Now Reading
Iyaqhubeka imizamo yokutholakala kwesixazululo ngezinkinga i-Eswatini
Dark Light

Iyaqhubeka imizamo yokutholakala kwesixazululo ngezinkinga i-Eswatini

UMengameli uCyril Ramaphosa usenxuse iNkosi yase-Eswatini uMswati III ukuthi aqinisekise ukuthi ukuthula kuyabuya ezweni layo. Lokhu njengoba ababhikishi e-Eswatini befuna izinguquko zentando yeningi kanye nokukhululwa kwamalungu amabili ePhalamende aboshiwe.

Ngesonto eledlule, uRamaphosa uthumele ithimba lamanxusa eliyisipesheli eliholwa nguJeff Radebe eBukhosini base-Eswatini, ukuyozama ukuqeda udlame. URamaphosa uthe uHulumeni wase-Eswatini kumele uqinisekise ukuthi kubuyiselwa uzinzo kuleli lizwe elingumakhelwane weNingizimu Afrika. UMengameli uRamapohosa uphinde wathi ufisa ukubona kunokuthula esifundeni seSouthern African Development Community (SADC).

“Ngaphambi kwalokho ngike ngakhuluma nayo INgwenyama ngasho ukuthi ngikhathazeke kakhulu ngesimo sasezweni layo. Ngingathanda ukuthi uhlangane nethimba lamanxusa lami, liphethe umlayezo ovela kimi ongumlayezo ovela esifundeni. Umyalezo uqondile,” kusho uRamaphosa.

“Sifuna ukubona ukuthula e-Eswatini futhi singathanda ukubona kuqala inkulumompendulwano phakathi kukaHulumeni nezinhlangano ezahlukahlukene. Ngasho kuyo iNgqwenyama ocingweni: Ngingathanda ukuthi uvumele izithunywa zihlangane nawe futhi ngemva kwalokho zihlangane nabanye ababambe iqhaza. Kukulowo mbandela ukuthi ngizothumela lezi zithunywa. Yavuma,” kuchaza uMengameli.

IPhini likaNdunankulu wase-Eswatini, uThemba Masuku uthe uMthethosisekelo wezwe uyakuvumela ukuthi kube noguquko kwezepolitiki.

Izakhamizi zase-Eswatini bezibhikisha zifuna izinguquko kwezepolitiki embusweni omncane. UMasuku ubekhuluma nabezindaba mayelana nezinkinga eziningi kusukela kuqubuke izinxushunxushu. Uthe, “Ngifuna ukuveza ukuthi uMthethosisekelo wethu uhlinzeka ngendlela yokuguqula uMthethosisekelo. Ngakho-ke izinguquko zezombusazwe zingenzeka kuMthethosisekelo, ngakho-ke sikholelwa ukuthi noma yini isizwe esifuna ukuyiguqula, uMthethosisekelo wethu uyakuvumela lokho kuguqulwa kwezombusazwe.”

See Also

Ukuqhuma kwenhlamvu
UMasuku uphinde waphika ukuthi amaphoyisa abesebenzisa izinhlamvu uqobo kubabhikishi abahambisana nentando yeningi. Uthi amaphoyisa atshalwe emigwaqweni ukuze avikele izakhiwo zaseBukhosini. Lokhu kulandela izinsolo zeSwaziland Solidarity Network zokuthi iNkosi yaseSwatini ithole usizo embuthweni wase-Equatorial Guinea ukuze ibhekane nesimo esibhedayo embusweni wayo.

“Alikho iqiniso kukho konke. Kunamaphoyisa adubula abantu emgwaqweni. Okwenzeke izolo wukuthi; sasinayo leyo mashi okwakuthiwa ibe nokuthula eyayigunyazwe ukuthi ibe khona kodwa yangenzeka ngoba njengezwe siqhuba izindaba zalo ngobuhlakani. Sasithole ezobunhloli ezabe seziphoqa uHulumeni ukuthi ayihoxise le mashi. Ngifuna ukugcizelela ukuthi abantu bamasha kuleli basekwa wuMthethosisekelo neminye imithetho ekhona ezweni,” kusho uMasuku.

Scroll To Top