Isikhongeli sokhetho: INdlovu ithi abantu abayethembe



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Amaqembu amane amakhulu ePhalamende lakuleli aseqedile ukwethula izikhongeli (amaManifesto) zawo. Elokugcina kulawa kube yi-Inkatha Freedom Party (IFP). Lokhu leli qembu likwenze eThekwini lisebenzisa ubuchwepheshe besimanje ngenxa yemithetho elawula izwe ngaphansi kwenhlekelele elukhuvethe. Yize bebekhona abathile abebeyizimenywa kepha amanye amalungu kanye nomphakathi ubulandela bukhoma emazikweni ezokuxhumana.
Okuqaphelekile kulesi sethulo yisithombe leli qembu elizama ukusiveza sokuthi alifani neqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) kanye nayinoma yiliphi kwaphikisayo.
KuKhongolose iwusole ngokuthembisa umlibe. Ethula inkulumo uMholi weqembu uMhlonishwa uHlabisa uthe: “Ngiyaziqhenya namhlanje ukuba ngethule iSikhongeli se-IFP Sokhetho LoHulumeni Bendawo lwezi-2021. I-IFP iyizwi elinamndla eNingizimu Afrika. Asilona nje kuphela iqembu elisePhalamende kuzwelonke, iqembu elinomthelela kwamanye; kodwa futhi siyiQembu Eliphikisayo Ngokusemthethweni KwaZulu-Natal futhi silawula nomasipala. Ngakho-ke, yithina esiqinile esingabhekwa kune qembu elibusayo ukuze kutholakale izinsizakalo zoqobo.
Ngokwezibalo, i-IFP ingeyesine ngobukhulu eNingizimu Afrika ngokwama qembu. Kodwa ngokuba nomthelela singabesithathu ngobukhulu, ngoba singelinye lama qembu amathathu okuyiwona alawulayo. “I-IFP ezingeni lomasipala, ilawula omasipala bendawo nabesifunda. Kulapha okubonakala khona sinerekhodi elisha lokubusa kahle okwenza i-IFP ibe yiqembu elingcono elingakhethwa ngowe-2021. I-IFP ixazulula izinkinga; i-IFP iyisixazululo,” kusho uMengameli weqembu uMhlonishwa uHlabisa.
Uqhubeke wathi: “ Kubobonke abantu baseNingizimu ne-Afrika iqembu i-IFP linikeza isiqiniseko sokuthi uma nivotele lona nizobe nivotele uHulumeni Wendawo ozobusa ngobuqotho, onobuholi ongabethemba. UHulumeni ozoletha intuthuko ozoyithinta ngezandla uyibone ngamehlo: ugesi, amanzi ahlanzekile, imigwaqo, izindlu, ukuthuthwa kukadoti. Siqhubeka sisekele osomabhizinisi abancane, sakhe umnotho lapho abantu bakithi behlala khona. Sizoqhubeka sithuthukise abahwebi abangakahlelelwa sitshale imali kubo ukwenza umsebenzi wabo usimame.
Sizothuthukisa ngamakhono entsha, abantu besifazane kanye nabantu abakhubazekile. Sizoqhubeka nokweseka intsha yakithi kwezemfundo ngoba imfundo yisona sikhali senkululeko. Sizoqhubeka nokusebenzisana naMakhosi. Sisebenzela wena, kusho uHlabisa.