Inhlangano yezomnqakiswano isibheke ngabovu indebe yomhlaba
Umengameli weNetball South Africa uCecilia Molokwane usezithwese ijoka elinzima lokusingatha iNdebe YoMhlaba eseqophelweni eliphezulu futhi eyohlale esezingqondweni zomhlaba.
INdebe YoMhlaba yebhola lomnqakiswano izoba seNingizimu Afrika ngowezi-2023.
Exoxa nelaboHlanga uMolokwane uphumele obala ngesifiso sakhe sokwenza into yamehlo ngowezi-2023. Lo mqhudelwano uzobanjelwa eKapa.
“Sifuna ukusingatha iNdebe YoMhlaba eyohlale ikhunjulwa emlandweni wezemidlalo. Kunendlela esifuna ukwenza ngayo ukuze sishiye abantu bengawuvali umlomo. Sifunde lukhulu ebholeni lezinyawo, ikhilikithi nebhola lombhoxo asebeke basingatha iNdebe YoMhlaba phambilini. Siyaxoxa neziphathimandla ezahlukene ngoba inhloso yethu wukucokamisa izinga ukuze sidlule elangowezi-2010. Phela eyangowezi-2010 ihamba phambili kunayo yonke imiqhudelwano esesake sayisingatha kuleli,” kusho uMolokwane.
INingizimu Afrika ibe yizwe lokuqala emlandweni webhola e-Afrika ukusingatha iNdebe YoMhlaba yebhola lezinyawo. Namanje iNdebe YoMhlaba yangowezi-2010 isabalwa nahamba phambili emlandweni wezemidlalo.
INetball South Africa nayo izothola ingqayizivele yethuba lokusingatha iNdebe YoMhlaba. Izoba yizwe lokuqala e-Afrika ukusingatha lo mqhudelwano.
“Kungokokuqala iNdebe YoMhlaba yebhola lomnqakiswano iza eNingizimu Afrika. Lokho kukodwa kusho lukhulu. Yingakho sifuna ukwenza into ezoshiya umhlaba wonke uchazekile. Sekuphele iminyaka engama-63, iNdebe YoMhlaba ingakaze ize lapha eMzansi. Ngokokuqala ukuthi inhlangano eholwa ngumuntu wesifazane isingathe iNdebe YoMhlaba,” kusho uMolokwane.
Ngowezi-2010 osokhaya, iBafana Bafana yashaya udaka kwazise yaba yizwe lokuqala ukuphuma ekuseni ekubeni idlalela ekhaya.
“Ukwenza kahle akuyona into esicabanga ngayo kodwa yinto esifuna ukuyizuza. Asikwazi ukusingatha iNdebe YoMhlaba eseqophelweni eliphezulu bese sishaya udaka. Lokho akwamukelekile. Abadlali nabo bayakwazi lokho. Sifuna kuhambisane. INdebe YoMhlaba eseqophelweni eliphezulu nendondo. Kumele kuhambe ngakubili. Sifuna ukuqeda sibalwa namaqembu amathathu azokwenza kahle. Sibabekele lowo mgomo. Okuhle wukuthi bawuqonda kahle lo mgomo. Nathi senza konke ukulele sikwenze ukuze senze isiqiniseko sokuthi siyawaseka ngayo yonke indlela amantombazane ukuthi aqede ebalwa namaqembu amathathu,” kubeka uMolokwane.
IProteas nayo yakhula ngokudlondlobala. NgeNdebe YoMhlaba eyedlule aqede endaweni yesine. Afinyelele kowandulela amanqamu aguqiswa yiNew Zealand.
“Umsebenzi usuqalile-ke manje. Akusekho ukubheka emuva. Emasontweni adlule besethula ngokusemthethweni ibheji elizosetshenziswa ngeNdebe YoMhlaba. Emidlalweni yeTelkom Netball League wonke ubuntu ugqoka izifonyo ezinebheji leNdebe YoMhlaba. Ngisho izikimba abazigqoka zishaya ngebheji leNdebe YoMhlaba. Lena ngenye yezindlela zokukhangisa le Ndebe YoMhlaba. Amalungiselelo ahamba ngendlela. Asikho emuva futhi asikho phambili. Sihamba ngesivinini esifanele,” kusho uMolokwane.
Selokhu ethathe izintambo njengomengameli weNetball South Africa umehluko uyabonakala. “Ngijabule ngokuthi lolu bhubhane lokhuvethe lihlasela umhlaba wonke kusemanje. Awucabange ukube lihlasele ngesikhathi seNdebe YoMhlaba ngowezi-2023? Bekuzoba nzima ngendlela eyisimanga. Besingeke sisithole isikhathi esanele sokuzilungiselela. Manje sesiyazi ukuthi yini okumele siyenze uma kungukuthi lolu bhubhane luzobe lingakalapheki. Imicimbi yethu idlalelwa endaweni eyodwa bese abadlali begcinwa ehhotela lapho kwenziwa khona isiqiniseko sokuthi kulandelwa yonke imigomo yokuvikela ukhuvethe.” kuphetha uMolokwane.