Now Reading
Ukuzihlela nokuqinisa amabhawodi yikhona okuyosiza iProteas
Dark Light

Ukuzihlela nokuqinisa amabhawodi yikhona okuyosiza iProteas

IProteas iphinde yahluleka yancama ukuqeda isinyama kweyeNdebe YoMhlaba yeT20 ebise-United Arab Emirates (UAE). Elakuleli liphume esigabeni samaqoqo. Liqede endaweni yesithathu ngemuva kokunqoba imidlalo emine lahlulwa kowodwa.

Umehluko wenani lemigijimo yiwona ome endleleni yeProteas ebheke kowandulela amanqamu.

Eqoqweni leProteas kugcine kudlule AmaNgisi ne-Australia ekhale yemuka nesicoco iguqisa iNew Zealand kowamanqamu. Kusukela elakuleli labuyiselwa emidlalweni yamazwe ngowe-1992 elikaze liyinqobe iNdebe YoMhlaba.

ULinda Zondi oke waba yinhloko yethimba labaqoki kuProteas uxoxe noZipho Singela ngezizathu eziholele ekutheni ezikaTemba Bavuma ziphume kuseva kweyeNdebe YoMhlaba nokuthi yimaphi amabhawodi asadinga ukuqiniswa ukuze elakuleli liqede ishobolo leminyaka liphikwa yile ndebe. Ngonyaka ozayo i-Australia iyona ezosingathi iNdebe YoMhlaba yeT20.

Okusadinga ukulungiswa
Ubudlelwano kwabavulayo:
Sishintshashintshe kakhulu kubadlali abavula umdlalo ngebhethi. Kwesinye isikhathi bekuvula uQuinton De Kock noTemba Bavuma bese kuthi kokunye kuvule uDe Kock noReeza Hendricks. Lokhu kusidlisile futhi kumele sikulungise. Ukushintshashintsha kuwubulele umgqigqo wethu wokubhetha. Kumele sazi ukuthi sivula ngobani.

Ifomu kaDe Kock:
Kube yishwa ukuthi uDe Kock wehlelwe yifomu ngesikhathi esimqoka seNdebe yoMhlaba. Ukube ubesefomini angingabazi ukuthi besodlulela kowandulela amanqamu ngoba sasizosijaha ngokushesha isibalo semigijimo engama-78 seBangladesh obekuzokwenza umehluko wemigijimo ubukeke kangcono.

Indaba yomdlali obhetha endaweni yesikhombisa nomshwibi ophosa uhlobo lwespini aphinde abhethe:
Kunzima ukuthi sidlale uhlobo lwekhilikithi edlalwa amazwe afana ne-Australia, i-England ne-India lokumuhluza ibhola zisuka. Njengamanje uDwaine Pretorius nguyena obhetha endaweni yesikhombisa.

Wenze kahle njengomshwibi kodwa akazange abhethe kahle. Uma umdlali obhetha endaweni yesikhombisa engabhetha kahle bese kuthi ispinner sethu sesibili sibhethe endaweni yesishiyalombili, lokho kungasinika inkululeko yokuthi siliphahlaze zisuka ngoba noma singalahlekelwa amawikhethi kodwa siyazi ukuthi uhla lwethu lokubhetha lude. Phela lolo hlobo lwekhilikithi luhle kodwa luhamba nobungozi bokulahlekelwa amawikhethi.

Uma unabadlali abakwazi ukushaya ibhola endaweni yesikhombisa neyisishiyagalombili kwenza kubelula ukushaya ibhola zisuka. I-Australia inoMatthew Wade noMarcus Stonios kulezo zindawo. ISpinner sabo sesibili uGlenn Maxwell ubhetha endaweni yesine. I-England inoMoeen Ali oyispinner sayo sesibili kodwa ubhetha endaweni yesine. Yingakho bedlala ngenkululeko ekuqaleni komdlalo. U-Aiden Markram uyazama kodwa akakasiniki ama-over amane njengo-Ali noMaxwell.

Esikwenze kahle:
Sikhombise ukuqina kokhakhayi:
INingizimu Afrika ibingaphansi kwenkulu ingcindezi ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe YoMhlaba. Izinkumbi zabathandi bekhilikithi nabahlaziyi bebethi iqembu elinaso isipiliyoni kodwa lazicisha zonke lezi zinkulumo ngokunqoba imidlalo emine.
Lokhu kudweba isithombe sokuthi ngokomqondo iqembu linabadlali abangenaso isipiliyoni esikhulu kodwa ukhakhayi luqinile. Uma ufuna ukunqoba imiqhudelwano lokhu uyakudinga ngoba akudlali amagama. IWest Indies iphume ekuseni nezibabuli zifana noChris Gayle, Kieron Pollard, Dwayne Bravo, Nicholas Pooran no-Andre Russell.

See Also

Abashwibi bavutha uphondo:
Ithimba lethu labashwibi lenze umsebenzi oncomekayo. UKagiso Rabada no-Anrich Nortje yibona abebesakhela isisekelo ekuqaleni komdlalo ngokuthatha amawikhethi amqoka kuma-over ayisithupha okokuqala (Powerplay yokuqala). Phakathi nomdlalo uKeshav Maharaj noTabraiz Shamsi bashaye into ecokeme ngoba bebekwazi ukuthatha amawikhethi baphinde behlise nesivinini izitha ebezibhalisa ngaso amarun ebhodini. Uhlaka lwethu lokushwiba nangendlela esididiyele ngalo abashwibi lubeluhle kakhulu.

Ibhentshi liqinile:
Ngendlela ithimba lethu labashwibi elenze kahle ngakhona ngisho abadlali abafana noLungi Ngidi esimazi kahle ukuthi useqophelweni eliphezulu kwenze ithuba wangalithola. Okuhle ngalokhu wukuthi noma ngabe kwenzakalani kwabadlalayo kodwa sinebhentshi eliqinile.

URabada uyakhula ngebhethi:
Kuyajabulisa ukubona uRadaba ekhombisa ukudlondlobala ngebhethi. Uma engayibamba kanje ngicabanga ukuthi uzoba wusizo ngoba sizombeka endaweni yesishiyagalombili ukuze asiwenze ngelibanzi.

UDavid Miller ngumshokobezi:
Uma sikhuluma ngomuntu ongungqondongqondo ekuqedeni izitha akekho esinaye odlula uMiller. Ukutshengisile lokho kule Ndebe YoMhlaba. Angabhetha phezulu kodwa lokho kuzophazamisa uhla lokubhetha ngasekupheleni komdlalo.

Scroll To Top