Umculo wejazz usemizweni kuNonhlanhla Wanda
ILOKISHI lase-Chesterville bude buduze nedolobha iTheku lingelinye lamadala nasekhiqize izingwazi emikhakheni eyehlukene kuleli.
Ezingwazini eziphuma kuleli lokishi singabala o-Nat Nakasa; Professor Lewis Nkosi; Sipho Ngobese; Don Mkhwanazi nabanye. Ukhona owesifazane ongagqamile kangako kodwa imisebenzi yakhe iyona emkhulumela kangcono. Lowo ngu-Nonhlanhla Wanda, umzwilili womculo weJazz oyisakhamuzi nothisha kulona leli lokishi. Uyindodakazi yesihlabani sebhola lezinyawo u-Selby “Scara” Wanda (ongasekho) owaduma ku-Avalon Athletics naku-Zulu Royals. Umama wakhe ngu-Ntombizethu Wanda (naye ongasekho) owayengudadewabo wombhali wezincwadi zesiZulu u-Nonkamfela Ndelu owabhala incwadi ethi; “Mageba Lazihlonza” nomdlalo weshashalazi osihloko sithi, “Mkabayi ka-Jama.” Umama kaNonhlanhla-ke yena wayengathintwa emidlalweni yeshashalazi.
Usungacishe ubone ukuthi emithanjeni yale ntokazi kugeleza igazi labantu abanegalelo emphakathini. Iphephandaba iBAYEDE lithole ithuba lokuxoxisana noNonhlanhla ukuthola nje ukuthi kwenzekani empilweni yakhe nokuthi uthando lwalo mculo lwaqala kanjani kuye.
“Ngizalwa yincwasimende mina. Ubaba wayengumuntu ozithandayo elalela umculo opholile. Alukho uhlobo lomculo olwaludlalwa ekhaya ngaphandle kwe-Jazz. Ngineminyaka eyishumi nanye ngasengilalela umculo o “serious” wo-Sarah Vaughn; Clark Terry; Dizzy Gellepsie, Caiphus no-Letta Mbulu. Ukungenwa wuthando lomculo kwenza ukuthi nasesikoleni kube yimina ocelwayo ukuthi ngihambe ngicula emakilasini ahlukene bese ngiphiwa amasentshana ayenza ngizithengele okumnandi,” uzixoxa lezi zindaba zihambisana nohleko oluqhuma phezulu.
Mayelana nokuqala ukungena agxile emculweni we-Jazz, uNonhlanhla ubonga akaphezi kubaba wakhe owaya komethula ku-Bobby Mofokeng wase Lamontville ngonyaka ka-1983.
“Ngaleso sikhathi u-Bobby Mofokeng kwakunguyena mshayi wopiyano ophambili. Yena wangethula ku-Maphisi owayongethula eqenjini iZabuya elalicula i-Jazz. Kuleli qembu kwakukhona noMnumzane Sefatsa ongubaba ka-Lucky ongumsakazi ku-Vuma F.M. Iqembu le-Zabuya lalakhiwe yizitshudeni zokuqala ezafundiswa ngezimali ze-Ronnie Madonsela Bursary Fund eyayibekelwe ukuthuthukisa lo mculo entsheni. Yilapho ngaqala khona ukucula emahotela aphambili ko-Mhlanga Rocks. Ukugqama kwami njengomculi kwenza ngingene ku-Shell Road To Fame. Inkinga eyabakhona kwaba wukuthi kwakufanele ngingene njengomculi ohamba yedwa (soloist) okwakuphambene nemfundiso yeqembu lethu lokwenza izinto ndawonye. Okwaba kuhle ngeZabuya wukuthi ingixhumanise nezintokazi ezimbili zaseMelika u-Sharon Cart no-Marylin Cohen, sangena kwi-project yokuthuthukisa umculo weJazz eyabizwa nge-Peace Train Making Tracks.”
I-BAYEDE imbuzile uNonhlanhla ukuthi njengoba umculo we-Jazz uya ngokwehla nje yikuphi okungenziwa ukuvuselela uthando lwawo?
“ UMasipala kufanele abambe iqhaza elibonakalayo ngokuxhasa abaculi be-Jazz ngokubamemela emicimbini yakhe ukuze umphakathi ulujwayele lolu hlobo lomculo. Imakethe yomculo we-Jazz isemalokishini hhayi esilungwini. Izitshudeni ze-Jazz kumele zibuye zizosabalalisa uthando lwalo mculo kodwa kudingeka izimali ukuze lokhu kuphumelele. Ngaphezulu kwakho konke bona abaculi be-Jazz banomthwalo wokusimamisa lolu hlobo lomculo ngokuba nothando ngabakwenzayo. Kumele bafunde ukubekezela baqonde ukuthi lolu hlobo luncintisana nezinye izinhlobo zomculo ezithandwayo nezisheshe zingenise imali.”
I-BAYEDE imbuza ngaphezu kwakho njengamanje, uNonhlanhla uphendule wathi, “Ngiyamenywa emicimbini efana nemishado neyezinkampani. Inkinga umuntu abhekene nayo wukuthi izinkampani sezikholelwa ko-DJ kakhulu. Okungijabulisayo wukuthi ngenyanga ka-Ndasa (April), kuzoqalwa ukushuthwa kwefilimu eqoqa wonke umsebenzi umuntu asewenzile kulo mculo we-Jazz. Okungijabulisa kakhulu wukuthi nomlando webhendi engicule nayo isikhathi eside iIVA uzobe ukhona kuleli filimu. Ngenyanga ka-Mfumfu (October) ngizolibhekisa e-Philadephia kwelaseMelika ngalo ifilimu leli.”
I-BAYEDE ibuze ngabaculi be-Jazz abakhonzile u-Nonhlanhla uphendule wathi, “Mhlawumbe asingathi engibakhonzile kodwa sithi engikwazi ukucula ngifike ezingeni labo ngokwe range yezwi lami. Labo-ke wu-Aretha Franklin yize umculo wakhe ungeyona i-Jazz. Indlela asebenzisa ngayo izwi lakhe iyangichaza. Abanye ngo-Sarah Vaughn; Ella Fitzgerald no-Mahalia Jackson. Kulaba abadlala izinsimbi ngithanda i-Three Sounds.
UNonhlanhla usecule ne-GTX; African Jazz Connection ne-IVA. Kulawa maqembu i-IVA iyona ayithatha njengesikhungo sokufundisa esihlanganisa ulwazi lwaseNyuvesi; amaciko azifundise wona nentsha esafufusa.
“Ku-IVA besicula i-Jazz; Afro-Jazz ne-Blues.”
U-Nonhlanhla ungene wathi shi ekuthuthukisweni komculo esikoleni afundisa kuso iNsimbini Primary School ekhona e-Chesterville. Ngosizo lwe Suncoast Casino sikwazile ukuthola uxhaso oluzokwenza isikole sibe ne-Amphitheatre; amakilasi omculo nezifundo ze-Piano. Kulokhu akayedwa kodwa usebenzisana nesigungu esilawula isikole nothisha abanye. Baphinde bakwazi ukunxenxa inkampani yakwa-DISTEL ukuthi kube khona exhasa ngakho isikole.
Ekuphethweni kwengxoxo ye-BAYEDE nale ntokazi, kucace ngokusobala ukuthi uthando lomculo we-Jazz lusemithanjeni. Uhambo lwase Philadephia eMelika lusengolokwenezelela kulolu lwazi enalo lomculo kwazise iMelika yikhaya lalolu hlobo lomculo.