Sekunenkunzi entsha esibayeni sepolitiki
USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Ngesikhathi kusekhona ukubuzana ekutheni ngabe ukhuvethe luzoba nawo yini umthelela okhethweni oluzayo koHulumeni Bendawo nokuhlelwe ukuthi lube ngowezi-2021, isibaya sepolitiki eNingizimu Afrika sesinenkunzi entsha. Nokho yize iqembu lilisha kepha ubuso bobuholi namalungu buyaziwa kuleli nasemazweni omhlaba. Igama leqembu elisha yi-ActionSA neholwa nguMnu uHerman Somtseu Mashaba.
Kuleli sonto elaboHlanga libe negxoxo ekhethekile noMashaba nayilapho ekuveze konke. Obekuqapheleka lapha wukuzethemba kanjalo nolwazi lwezinto ezihlalise kabi izakhamuzi zakuleli. Lonke lolu lwazi ubeveza ubufakazi balokho akuthole uma exoxa nabantu baseNingizimu Afrika ngaphansi komkhankaso wakhe kazwelonke obuwaziwa ngokuthi yiThe People’s Dialogue (TDP). Lo mkhankaso wezinyanga ezintathu, kusuka mhla ziyisi-6 kuZibandlela ngowezi-2019 kuya mhla zingama-29 kuNhlolanja ngowezi-2020.
Wethule ubufakazi kwelaboHlanga nobebuveza ukuthi uxhumane nenqwaba yabantu, abanye ebabona mazinyo kanti abanye exhumana nabo esebenzisa ubuchwepheshe besimanje. Kulobu bufakazi kuvele ukuthi:
- Isizindalwebu sibukwe ngabantu abayizi-74,958 kusuka kwabayizi-34,094 abangabasebenzisi baso. Zibe yizi-5,250 izethulo ezinqala ezenziwe kusetshenziswa isizindalwebu.
- KuTwitter uMashaba ubhale amathwithi angama-675 ezinyangeni ezintathu, afundwa abayizigidi ezingama-21.3 kanti abaphendula babe yisi-1 130 000. Esewonke amathwithi ahambisana neTPD mayelana nemikhankaso abe yizi-68,360.
- KuFacebook, uMashaba ubhale izikhathi ezingama-348 kwafinyelela kubantu abayizigidi eziyisi-8.8 abangabasebenzisi abanqala okwenza kwabonwa abantu abayizigidi ezili-11.8 nabaphendulayo abayi-1 280 000. Abaphawula babayizi-41,477.
- Ezinkundleni zokuxhumana iTPD yabonwa abantu abayizigidi ezingama-33.1 kwaphendula abayizigidi ezi-2.41.
Ngokobufakazi, izethulo ezinqala, ukuphawula nezimpendulo okutholakale kuzo zontathu izinkundla zokuxhumana kuyizi-125,087.
Inxiwa elisha nenqubomgomo
Sekuwumlando ukuthi emuva kwalo mkhankaso nazishaya isifuba ngawo ukuthi ugile izimanga, ngempelasonto eyedlule lo mholi obeyiMeya yaseCity of Johansburg ngaphansi kweDemocratic Alliance (DA) uphume inxiwa wethula inhlangano entsha. Engxoxweni nelaboHlanga uthe lokhu kube wukuzalwa kabusha isibili.
“Bese ngiyishiyile ipolitiki kodwa kwabakhona abangicelayo ukuba ngibuye. Ngixoxisane nomndeni wami savumelana ukuthi ngisilalele isicelo salabo abangibizayo. Empeleni bayizigidi ezimbili abantu abasayine izicelo zokuba ngibuye kwezombusazwe. Nembala ngenze njalo kodwa ngaqinisekisa ukuthi ngabe bonke abantu sinombono ofanayo yini njengoba kuthiwa angibuye nje. Izindawo esizihambele zikhombe ngokusobala ukuthi abantu bakithi bakhathele izethembiso ezingekho nokuzithola bengenawo amathuba emisebenzi nobugebengu nokunye,” kusho uMashaba.
Ebuzwa ukuthi ngabe yena inyamazane (abavoti) uzoyikaka ngakuphi njengoba namanye amaqembu ekhona uthe empeleni kanakile amadlela abanye kepha ubheke isibalo sabavoti abayizigidi ezili-18 abangazange baphume ukuyovota okhethweni olwedlule. Uthi i-ActionSA akuyona eyamasakabula onontandakubukwa.
Uthe inqubomgomo yeqembu yakhelwe phezu kweziphakamiso zabantu abakhulume ngesikhathi somkhankaso.
“Siyiqembu elakhelwe emigomeni emihlanu okuwukuhlonipha umthetho, kuphele le nto yokuthi izinhlaka zomthetho seziyaziwa ukuthi zichemile ngakho kunabaholi abangeke baboshwe uma begangile. Kube umgomo wokuthi izakhamuzi zakuleli azibe negunya lokuzikhethela uMengameli, uNdunankulu nabaholi abasePhalamende kungabi iqembu elizenzela konke.
“Okunye ukuthi sifuna ukuba iqembu elihlanganisa zonke izinhlanga siphinde siqinise umnotho wezwe ukuba ungalawulwa uHulumeni kodwa akube abantu ngokuzimela ukuze kugwemeke inkohlakalo esiyibona yenzeka njengamanje. Ukulwa nenkohlakalo nokuthi laba bantu bokufika abalapha ngokungemthetho sibabuyisela emazweni abo ngoba izwe lethu alinawo amandla okuthwala bona ekubeni izakhamuzi zalo nazo zisabalisa zingeneme ngezidingo,” kusho uMashaba.
