Now Reading
Ithobeke amanxeba intokazi yamaTuks ngomklomelo yize behluliwe
Dark Light

Ithobeke amanxeba intokazi yamaTuks ngomklomelo yize behluliwe

Kuze kube imanje inhliziyo kaWendy Shongwe isaqaqamba njengoba ebe ngomunye wabadlali abageje iphenathi ngesikhathi iqembu lakhe likhala ngaphansi emdlalweni wamanqamu.

Le ntokazi yakwaShongwe ingumdlali weTuks Football ngaphansi kwe-University of Pretoria (UP). ITuks Football ibibhekene kowamanqamu ne-UWC Football Club emdlalweni wamanqamu emqhudelwaneni weVarsity Cup ngeledlule. Sekungumlando ukuthi i-UWC FC eqeqeshwa uThinasonke Mbuli inqobe lo mdlalo ngamagoli amane kwamathathu sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni ophele zibambene ngeqanda.

“Kungiphathe kabuhlungu ukushweba kwami iphenathi ngoba kwenze sahluleka ukuqukula inkomishi. Kodwa engingakusho ukuthi ngiyaziqhenya kakhulu ngendlela iqembu elidlale ngayo kuwona wonke umqhudelwano. Ukuhlulwa kwethu ngeke kusithene amandla sizovuka sizithathe sibheke phambili,” kusho uWendy ekhuluma nelaboHlanga.

Le ntokazi yaseDaveyton, e-East Rand ineminyaka yobudala eli-18. Inaba ngomsuka wayo kunobhutshuzwayo ithi yaqoka wona ngoba yayizibona ukuthi ingazakhela igama ngawo futhi inothando olukhulu lawo.

Ukube iTuks Football iwunqobile lo mqhudelwano bekuzoba yibhonasi kule ntokazi eteketiswa ngokuthi uChun-Li. Kulo mqhudelwano ithole umklomelo wePlayer of the Tournament, okusho ukuthi yenze kahle kakhulu, ukunqoba owamanqamu bekuzoba yinto enkulu kakhulu.

“Kungijabulisile kakhulu ukuthi ngibe nomqhudelwano omuhle kangaka emva kwesikhathi eside ngagcina ukuba senkundleni. Ngagcina ukudlala unobhutshuzwayo eminyakeni emihlanu edlule, ukuqokwa kwami njengomdlali ovelele kungenze ngaziqhenya kakhulu. Bengizojabula kakhulu ukube sikwazile ukubuya nayo indondo” usho kanje.

Ukugcina kweTuks Football ukudlala umdlalo wamanqamu weVarsity Cup kwabe kungunyaka wezi-2014.

UWendy emidlalweni emibili uqokwe njengePlayer of the Match, lokho kungezinye zezinto eziwubufakazi bokuthi udlale kahle kakhulu.

Ngasohlangothini oluthinta ezemfundo le ntokazi ifunde eThopodi Primary School, yaqeda amabanga aphezulu eTuks Sport High School. Kuyimanje yenza izifundo zeSports Science unyaka wakhe wokuqala.

Uthe kukhona konke ubonga umndeni wakhe, abaqeqeshi kanye nabangani bakhe ekutheni behlezi bemkhuthaza, ngabe akakuzuzanga lokhu akuzuzile ukube bebengamseki ngazo zonke izikhathi. UWendy usebenzisa unyawo lesobunxele kodwa uyakwazi ukudlala phambili, isesiswini, nasemumva kwesokunxele.

See Also

Le ntokazi inekhono ngempela ngoba ngisho abasakazi ibithi uma ilibambile bekubalule ukuthi inalo ikhono, futhi ikhona into enhle ezoyenza enhle uma isilibambile ibhola.

“Njengoba nginqobe lo mklomelo nje ngiyafisa ukuthola ithuba lokugijima eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengama-20. Kodwa okukhulu kunakhokonke ukuqeda izifundo zami ngithweswe iziqu, okunye ukuthi ngidlalele iqembu elisesigabeni esiphezulu” usho kanje.
UWendy uzifela ngomdlali owazakhela udumo kuKaizer Chiefs uSiphiwe Tshabalala kanye noLorenzo Insigne ongumdlali weNapoli yase-Italy.

Omunye umdlali ozuze umklomelo uKhaya Xesi we-UWC FC yena uthole owomdlali oshaye amagoli amaningi. Le ntokazi ivalele phakathi amagoli amahlanu.

ElaboHlanga liphinde lakhuluma noThinasonke Mbuli ongumqeqeshi we-UWC FC, uthe ukunqoba lo mqhudelwano kuyinto enkulu kakhulu kuyena.

“Kungijabulise kakhulu ukunqoba lo mqhudelwano, ngonyaka wezi-2019 sahlulwa kowamanqamu kumaphenathi besingafuni ukuphindwa esifanayo kulokhu. Okungijabulisa kakhulu kunakho konke ukuthi siwunqobe sidlala ngabadlali abancane, ikusasa ngibona liqhakaze kakhulu,” kusho lo mqeqeshi othe unesifiso esikhulu sokuthi aqeqeshe amaqembu angaphandle, aphinde akhiqize abadlali abazogijima phesheya.

Scroll To Top