Now Reading
UWilliams unethemba kowe-Ethiopia
Dark Light

UWilliams unethemba kowe-Ethiopia

Ufuna ukuzifaka emlandweni ukaputeni omusha weBafana Bafana uRonwen Williams. IBafana sekuphele iminyaka engamashumi amabili yagcina ukuzibekisela indawo eNdebeni YoMhlaba.
Iyizwe ngendaba eyoMhlaba ngowezi-2018, ngowezi-2014 nangowezi-2006 eRussia, eBrazil naseGermany ngokulandelana. Ngowezi-2010, idlale kweyoMhlaba ngenxa yokuthi iNingizimu Afrika ibingosokhaya.

UWilliams usanda kuthatha izintambo zokuhola kuThulani Hlatshwayo. “Kimina kusho lukhulu ukuhola izwe lami. Yinto engingakaze ngicabange ngayo. Kungathi yiphupho kodwa yinto efike ngesikhathi esihle ngoba naseqenjini lami yimina ukaputeni. Senginawo amava okuhola. Lokho kuzongisiza ekutheni ngenze umsebenzi wami ngempumelelo. Nami ngifuna ukushiya umaka njengomholi. Ngizimisele ngokubalwa nokaputeni abasiza iBafana yangena kweyoMhlaba,” kusho uWilliams engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga.

Selokhu ethathe izintambo zokuhola, iBafana ayikaze ihlulwe. Emdlalweni wokuqala wukuhlungela ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba, iBafana icazelane amaphuzu ibambana ngeqanda ngapha nangapha neZimbabwe ekuhambeni. Ngemuva kwalokho ibe seyithela othulini iGhana ngeli-1 wegoli likaBongokuhle Hlongwane eFNB Stadium.

Indlela ebheke eQatar ezosingatha iNdebe YoMhlaba ngonyaka ozayo ibukeka ikhanya bha.
IBafana izogadulisana ne-Ethiopia ekhaya nasekuhambeni kuyona lenyanga kaMfumfu. Kusasa izobhekana ne-Ethiopia eBahir Dar Stadium ngele-15:30 ntambama.

“Siqale kahle emidlalweni yethu emibili yokuqala. Sifuna ukuqhubeka ngomgqigqo ofanayo kule midlalo emine esele. Inhloso yethu enkulu kule midlalo emibili esizoyidlala ne-Ethiopia kule nyanga wukuqoqa amaphuzu ayisithupha. Angeke siyithathe kancane i-Ethiopia. Izwe eliyingozi kodwa sizolwela ukuyinqoba yomibili imidlalo esizoyidlala,” kuqhuba uWilliams. I-Ethiopa inamaphuzu amathathu ngemuva kwemidlalo emibili. Iguqise iZimbabwe ngeli-1-0 yase ithelwa othulini yiGhana ngamagoli afanayo.

“Angifuni ukuqamba amanga impilo ayisafani ngaphandle kwabalandeli. Ngathi sisuke sidlala imidlalo yesihle njengoba abalandeli bengavunyelwe ukuzothamela imidlalo. Uzwa yonke into okuyinto engenzeki uma kunabalandeli enkundleni. Kunzima kakhulu ukudlala ngaphandle kwabalandeli kodwa akukho esingakwenza. Siholelwa ukudlala ibhola ngakho noma kungathiwa kunzima kangakanani kumele siqhubeke nomsebenzi wethu. Kuhle ukuthi bayabuyela ezinkundleni. Angingabazi ukuthi nabo kudala belangazelele ukubuyela ezinkundleni. Bazobuya nalowo mdlandla,” kusho uWilliams.

NgoLwesibili, iBafana izodlala phambi kwabalandeli uma seyitholana phezulu ne-Ethiopia e-FNB Stadium. “Sifuna ukubonga iSafa nethimba lodokotela ngokwenza konke okusemandleni ekutheni abalandeli babuyele ezinkundleni. Kuzosigqugquzela kakhulu ukudlala phambi kwabalandeli bethu. Kwenzekile sidlala neSudan kweyokuhlungela ukuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations. Benze kwanzima kakhulu ekutheni sithole umphumela. Nangempela sagcina siguqile ngamagoli amabili. Nathi sikukhumbule kakhulu lokho. Sijabule ukuthi bayabuya futhi asisakwazi ukulinda ukubabona besenkundleni,” kubeka uWilliams.

Kuzovunyelwa abalandeli abagomile kuphela ukungena emdlalweni weBafana ne-Ethiopa.
“Siyethemba ukuthi lokho okuzokwenzeka emdlalweni weBafana kuzovula eminye iminyango nasemidlalweni yeligi. Nathi sifuna ukubona impilo ibuyela esimweni esijwayelekile,” kusho uWilliams.

See Also

Muva nje uWilliams ubeku-Olympic Games neqembu lesizwe lika-Under-23 eTokyo, eJapan.
“Sengidlalile ku-Afcon naku-Olympic Games. Iphupho lami elikhulu manje wukudlala kweyeNdebe YoMhlaba. Ngikholwa wukuthi ngisethubeni elihle lokufeza lelo phupho lami. Awukho umqhudelwano omkhulu ukudlula iNdebe yoMhlaba. Lapha kusuke kudlala bonke abadlali abahlonishwayo emhlabeni. Nami ngifuna ukulwa nabo.” kusho uWilliams.
Naseqenjini lakhe iSuperSport nguyena ogqoka ibhande likakaputeni.

“Ukuba ngumholi kungikhulisile kakhulu. Uma ungumholi kumele ubeyisibonelo esihle kozakwenu. Zonke izinto ezinhle kumele ziqale ngawe. Lokho kungenza ngihlale ngikuleli zinga engikulona njengamanje. Njengomholi ngihlale ngilangazelele ukwenza kahle. Uma ngenza kahle nozakwethu bazogqugquzeleka. Nangaphandle kwenkundla kungikhulisile ukuba ngumholi. Impilo sengiyibuka ngenye indlela.” kuchaza uWilliams.

Usezinqobe zonke izicoco ezikhona kuleli ngaphandle kweseligi. “Angililahlile ithemba lokunqoba isicoco seligi. Njengamanje sisele ngamaphuzu amane kuMamelodi Sundowns eqhwakele. Sizolwa kuze kube yisekugcineni. Iqembu esinalo liqine ngokwanele ekutheni lingakwazi ukugadulisana neSundowns embangweni wesicoco seligi. Siqonda kahle ukuthi angeke kubelula ukwethula iSundowns esicongweni kodwa sizolwa kuze kuyophela imidlalo yeligi.” kuphetha uWilliams.

Scroll To Top