Now Reading
Izigaba ze-ANCYL zehlukene ngokwenza nangemibono
Dark Light

Izigaba ze-ANCYL zehlukene ngokwenza nangemibono

KULO nyaka uVukayibambe, okuwuphiko lwentsha kaKhongolose, uzobe uhlanganisa iminyaka engama-74 wasungulwa yilabo ababenephupho lokuzabalazela iNingizimu Afrika nokufaka imigomo kaKhongolose emiqondweni yabantu abasebancane abanye ababengenandaba nepolitiki. Izinsizwa ezabumba lolu phiko nezazisencane ngaleso sikhathi, zahlangana ngoNdasa zingama-22 kowe-1944, zavumelana ukuthi sekuyisikhathi sokuba intsha ingabi izibukeli emzabalazweni kodwa ayibe neqhaza elithile. Leli phupho baningi asebekhononde ngokuthi libonakala liya ngokushabalala ngenxa yokuphuma emzileni kwabaholi abathathe isihlangu ngemuva kwengcindezelo. Abanye babo basolwa nangokuthi baphendule lolu phiko lwaba umzila wokukhankaselaizikhundla kuKhongolose. Kumanje lolu phiko luholwa uMnu uCollen Maine othathe izintambo ngowezi-2015 kanti ungene ngesikhathi lapho kukhalwa ngokuthi i-ANCYL Idinga umholi ozoba ngumkhombandlela kwelalikumele kusuka isungulwa. UMaine uyingxenye yesizukulwane sabaholi abathathe isihlangu umzabalazo usuguqukile ungasefani nawaphambilini owawugxile ekulweni noHulumeni wengcindezelo.

Lolu guquko lo mzabalazo yilo olubonwe lubayinselelo ebuholini bamanje obugcine sebusolwa ngokuhluleka ukuqonda umzabalazo weNingizimu Afrika esikhululekile. Ngesikhathi uMaine ethatha isihlangu, ezinye zezinqumo okwavunyelwana ngazo esigungwini sakhe kwaba ukulwela intsha yaboHlanga ukuba ibephambili ekuphathweni komnotho wezwe. Okunye kwaba ukuqhuba umkhankaso wokuqinisekisa ukuthi imfundo yamahhala iyasebenza kuzona zonke izikhungo zeMfundo Ephakeme. Kwaphinde kwavunyelwana ngokuthi kufanele i-ANCYL yenze isiqiniseko sokuthi intsha esezindaweni zasemakhaya nasemalokishini, ayiphenduki nje izibukeli noma abantu ababheke ukuqashwa uma kunezinkampani ezizotshala umnotho ezindaweni zayo. Okwakuphambili kwakungukuthi okungenani amaphesenti angama-30 omnotho okulezi zindawo kuhlomula intsha. Nokho selokhu okaMaine ephethe izikhalo ziningi kusuka kwabayizimbangi ze-ANCYL nabangaphakathi kulolu phiko abamsola ngokuthi ubeyisehluleki sokuqala nesokugcina ukwedlula bonke oMengameli bangaphambilini kulolu phiko.

Muva nje ukewasolwa ngokuhluleka ukulwela intsha ebiqhuba umzabalazo wabafundi abebefuna imfundo yamahhala ezikhungweni zeMfundo Ephakeme. Isikhalo esaba sikhulu esokuthi uMaine akazange akhombise ubuholi nokuhamba emigomeni yalolu phiko yokulwela imfundo yamahhala. Kanalokho ubehlale evela egxeka lemikhankaso eyisola ngokuthi ixhaswe amavukelambuso afuna ukuketula ubuholi bukaZuma. Umbhali wezincwadi uMnu u-Onkgopotse JJ Tabane uke waphawula kwelinye lamaphephandaba angeSonto ngobuholi bukaMaine. Wathi empeleni uMaine uthathe ebuholini obebuvele sebulahlekelwe ulayini kusuka kuMnu uPeter Mokaba, uMnu uMlungisi Lulu Johnson, uMnu uMalusi Gigaba, uMnu uFikile Mbalula kuze kuzoshaya kuMnu uJulius Malema. Uma echaza uthi yize laba baholi ababalwe ngenhla beyibulele i-ANCYL kodwa uMaine uvele wafika “wayingcwaba” noma washayela isipikili sokugcina ngoba akakhombisanga ukuba ngumholi omele izimfuno zentsha.