Uthi labo sopolitiki abazobe bethinteka ebugebengwini bokushushumbisa abantu bakwamanye amazwe, bese bebaletha lapha babanike amaphepha omgunyathi obuzwe, bafuna bajeziswe kanzima ngengalo yomthetho.
UMashaba akananazi uma ekhuluma ngeziphaza eziphethwe abokufika emalokishini akuleli. Uthi uma iqembu lakhe linganikwa amandla iyoba umlando iphele leyo nto ukuze abantu bakuleli babenamathuba okuzithuthukisa ngokwamabhizinisi asemalokishini.
“Okunye sithi labo somabhizinisi bokufika abakuleli ngokungekho emthethweni kodwa abaneziphaza ezindaweni zakobantu, kumele bathathwe babuyiselwe emazweni abo bese lawo mabhizinisi anikezwa abantu bakithi,” kuqhuba uMashaba.
Uthi isandla sakhe siyaziwa
Kulabo abasenemibuzo ukuthi angaba ngumholi onjani uma enganikwa ithuba lokuphatha izwe uMashaba uthe isandla sakhe siyaziwa futhi ngeke aguquke kunalokho angenza okungcono. Uzishaya isifuba ngokuthi ubeyiMeya ebenesibindi yaxosha zonke izikhulu zikaMasipala waseCity of Johannesburg ebeziqashwe ngobuqembu. Uthe le ndlela yokuqashana ngobuqembu iwuguqisile uHulumeni ngoba kuvele kuqashwe umuntu ongazi lutho kodwa owazi abathile.
Ukholwa ukuthi uma uHulumeni ugcwele abantu abaqashwe ngobuqembu lokho kugcina kungasalifezi iphupho lokuhambisa izidingo kubantu ngoba izisebenzi zisuke zingazi lutho futhi zingenandaba nomsebenzi eziqashelwe wona.
Okunye athe uzoqhubeka nakho wukukhuculula amabhilidi enkabeni yeGoli nakholwa wukuthi labo ababephikisana naye ngesikhathi ekwenza eseyiMeya babeshiswa zindaba zabo ngoba babehlomula ikakhulukazi osopolitiki.
Ebuzwa ngezinhlelo zangokhetho oluzayo uthe akukho ukuxhamazela ngoba ngeke bangenele zonke izindawo kunalokho bazoholwa wucwaningo lwezindawo lapho abangenza khona kangcono. Uthi inhloso wukuphundla uKhongolose ezindaweni ezifana neTshwane Metro, iCity of Johannesburg Metro neKurhuleni. ITheku uthe balibheke ngabomvu ngoba ucwaningo lwabo okwamanje luthi izoncinzeka i-ANC.
OkweDA sekungumlando
Okunye okube sobala kule ngxoxo yikuthi amehlo akhe awekho kuDA kepha akuKhongolose. Lokhu kungenzeka ukuthi yiqhingasu nje lokwenza abeDA banganaki uma esegadla. Uthe aboHlanga kuphele iminyaka engaphezu kwama-400 behlukunyezwa abamhlophe kodwa osekwenziwa yi-ANC uthi kumqeda amandla uma ebuka aboHlanga indlela abathwele kanzima ngayo. Uthe yiso lesi sizathu ebone kungcono ukuthi iqembu lakhe liqinise ezintweni ezithinta abantu ngqo nsukuzonke.
Uphathe nodaba lo mhlaba wathi akahlonizi uma ethi umhlaba kumele ubuyiselwe kwaboHlanga kodwa hhayi ngobudlova. Uthe uyakweseka ukuthi umhlaba awubuyiswe kodwa angakuzwa kahle yilokhu kokuthi awuthathwe ngaphandle kwenkokhelo, wathi ubugebengu lobo futhi akasobe akweseke.
Kule ngxoxo uMashaba ukuvezile ukuthi umi ngomumo ukugudlula kwasani endleleni yakhe. Indlela umthethosisekelo wesikhashana weqembu ohleleke ngayo kanjalo nethimba lazisebenzi lansukuzonke kugcwalisa khona lokho ukuthi isingene inkunzi entsha esibayeni. Uma uyiDA akumele ukhululeke ngoba ezinye zezinto ezisemqulwini weqembu likaMashaba zigcizelela lokho okwake kwashiwo yiyo iDA umehluko wukuthi uMashaba ukusho kangcono.
Umlando wakhe ungenye yento engahle idale inkinga ezimbangini zakhe. Akasona isicelankobe kepha ungumandla akhe njengoba engene kupolitiki ngokumenywa evele ezenzela amabhizinisi akhe. Lokhu kokuba ngusomabhizinisi ophumelelayo kwenza ulimi lwakhe luzwakale kubatshalizimali nosomabhiznisi. Kanti umzabalazo wakhe esuka obhuqwini aze abe kwanompumelelo kungase kusondeze aboHlanga laba iDA ethi nabo ibagaqele, labo abasebancane nabafuna ukusuka ezimweni lapho umlando nepolitiki uba beke khona. Akafani noMaimane yena ‘owakhiwa’ ngaphakathi uMashaba wafika esethombe kuzo zonke izimo zempilo. Okwamanje uMashaba yilona liva elingahle lihlabe iDA kanzima futhi lincozule nalapha kuKhongolose.