Now Reading
Okwehlukene okwenzeke kwezemidlalo nonyaka
Dark Light

Okwehlukene okwenzeke kwezemidlalo nonyaka

Unyaka wezi-2022 kube unyaka obe nezigameko eziningi ezibe zinhle. Kwenzeka lokho nje abantu bebebuya eminyakeni emibili ebe nzima, njengoba bekumiswe izinto eziningi ngenhla yokhuvethe olwasabalala kakhulu ngonyaka wezi-2020. 

ElaboHlanga libheka ezinye izinto ezihlabahlosile  kulo nyaka, kuyona yonke iminxa yemidlalo. 

IBanyana Banyana

NgoNtulikazi eMorocco, yanqoba umqhudelwano we-Womens Africa Cup of Nations (Wafcon). Yaphakamisa lo mqhudelwano ngokuguqisa osokhaya, ngamagoli amabili kwelilodwa. NgoNcwaba umqeqeshi wayo uDesire Ellis waqokwa njengomqeqeshi obaqwaqwade bonke emakhanda e-Afrika.

Moruti Mthalane 

Kube isikhathi esinzima kubalandeli bamankomane balapha eNingizimu Afrika, ngoMfumfu ngesikhathi elwa impi yakhe yokugcina. UMthalane waseLutheni ulwe impi yakhe yokugcina noDionel Doicos wasePhilippines, wayinqoba. Lempi iyona eyabe ingeyosuku ezimpini ezaziqhathwe iMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi. UMthalane othathwa njengenkunzi emhlabeni esisindweni se-flyweight, uphanyeke amagilavu emgibeni emuva kweminyaka engama-22 eyibambile kwezamankomane kusukela ngonyaka wezi-2000. Kule minyaka uwine ibhande laseMzansi, elomhlaba le-IBF kabili, ele-IBF International, ele-IBO neleWBC Silver. Ezimpini ezingama-43 unqobe ezingama-40 nokuyirekhodi elihle.

Phiwokuhle Mnguni

Uneminyaka yobudala engama-21, uqophe umlando nonyaka njengoba abe ngowokuqala wesifazane ukunqobela iNingizimu Afrika indondo yethusi  kumamaCommonwealth Games eBirmingham, e-England ngasekupheleni kukaNtulikazi noNcwaba. Le ntokazi yaseDundee, eSibongile, ayigcinanga lapho njengoba iphinde yanqoba imikomelo emikhulu kumaKZN Sports Awards okwaba oweSports Personality of the Year noweSportwoman of the Year. Wakhala wemuka nesamba sezinkulungwane ezingama-R10 nonyanyavu lwemoto lwaka-VW.

AmaZulu FC 

Leli qembu eliphethwe uSandile Zungu, ngoLwezi lifike kowamanqamu eMTN 8 nalapho abhekana khona ne-Orlando Pirates. Yize ahlulwa kulo mdlalo owabe ubanjelwe eMoses Mabhida Stadium, kodwa okwagqama  ukuba khona kweSILO uMisuzulu kaZwelithini. Okunye okubandakanya unobhutshuzwayo esifundazweni iKwaZulu-Natal, ukunyukela kwi-Dstv Premiership kweRichards Bay FC emva kokunqoba iligi yeGladAfrica Championship esibizwa ngeMotsepe Foundation Championship.

Comrades Marathon 

See Also

Lo mqhudelwano besekuphele iminyaka emibili ungekho, ukhuze ibuya nonyaka. Kube injabulo ukuthi kwabesilisa ngowoHlanga owanqoba lo mqhudelwano, okunguTete Dijana waseMahikeng, eNorth West ogijima ngaphansi kwiNedbank Running Club ngesikhathi esiwu (05:30:38). Kwabesifazane kwanqoba u-Alexandra Morozova waseRussia ngesikhathi esiwu (06:17:48). 

INdebe YoMhlaba 

Lo mqhudelwano osongwe ngeSonto unqotshwe i-Argentina emva kokuhlula iFrance ngamagoli amane kwamabili sekukhahlelwa amaphenathi. Lokhu kubeke ukaputeni we-Argentina uLionel Messi njengomdlali obadlula bonke emhlabeni, emva kokuba nombango phakathi kwakhe noCristiano “CR7” Ronaldo. 

UMengameli weSafa

UDanny Jordaan uphinde walunqoba ukhetho lokuba uMengameli wenhlangano engamele unobhutshuzwayo iSouth African Football Association (SAFA). Sekungokwesithathu ephethe lesikhundla, waqala ukusiphatha kusukela ngonyaka wezi-2014 koze kushaye unyaka wezi-2026. Waba namaphuzu ali-186 kwathi ayebanga naye uRia Ledwaba waba nangama-27. 

Scroll To Top