Kubona wukunqoba kuphela njengoba umlando ubadinga
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kuyinoma yiluphi ukhetho kulindelekile ukuthi kube khona abanqobayo nalabo abakhala ngaphansi. Leli yiqiniso elenza abangenele ukhetho bahlelele kokubili, ukwehlulwa noma ukunqoba. Abanye okusuke kulindeleke ukuba bakhulume baze babe nezinkulumo ezahlukene, eyokwamukela ukwehlulwa kubongelwe imbangi naleyo yokubona abavoti ngempumelelo.
ENingizimu Afrika ngesonto elizayo emuva nje kwamahora angama-24 kuvotiwe kuzobe sekuzwakala ukuthi abebengenele bethula yiphi inkulumo kweyokwehlulwa noma ukunqoba. Cishe kuwo wonke amaqembu amakhulu kukhona ingcindezi efanayo. Kulawo amakhulu kubalwa elibusayo naphikisayo, kulindeleke ukuthi abaholi bawo babe yinjolozela.
URamaphosa embangweni wokwenza kangcono
KuMengameli wezwe ne-African National Congress (ANC) uRamaphosa lolu wukhetho lokuqala ephethe izintambo. Luza ngalesi sikhathi izinto zomapeketwane eqenjini kanti nemilomo yanda ezweni ukuthi iqembu lakhe lingobhongoza benkohlakalo edla lubi kuleli. Ingcindezi ekuRamaphosa wukubuyisa izinduku njengoba ngokhetho lokugcina okokuqala ngqa emlandweni wedemokhrasi noHulumeni Bendawo i-ANC yalahlekelwa ngomasipala abakhulu okuyi-Johansburg, iNelson Mandela neTshwane.
Lokhu ngokusho kongoti ngaleso sikhathi kwakusho ukuthi leli qembu lilahkelewa ngabavoti emadolobheni nakulabo abamaphakathi ngokwezinga lempilo. Ucwaningo olukhona noluhlanganiswe ngabeVictory Research ngokujutshwa ngabeNews24 luveza ukuthi ngeke kube nomehluko otheni njengoba luthi ukwesekwa kwe-ANC eJohannesburg kungahle kube ngama-41% nakhona uma ingxenye yabavoti ifinyelele ezikhungweni yavota. Lokhu kuyosho ukwehla njengoba ngowezi-2016 yabuya nama-45%.
Nasenhlokodolobha yakuleli iTshwane izinto kazihambi kahle uma kuya ngocwaningo lwakamuva noluveza ukuthi i-ANC ingase ibuye nama-46%. Lesi sithombe siyefana nakomunye uMasipala omkhulu eGauteng i-Ekurhuleni. Uma kungcina kunje kuyosho ukuthi iqembu elikhulu kuleli alinawo amandla asobala komasipala abayinhliziyo yomnotho wakuleli kanye nenhlokodolobha. Umbuzo uma kunjalo uyothi pho ukufika kukaRamaphosa kusize ngani ngoba nakhu iqembu liya phansi kunokuba linyukelwe zibalo.
Uma zike zehla izibalo zokusekwa kwe-ANC ngaphansi kukaRamaphosa lokhu kuyodala itwetwe njengoba vele nezikazwelonke zehla ngokhetho olwedlule nayilapho yathola amaphesenti angama-57.50% esuka kwangama -62.15% ngowezi-2014 ngaphansi kukaZuma.
Akuyona imfihlo ukuthi iqembu aliholayo uRamaphosa alinamali. Alikwazi ukuholela izisebenzi kanti ukuncipha kwezihlalo komasipala kungasho ingcindezi ngoba labo abasuke beqokiwe bayalekelela ezindlekweni zeqembu. Kanti ukungabi namakhansela ezindaweni ezithile kungahle kumfake ehlazweni nasengcindezini uRamaphosa njengoba uma nje ephuma okhethweni kuzomele aphunge izimpi zangaphakathi eqenjini.