Uthi kunalokho uMaine ubonakala ephawula mhla kunemibango yobuholi kuKhongolose ikakhulukazi usezibeke njengomuntu oyihawu lokuvikela uMengameli uJacob Zuma. Ngisho nangaphakathi kulolu phiko ukwenama akukho njengoba ngowezi-2016 kube namalungu agcine esebhala izincwadi eLuthuli House ecela aphume ezintanjeni. Igatsha le-ANCYL, iCollins Chabane eliseGauteng yilo elihlale liphambili ngokugxeka uMaine ukuthi akayena umholi elingazishaya isifuba ngaye ngokuthi umele izimfuno zentsha. Okunye okubonakale kuyinselelo ebuholini bukaMaine uqhekeko oluhlale lushiwo ngaphakathi oluthinta ukukhishwa inyumbazane kwabaholi abasuka KwaZulu-Natal. Ngaphandle kwalokho labo abahlale begxeka ubuholi balolu phiko bavamise ukubuqhathanisa nalobo besigungu esasungula i-ANCYL okungoMnu u-Anton Mzwakhe Lembede owabanguMengameli wokuqala we-ANCYL, uDkt uNelson Mandela noMnu u-Oliver Tambo nabanye. Ngaphansi kobuholi bukaLembede lolu phiko lwaba nomdlandla wokuphonsa inselelo imithetho eyayishawa uHulumeni wabaMhlophe eyayibukela phansi aboHlanga. Lesi sigungu sasikwazi ukubambisana sibe munye nokwenza sabonakala sinempumelelo ezinqumeni obabuzithatha.

Okunye esabe sidume ngakho kwaba ubuchule bokubhekana nesimo esasikhona. Kuthe uma kudlula emhlabeni uLembede ngowe-1947, kwathatha uMnu uPeter Mda owaqhubeka nomzabalazo okwakubhekenwe nawo. Isigungu sobuholi bukaMda saduma kakhulu ngemikhankaso eyabe igxile wkugqugquzelweni kwabantu ukuba baphikisane nemithetho eyabe ibukelaphansi isithunzi saboHlanga. Ukulwa kwalobu buholi kwagcina sekwehlisa isibalo sabajoyina i-ANCYL busebenzisa imikhankaso eyabe ufana ne-Anti Pass Law Resistance neminye. Lolu hlobo lwemikhankaso lwenza lolu phiko lwabanyamanambana emaphoyiseni engcindezelo. Okwalandela lapho kwaba ukuboshwa kwabaholi abaningi be-ANCYL, nokwagcina sekudala ukuba intsha iqale isabe ukuzihlanganisa nayo. Lokhu kwadala ukwehla kwesibalo sokwesekwa kwayo.

Phezu kwalokho kodwa ukuba khona kwayo ngaphansi kukaMda kwashaya kwezwakala kubacindezeli. Ngowe-1950 uMda wabe esezibeka phansi izintambo nesigungu sakhe, kwangena uDkt uNelson Mandela. Lesi sigungu sangena ngelinye igiya njengoba okunye esaduma ngakho kwaba umzabalazo owawungapheleli nje ekulweni nengcindezelo, kodwa lwaba nemibono eyabe iguqula indlela uKhongolose osebenza ngayo. Okunye kwaba ukuqhuba umzabalazo wokuba intsha yamukeleke futhi ibe nezwi kulo mbutho. Akugcinanga lapho kodwa lesi sigungu saphinde sabanesandla kokwakufanele baqokelwe ukuhola i-ANC ngaleso sikhathi. Ngesikhathi kuza ingqungquthela yokukhetha ubuholi bukaKhongolose, abaholi balolu phiko ngaphansi kukaMandela, bacela uDkt uJames Sebe Moroka n ukuba angenele isikhundla sokuba ahole iqembu nokwalandela ngokuba akhethwe. Lolu phiko lwalungahambisani ngendlela uDkt u-AB Xuma ayefisa kubhekwane ngayo noHulumeni wengcindezelo, owawusunesihluku kakhulu ngemuva kokunqoba kweNational Party.

