Intuthuko yomphakathi uyibona ilele kwezemidlalo uJessica



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ifisa ukuthuthukisa ezemidlalo emphakathini wangakubo intokazi ezenzele igama ebholeni lomnqakiswano lapha eNingizimu Afrika.
Leyo ntokazi nguJessica Khomo, ongowokudabuka eMgababa. Usho lezi zindaba kade enengxoxo ekhethekile nelaboHlanga. Uthe usesungule iqembu azolisebenzisela ukuthuthikisa amakhono ahlukahlukene, ingakho esungule iClub yokugijima ayibiza ngokuthi iMgababa Athletic Club.
Uthe: “Ngiyazi abantu abaningi bayazibuza ukuthi kungani ngisungule iqembu lokusubatha iMgababa Athletic Club, impendulo yalokho ukuthi ngiyakholelwa ekhonweni lami lokuqeqesha. Ingakho nje ngivule iqembu lokusubatha, nasebholeni lo mnqakiswano nakhona ngiyaqeqesha. Inhloso yami enkulu ukuthuthukisa indawo yangakithi. Iqiniso ukuthi ikhono ligcwele kakhulu ezindaweni zasemakhaya kodwa kunzima ukuthi livele” kusho uJessica.
Le ntokazi ineminyaka yobudala engama-30, ithe ukube kuya ngayo ngabe zonke ezemidlalo ziyathuthuka kwanamhlanje eMgababa.
UJessica waqala ukubonakala eqenjini lesizwe ngonyaka wezi-2008 lapho ayedlala eqenjini labaneminyaka engaphansi kweli-19, ngenxa yokwenza kahle kwakhe ngawo lowo nyaka wabizelwa eqenjini labaneminyaka engaphansi kwe-19 naseqenjini labaneninyaka engaphansi kwengama-21. Kusuke ngawo unyaka wezi-2008 kuya kunyaka wezi-2011 wadlalela iqembu labaneminyaka engaphansi kwengama-21.
Ngonyaka wezi-2014 wabe esejoyina iqembu elikhulu esifundazweni iKwaZulu-Natal iKingdom Stars okuyiqembu eligijima kuligi ebizwa ngokuthi iTelkom Netball League (TNL). Ngonyaka wezi-2017 wadlalela iSouth Africa Fast lapho kusuke kudlala abadlali abahlanu eqenjini, kuthe ngonyaka wezi-2018 wawelwa inyoni esandleni ukuthi adlalele iSpar Proteas. Kuleyo minyaka wake waqokwa njengeBest Defender of the Tournament emqhudelwaneni iSA Spar National Championships.
Uthe umqhudelwano omkhulu aseke awudlala ulowo owawuchungechunge obandakanya amazwe amathathu i-Australia, iNew Zealand kanye neNingizimu Afirka.
Iqhuba le ntokazi ithe: “Ngifisa ukuthinta imiphakathi eminingi yasemakhaya ngokuthola ithuba lokufundisa abantu abafana njengami abathanda ezemidlalo nokuthuthukisa umphakathi izindlela zokukwenza lokhu ngendlela esimeme futhi engashabalali. Kuthiwa lugotshwa lusemanzi thina esithanda ezemidlalo kumele ulwazi lethu siludlulisele entsheni, ukuze masihamba emhlabeni iqhubeke nalokho ekufundile nayo ifundise abanye abangaphambili” isho kanje.
“Iyangijabulisa indlela uHulumeni awuseka ngayo umdlalo weNetball, kodwa ngibona engenza okungaphezulu kwalokhu. Okwenza ngisho njalo ingoba muva nje ngiwubona wenza kahle kakhulu emhlabeni, uyimele kahle iNingizimu Afrika” kusho yena uJessica.
Ngaphandle kokuba neClub uJessica uphinde abe nguthisha e-Our Lady of Fatima aphinde abe neNGO ayibiza ngokuthi iMpiloyonke Foundation. KuMpiloyonke Foundation uthe basiza intsha ngokuyinika izinto zokuzivocaca, aphinde enze izimfundiso zokuqeqesha iNetball.
Igama iMpiloyonke uthe ulisusele endodaneni yakhe eyigugu kuyena, ubalule nokuthi umndeni wakhe uwona ohlezi umseka kukhona konke.
Uphinde asize iBriardene Youth Centre (BYC) nalapho aqhuba khona ukuqeqesha intsha ngalo njalo ibhola lomnqakiswana.
Indebe YoMhlaba yebhola lo mnqakiswano isisemome futhi izobanjelwa khona lapha eNingizimu Afrika, ebuzwa ukuthi uyalibona yini izwe lethu ligila izimanga kulo mqhudelwano.
“Sineligi iTNL ngikholwa ukuthi izosilekelela kakhulu ukuthi senze kahle kulo mqhudelwano, okuhle kakhulu ukuthi uzobe usingethwe kuleli. Abadlali kumele bakulwele ukumela elakuleli senze kangcono njengoba e-England nonyaka wezi-2019” kusonga uJessica.