Intaba okumele iqwalwe nguSteenhuisen
Kubantu abaningi umholi weqembu elikhulu kwaphikisayo uJohn Steenhuisen akuyena umuntu onogazi. Uthathe isikhundla ngendlela abanye abathi yabe inobuxoki njengoba kwathi angathatha nje kwavela izinsolo zokuthi ukhaphele umholi wokuqala woHlanga ukuze inqola ibuye kubelungu nokuyinto ayiphikayo nsukuzaphuma.
Njengomholi omusha weqembu kulindeleke lukhulu kuye kulolu khetho olungelokuqala ephethe. Inkinga yakhe yokuqala wukuba akwazi ukubuyisa okungenani amavoti anele ezindaweni ezithile ezifana neJohannesburg, iTshwane, iNelson Mandela, iTheku naseMidvall. EJohannesburg ubhekene nenkanankana njengoba engeke aphazanyiswe wuKhongolose nje kuphela kepha iyaphakama ne-Economic Freedom Fighters (EFF) kakhulu ezindaweni zakobantu. Enye inkinga abhekene nayo yiqembu elisha likaMnu uHerman Mashaba i-ActionSA elingabonakali linqoba kepha elingancunza lapha emavotini ayo iDA.
Ukutatazela kwalo mholi neqembu lakhe kufakazelwe yisenzo salo sakamuva sokuba emikhankasweni yaso sinyundele ezikaMashaba nokuyinto engejwayelekile ukuba iqembu eliphikisayo linake elinye elifana nalo kunokuhubha iqembu elibusayo. Ngokocwaningo lwakamuva kubukeka iDA izobuya namavoti angama-25% eJohannesburg isuka kwangama-38% ngokhetho olwedlule. Kanti eTshwane khona kuthiwa kuzocishe kufane njengoba lilindeleke ukuba libuye nama-26%. Uma nembala izinombolo zigcina kanjena kuyosho ukuthi iDA noma uKhongolose ukhethe labo ongangena nabo esivumelwaneni sokusebenzisana. Lapha ingahle iDA izithole ikwangqingetshe kwazise seyikhulume kuqala ukuthi ayingeke iphinde ibe nesivumelwano ne-EFF ne-ANC.
Njengoba kwabe kulukhuni satshe kuMaimane ukuqoma i-EFF ngokhetho olwedlule, uSteenhuisen naye ukuqoma kwakhe kuyosho lukhulu ngekusasa lakhe eqenjini nakupolitiki jikelele. Ukuputshuka kwenkulumo yangaphakathi nayilapho lowo owayengumholi weqembu uNkk uHelen Zille evuma ukuthi ikhona ingozi yokuthi eNelson Mandela Bay babuye namaphesenti angama-15% kuya kwangama-20% okungabaphoqa ukuthi baqome abalingani. Ngamafuphi yize kulindeleke ukuthi yenze kahle lapho ihlale iphumelela khona eKapa kulokhu kukhona umbono othi isibalo sayo sizoncipha kusuka khona eKapa. Lokhu kungenza uSteenhuisen ahlehlelwe yizikhuni ngaphakathi eqenjini nokungenza asheshe ehliswe esikhundleni okungaba yihlazo.
UBulawayo esikalini esimqoka
Uqale engatshazwa ngabakwabo kepha uvuthondaba lube ngesikhathi ethula isikhongeli seqembu eGreyville ekuqaleni kwenyanga. Loyo nguMnu uVelenkosini Hlabisa nonguMengameli we-Inkatha Freedom Party (IFP). Kukhona ukuvumelana ngaphakathi nangaphandle eqenjini ngisho nasezimbangini zakhe ukuthi isethulo sakhe cishe sazedlula zonke ezabe zenziwa ngaleso sikhathi. Amaphuzu ali-10 abekwa yi-IFP aphumelela ukulibeka njengeqembu ‘eliyizimbangi zangempela ze-ANC. Lokhu likwenze kwalula kulandela ukuqhuzuka kweqembu lesibili ngobukhulu kuleli iDA nelisaphithene kupolitiki yokucwasa emuva kwesibhicongo sesikhangisi.
