, mina nje izikibha engizikhokhele ziningi kodwa uma sekugcina kunje ngiyabona kunzima.

“Angithi besinezivumelwano nabebekhona, umbuzo uthi siyanqamuka yini ngoba inkontileka engayithola iyaqhubeka? Njengoba iqhubeka nje nalaba abasha abafikayo bazofuna sibabone, empeleni sekuqalile,” kusho usomathenda wokuqala.

Omunye uthe: “Mina inkinga yami wukuthi njengoba ebengisebenza nabo sebengamakhansela ajwayelekile sekukhona ingcindezi yokuthi ngiqhubeke ngiveze okuthile ngoba nakubo impilo izoguquka. Angazi nje ngempela ngizothini. Laba bantu abacabangi ukuthi sondla bona nje sibhekene nabasebenzi kanye nezidingo zenkampani,” kusho yena ngokudinwa.

Ngokusho kwabezokuphepha injolozela iseThekwini nayilapho vele sekuke kwaba nesidingo sokuqashwa kwamakhansela kanye naseZululand nayilapho kuthiwa imikhonto iya icija. ElaboHlanga linalo uhlu lomasipala eZululand abazobhekwa ngelokhozi kanye nakwenzinye izingxenye zesifundazwe.

Scroll To Top