Izinqumo ezabe zithathwa yilesi sigungu nesibindi, kwaphinde kwafaka abaholi baso enkingeni yokuba babe yizitha ezinkulu zikaHulumeni wengcindezelo. Okwabanzima kakhulu ukuthi abaholi balesi sigungu baboshwa iminyaka ngamacala ehlukene okubalwa neladuma kakhulu lokuvukela umbuso, elalibizwa ngeRevonia Trial. Okwalandela lapho kwaba ukuboshwa nokudingiswa kwabanye. Kuthe ngowe-1987 i-ANCYL eyabe isivalwe umlomo yaqoka uMnu uJackie Selebi njengoMengameli wayo nowaba owokugcina ngaphambi kokuba ivulwe umlomo. Ngesikhathi kuqokwa uSelebi kwabe sekuqala ukuntwela ezansi eNingizimu Afrika njengoba kwasekusele iminyaka emine kukhishwe abanye babaholi ababeboshelwe ekudingisweni. Kuthe uma i-ANCYL ibuya ekudingisweni, yaqoka uMokaba owabe esaqhubeka lapho okwakugcine khona oMengameli baphambilini balolu phiko ababegcwele intukuthelo ngoHulumeni wengcindezelo.

Phezu kweziqubulo ayedume ngazo okubalwa lesi esasithi, “Kill the Boer Kill the Farmer”, kodwa okwakusemqoka ebuholini bakhe, kwakungukugquqguzela intsha ukuba iseke i-ANC ezingxoxweni ezaxibheke enkululekweni. Ngisho sekungena uJohnson, okwabe kusephambili, kwabe kuseyiyo imikhankaso yokufaka intsha kuKhongolose ikakhulukazi njengoba kwasekubhekwe okhethweni lwangowe-1994. Kuthe uma sekungena uGigaba, umzabalazo owabe usubhekene noVukayibambe, wawusuhlukile. Kwabe sekufanele ugxile ekushumayeleni ngemigomo kaKhongolose eyayihambisana nezethembiso owawuzenze kuyiwa okhethweni. Kwabe kudingeka ukuba isigungu sikaGigaba siqinisekise ukuthi intsha iyakholelwa kulezi zethembiso.

See Also

Omunye umsebenzi kwabe kungukugqugquzela ukubuyisana kwentsha ngokwezinhlanga ezahlukene. Kuze kwangena uMbalula ngowezi-2004 naye owayesabhekene nomsebenzi owawucishe ufane nokaGigaba wokufaka intsha kuKhongolose nokuyifundisa ngemigomo yeqembu. Ngesikhathi sekungena uMalema ngowezi-2008, ezinye zezinqumo okwavunyelwana ngazo kwaba ukuqhuba umzabalazo wokuba intsha ibe neqhaza emnothweni wezwe. Lolu phiko lwalushumayela indaba yokuba kufakwe izimayini namabhange ngaphansi koMbuso. Yize isigungu sikaMalema sabanazo izinqumo kodwa kugqame kakhulu indlela obeluphikelela ngayo ezintweni. Lokhu lalikwenza ngisho sekucaca ukuthi abadala kuKhongolose bashaya amakhala. Okwabe kugqamile kulesi sigungu kwabe kungukubumbana nokweseka okwakwenza kube nzima ukungena kwesitha phakathi kwabo.

Scroll To Top