UBulawayo (abakwaHlabisa) ukwazile ngesikhathi esifushane nje ukuphendula imibuzo mayelana nokuqina kwakhe ekubambeni izihlangu zephisi elidala kwipolitiki yakuleli, uMntwana waKwaPhindangene abanye nangaphakathi eqenjini abebetshala ungabazane ukuthi kakaqini. Uthathe ngesikhathi i-IFP isemkhankasweni wokubuyisa izinduku njengoba yaqala okhethweni lukazwelonke olwedlule yagudluza iDA neyabe iqhwakele kwesokuba yiqembu elikhulu kwaphikisayo KwaZulu-Natal. Kaligcinanga lapho leli qembu kepha likwazile ukwenza kahle okhethweni lokuchibiyela ezingxenyeni eziningi KwaZulu-Natal.
Nokho indaba isokhethweni lwezindawo nayilapho amandla kaBulawayo nowayeyimeya isikhathi eside KwaHlabisa ezobukwa khona. Lokhu kwenzeka lapho iqembu lakhe lenzekelwe ngokungajwayelekile lapho abekade bengamalungu alo beqome ukuzimela okhethweni. Lokhu kwejwayelekile kepha okubhekene ne-IFP kwehlukile ngoba laba abangene ngokuzimela baningi enhliziyweni yayo-IFP okuwuLundi noNongoma. Akumangazi ke manxa vele leliqembu liwuvala khona umkhankaso walo Olundi.
Yize kungaba wubuwula ukuqhathanisa uHlabisa noMntwana i-IFP evumelane ukuba ikhankase ngaye, iqiniso lithi uma uHlabisa enganqoba okuwukugcina izindawo ezivele zingaphansi kwe-IFP noma engeze ezintsha, lokhu kungenza ubuholi bakhe buhlonishwe ngamalungu eqembu futhi kungabe sekumakhela isisekelo esiqinile okhethweni oluzayo lukazwelonke. Kepha uma iqembu lingenzanga kahle labo ababevele bengamuzwa bayothola ibhaxa.
UMalema kumele avale umkhokha
Ihlaya elingeyona imfihlo ngoba naye qobo umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) akalifihli ngelokuthi iqembu lakhe likhuluma kahle kepha bese lishiywa ngabavoti ngosuku lokhetho. Lona ngumkhokha osubhekene naleli qembu selokhu lasungulwa
Nokho uma kuya ngezinkulumo zalo zakamuva kusobala ukuthi lihlose ukuwuqeda lo mkhokha leli qembu njengoba lingenise kubo bonke omasipala nje. Uma liphumelele ukwenza njalo kuyophela ukukhuluma okuthi liyiqembu elande ngomlomo kepha kalesekelwa muntu. Ukungenisa kwalo KwaZulu-Natal kuveza ngokusobala ukuthi linenhloso yokuba yingxenye yemikhandlu ezokwakhiwa futhi alifuni ukuba ngumlingani omncinyane kepha lifuna ukuba ebuholini noma libe yiqembu elikhulu kwaphikisayo. Okunye elikuhlosile wukuba libe ngamabekankosi komasipala KwaZulu -Natal.
Ukuze lenze njalo kuyomele lidlale ne-ANC ne-Inkatha Freedom Party nokulindeleke ukuthi badudulane kweminye imikhandlu KwaZulu -Natal. Uma leli qembu likwazile ukwenza njalo kuyosho lukhulu ezinombolweni zalo kuzwelonke nasekubukweni kwalo ngabavoti. Kepha uma nakulokhu lehlulekile kuyosho ukuthi lizoqhubeka nokuba yinhlekisa kwamanye.