Ungayilindeli imiphumela emihle ongayisebenzelanga



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Azohlaba ephukele la mazwi angaphezulu kwabacabanga ukuthi ngikhuluma ngezombusazwe kanye nezokhetho lukaHulumeni Wendawo esisuka kulo. Kulesi siqephu sanamuhla angikho lapho ngoba bakhona abamkatshubomvu endimeni yezepolitiki. Okusemqoka kulesi siqephu sanamuhla ukuthi ngikhulume nawe njengoba sekusele isikhashana ngaphambi kokuwugojela unyaka.
Lo nyaka, njengalowo odlule, ubunobunzima bawo kanye nezinkinga eziningi ezifaka phakathi ukhuvethe lolu esibhekene nalo. Ubunzima ebesibhekene nabo onyakeni ofile kanye nalona ophezulu abusho ukuthi impilo ayisaqhubeki. Ukubaluleka kokuqhubeka kwempilo kwenze kwabaluleka ukuthi sibe nezinhlelo zonyaka noma sazi ukuthi sibhekene nesimo sesifo esingumashayabhuqe.
Abantu abaningi bakwazile ukuhlela kanye nokuzibeka emathubeni empumelelo noma unyaka ubunobunzima. Abaningi babo baqalile bayavuna futhi abanye basazovuna izithelo ezinhle zokuzikhandla kanye nokusebenza kanzima. Okubuhlungu, kukhona phakathi kwethu abangakubonanga kubalulekile ukuhlela kanye nokuba nezinhlelo zonyaka empilweni yabo. Iningi lalabo abangahlelanga lutho ngempilo yabo alunalutho oluphathekayo abalwenzile kulo nyaka. Sithe uma siqala unyaka sibhala phansi izifiso kanye nezinhlelo zonyaka bakubona njengento engenabuhlakani futhi nengenasidingo. Okubuhlungu ukuthi nabo bayayifuna imiphumela emihle noma bengayisebenzelanga. Lokhu kwenza uzibuze ukuthi kanti uyahola yini umuntu engasebenzanga?
Ukuphoxheka okuningi esibhekene nakho kungenxa yokungahleli kanye nokungabi nohlelo ezintweni esizenzayo. Abakwazi ukukhuluma bathi, uma uhluleka ukuhlela kahle izinto zakho, usuke uzihlelela indlela eya ekuphoxekeni. Uma ubuza abantu abaningi abangajabulile ngemiphumela abayitholile, kungaba kesesikoleni, emisebenzini, kwezamabhizinisi, kuyavela ukuthi isizathu esenza bengajabuli ngemiphumela ukungabi nohlelo oluhlelekile ngabafuna ukukwenza. Kuye kungizwise ubuhlungu kakhulu ukubona abantu abanawo amakhono futhi abanamandla okuphumelela behluleka ngenxa yokungahleleki.
Kulezi zinsuku ezisele onyakeni ngifisa ubuyele lapho wawubhale khona izinto owawufuna ukuzenza kulonyaka ubheke ukuthi yini okwazile ukuyenza. Ngiyacabanga ukuthi kuzokujabulisa ukubona imiphumela emihle. Ngiyazi ukuthi kuzobakhona engemihle, futhi kuzoba khona izinto ezingenzekanga. Zibuze ukuthi yiziphi izinkinga ezikwenze imiphumela emihle. Bhala phansi zonke izinkinga ohlangabezene nazo kanye nezinto ongazenza ukube bekuthiwa isikhathi siyabuyiselwa emuva. Lokhu kubalulekile ukuthi ukwenze ukuze ungaphindi amaphutha owenzile ngonyaka ozayo. Singabantu siye siphoxeke uma izinto zingahambi ngendlela ebesibheke ukuthi zizohamba ngayo kodwa asizibuzi ukuthi kungani singatholanga imiphumela ebesiyilindile futhi asifundi lutho emaphutheni ethu ngoba asifuni ukubonakala sisephutheni.
Uma ngithi ungalindeli imiphumela ongayisebenzelanga angikuchomeli futhi angifuni uzizwele sengathi uyisehluleki kodwa ngifisa ukugcizelela ukubaluleka kokuhlelwa kwezinto kanye nokusebenza kanzima. Njengoba kuzokwenziwa imicimbi eminingi yokuvala unyaka ezimbonini kanye naseminyangweni eminingi kahulumeni, ngifisa uzibuze okwangempela ukuthi yini oyifakile noma igalelo lakho kuleyo miphumela ezobe ibungazwa. Kusemqoka ukuthi uzinuke amakhwapha futhi uthathe isinqumo sokwenza izinto ngendlela ehlukile ngonyaka ozayo.
Ukwenza izinto ngendlela ehlukile ngonyaka ozayo kuzokwenzeka uma ukwazile ukubhala phansi uhlelo lwakho lonyaka ozayo kusenesikhathi. Lokhu kubukeka kuwubulima kwabaningi kodwa, ngiye ngithi umuntu olibele ngumuntu othatha uhambo engazilungiselele futhi engayazi kahle nendlela eya lapho afisa ukufika khona. Uma ufunda ngabantu abaphumelele empilweni uyathola ukuthi impumelelo yabo incike kakhulu ekuhleleni kahle izinto zabo. Uma bekhuluma ngokuhlela bakhuluma ngokuthi kumele ubhale phansi yonke into ofuna ukuyenza futhi uzigade ungaphumi emgomeni ozibekele wona.
Akube yisinqumo sakho kusukela namuhla ukuthi ungaphindi uphile impilo enganamgomo futhi enganalo uhlelo. Ezinye zezinto ezenza abantu baphathwe ukhwantalala ukuphila impilo engahlelekile. Okubuhlungu ngabantu abaphila impilo engahlelekile, bayafuna ukuphumelela futhi bafisa ukuphila impilo enemiphumela emihle. Ohlelweni engilwenzele ukuthuthukisa abantu abasha, olubizwa nge “Free Mentorship at the Park Programme”, siyagcizelela ukubaluleka kokuphila impilo enemigomo ozibekele yona njengomuntu omusha. Ngiye ngithi, uma ngikhuthaza abantu abasha, indlela elula yokunqanda ukuphoxeka ukuzilungiselela kuyoyonke into oyenzayo kusenesikhathi ngendlela ehlelekile.
Sizohlezi sikhala futhi sincela izithupha uma singashintshi indlela esenza ngayo. Siphelile isikhathi lapho izinto zivele zenzeke ngaphandle kokusebenza kanzima. Siphila esikhathini lapho kulula khona ukusalela emuva uma unganayo indlela ehlelekile yokwenza izinto.