Kungani abantu bengasasiselani ake sizejwayeze ukuphana



UThemba Nkosi yintatheli ezimele ezinze eThekwini noMsunguli weThemba Nkosi Dreamers…
Esiqephini esandulela esedlule saqhakambisa umkhuba omuhle wokubonga oyisipho sempilo. Namuhla sizozifundisa ukubhala kwansuku zonke bethu ngokuhle esikwenzela abanye esikhundleni sokulindela ukuphiwa okuthile nokukhangezwa.
Kunabantu abaphila sengathi impilo ibakweleta okuthile, noma kukhona okumele badonse isigwebo sentambo sokuhlale besizana nabo! Uma becela kufanele kudedelwe konke kuhlangatshezwane nezidingo zabo ezingapheliyo. Bona bahlale beswele, behlupheka bengenelutho! Ayikho into emqoka ukwedlula izinsizi, izidingo nobumnandi babo!
Abazihluphi ngosizi lomunye umuntu! Impilo ingabo, iqala kubo igcina kubo! Uma kwethuke bakwenzela okuthile bayokhuluma ngakho belokhu bezinweba, kuyoze kubuye lowo muntu phansi eMngeni! Uma ubhekisisa abakwenzile yinto encane engathi shu! Nakho bakwenze begcina icala akuzona nezaba zendoda kepha sebazinwebe badlula ixoxo elaze laqhuma lizifutha. Lalilokhu libuza ingane uhide lwemibuzo, “Lesi silwane othi usibonile besisikhulu ukwedlula mina?” Lizinweba, lagcina liqhuma, lafa! Ingane yayixoxela unina ngenkomo ehlangane nayo endleleni.
Akulona icala ukulindela ukusizwa nokucela usizo, akufanele kube insakavukela umchilo wesidwaba. Kunabantu abathanda ukukhunjulwa ngezipho ngosuku lwabo lokuzalwa kepha bayahluleka ukuthengelana uswidi nonemenayidi. Abanye bathanda ukuthwalwa ngezimoto kepha ezabo lutho! Uma sebezodlula ngakuwe bachofoza ubala komakhalekhukhwini basenge ezimithiyo bathi abayi ngalapho ulibangisa ngakhona. Isimanga usumfica kuleyo ndawo ayilandulile imoto yakhe ingasadumi esedinga usizo ukuyidudula kulolo daka ebishe kulo.
Baningi abanjalo, ngisho zisanuka ubusha basesitolo benqaba ukubeletha abanye. Omunye wenza njalo kanti lezi zinsizwa azitshele kwezikabhoqo ukuthi zizongcolisa ikhumbi yakhe ngodaka lwemvula, zizomfica phambili esebhajwe wagamanxa odakeni ngamasondo wonke. Zavele zaqonda kuye zashaya isaga zathi; “Idumise wemshayeli! Shaya ukhiye!” Yasho kabili kathathu yathi ngiqonywe unyoko, ngiqonywe unyoko. Yagcina isidumile yaphuma odakeni.
Umininiyo esegqilazwa amahloni ezincengela esexolisa ngeziphansi wathi, “Ningagibela ngizonibeka lapho niya khona indlela yami idlula khona. Zamphendula ngokwehlukana. Enye yathi, “Besikusiza ungakhathazeki.” Enye yagcizelela, “Uma ubunalo uthando lokusigibeza ngabe usibelethe sisekude.” Yajobelela enye, “Siyabonga mfowethu qhubeka nohambo lwakho. Usizo lwethu lusuka othandweni asidingi ukuba usikhokhele.”
Zasho izinsizwa zabe zishaya ingoma zijokola ziqonde odwendweni. Zamgqema inkebenkebe yenxeba ngegejambazo likanembeza. Le nsizwa yekhumbi yahlulwa ubala, ukuzenzisa ibasize kudlule. Ikhumbi yayo yayedlula impilo yabantu, wena owabona usomatekisi kufe umuntu engozini adinde isililo ngekhumbi yakhe angabi nandaba nomshayeli ozalwa ngowesifazane njengaye naye!
Ukuze uphane awudingi ukuba nezindodla zamaradi noma ukuba ngumacaphuna kusale. Kuyadingeka ukwabelana nabanye lokhu uSomandla akubusise ngakho. Kungaba yizimpahla zokugqoka ongasazisebenzisi mhlawumbe azisakulingani. Kunokuziphosa emgqonyeni ziphe omunye. Kungaba ukudla. Mqhwebe okukazibuthe enqoba, eshwabadela izipikili emhlabathini. “Ngane yakwethu awungilamulele nansi impi ngisabathe ngiyayibamba isikaza ukungithela othulini!” Uyohleka okhuluma naye agcine esekhangeza ngoba unobuchule ekundlaleleni udaba lwakho.
Bangakhi abantu abashisa izicathulo zesikole namahembe ngoba bengafuni ukwabelana nabanye? Omuye uze alimise ngesihloko athi, “Akekho ozodla amandla ami! Ngazijulukela lezi zinto!” Usukhohliwe yini nawe ukuthi ulapho okhona ngenxa yabaningi abazinquma izinqula, befuna ukuba uphumelele? Batshala izimali zabo kuwe! Wawungabonakali ukuthi uphuma kwandlwana balumboza usizi lwakho! Bakufukula ngezikhwepha zomqondo!
Kumqoka ukusiza omunye ungabheke nzuzo nakunconywa, ukwenza buthule. Kunento ekuhlengezelisa izinyembezi zenjabulo enomunyu lapho obumsiza esethi, “Ngiyabonga mfowethu. uSomandla akubusise akwandisele.” La mazwi angezwakala elula, emafushane kepha anomthelela obanzi. Uyawezwa uSomandla ngoba aphinyiswa omenyule esizibeni sosizi.
Ukubonga kwakhe umthandazo okunxusela koNgabonwayo ukuba nawe akwandisele, akusingathe, akuvikele kukho konke. Kuneqiniso eliceza iningi. Wonke umuntu owenza okubi kumunye buyobuya kuye ngokuphindaphindiwe. Nomelulele ingalo yokuhle kuyobuya nakuwe izikhathi ezingaphezu kwezilishumi. Kukangakhi usizwa usokhalweni ungazi muntu? Uma usuzama ukumbonga ngemali noma ngani onayo athi, “Cha mfowethu ngoba uthi ‘Uyabonga’ sekwanele kimi.”
Ubani owathi ngokuphana uba mpofu? Ubani owathi ngokwabelana noswele uyafa? Kwaqedwa yini ukushiya amangebezane ezimbizeni? Kwaphelelaphi ukuba amasimu angavunwa wonke ukuze kube khona abakhothozayo? Kungani abantu bengasasiselani? Asiqhubeke sizifundise, sizejwayeze ukuphana kunokukhangeza!