Isexwayiso ngomgomo omusha embonini kaphethroli
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISouth African Petroleum Industry Association (SAPIA) isixwayise ngokuthi kuzolahleka izinkulungwane zemisebenzi uma uHulumeni eqhubeka nomgomo omusha ohlongozwayo walo mkhakha eminyakeni emibili ezayo.
Kusukela ngomhla lulu-1 kuMandulo ngowezi-2023, imininingwane yephethroleum kanye namazinga kuzonikeza igunya lokusetshenziswa kwemikhiqizo ye-Ultra-Low Sulphur nemikhiqizo kadizili ezweni.
I-SAPIA ithi banikezwe isaziso esifushane sokusebenzisa lo mthetho omusha. Kuleli sonto le nhlangano ikhiphe ucwaningo lokukhombisa umthelela ongaba khona walo mthetho kulo mkhakha.
I-SAPIA ithi kuzofanele kuthathwe izinqumo ngokuthi ngabe zizothuthukiswa yini izindawo zokuhluza uwoyela ukuze kuhlangatshezwane nemigomo emisha. Le nhlangano ithi le mithethonqubo izoba nomthelela oqondile ekuqashweni futhi inyuse ukuthembela kokungeniswa kwemikhiqizo kaphethiloli, okuyinto embi emnothweni.
Igalelo lemboni kawoyela emnothweni
Izinkulungwane zemisebenzi zizobekwa engcupheni, kufaka phakathi izimboni ezihambisana nezinto zokuhluza. AbakwaSAPIA bathumele ucwaningo olwenziwe yiFTI Consulting olukhombisa ukuthi imboni yanikela ngezigidigidi ezili-R139 emnothweni wezwe (GDP) ngowezi-2019.
Futhi kungumphumela wokuphindaphinda wesibili ophakeme kakhulu emnothweni wezwe, uma kuqhathaniswa nezinye izimboni. Le mboni Idale imisebenzi eyizi-171 000.
“Ngemuva kwalokho kudaleka amathuba emisebenzi yekota yesigidi eNingizimu Afrika, nokungeyona into encane uma kubhekwa isimo sokuntuleka kwemisebenzi ezweni. Futhi, sibona iphethini efanayo kuyo yonke imisebenzi edaliwe kule mboni kunemisebenzi eminingi esekwayo emnothweni. Ingesinye seziphindaphindeka kakhulu noma sesine esiphakeme kakhulu emnothweni. Nemvelo yamakhono athanda ukuba yimboni yezemisebenzi enekhono eliphezulu,” kusho uMariam Kane Garcia weFTI Consulting.
Imboni kawoyela isekele ama-1.5% wokuqashwa okuphelele kwezwe. Kuwo wonke umsebenzi owenziwe kule mboni, eminye imisebenzi engama-1.52%isekelwa kwenye indawo emnothweni. Ucwaningo luqhubeke lwabonisa ukuthi imboni inikele ngezigidigidi ezingama-R94 ekusetshenzisweni kwemali yokwenza umsebenzi futhi yakha intela eyizigidigidi ezili-R121.
“Bekukhona izigidigidi ezingama-R75 eziqoqwe enteleni kaphethiloli kanti lokhu kuqoqwa nje yizinkampani zikawoyela bese kudluliselwa ngqo kuHulumeni futhi ngokwezinkampani bakhokha intela eqondile eyizigidigidi ezili-R14.8 emholweni wenkampani. Futhi-ke kukhokhelwe enye intela engaqondile eyizigidigidi ezingama-R31.1. Esikhathini seminyaka eyishumi kusukela ngowezi-2009 kuya kowezi-2019, le ntela ekhokhelwe kusuka emananini entengo kaphethiloli ikhuphuke ngaphezu kwama-158%. Ngakho-ke, ukubaluleka kwemboni ekuqoqeni nasekudluliseleni le mali kuHulumeni kubaluleke kakhulu,” kusho uLaura Menzie weFTI Consulting.
INingizimu Afrika inemboni esezansi ethuthuke kahle ebambe iqhaza ekungeniseni, ukukhiqiza nokusabalalisa imikhiqizo kaphethiloli. I-SAPIA ithi umkhakha ubhekele ukuhlinzekwa ngamalitha angaba yizigidigidi ezingama-35 zemikhiqizo kaphethiloli kulezi zimakethe.
Ngonyaka wezi-2019, kwakusebenza izindawo zokuhluza eziyisithupha, zicubungula futhi ziguqula uwoyela ongahluziwe, igesi yemvelo namalahle abe yimikhiqizo kaphethiloli.
I-SAPIA njengamanje ibonisana noMnyango Wezimbiwa Nezamandla ukuze izame ukuchibiyela imithethonqubo. UMqondisi Omkhulu weSAPIA u-Avhapfani Tshifularo, uthi basebenzisana noHulumeni ukubheka izindlela ezahlukene zokubuyisa izindleko uma sekuqaliswe imithethonqubo.
“Inkampani ngayinye izobeka lokho ecabanga ukuthi yindlela efanelekile ohlangothini lwayo futhi kuphela uma umnyango usulalele wonke umuntu lapho-ke bazozama ukuhlanganisa yonke into ibe yisiphakamiso esisodwa esivumelana nabo bonke abantu okuhloswe ukuthi bahlomule kubiza izindlela zokuthola imali. NjengeSAPIA, sinezinkinga ezithile mayelana nokuthi yini encanyelwayo ngezindlela zokuthola izindleko.”
Izindawo zokuhluza uwoyela eziningi zaseNingizimu Afrika zizodinga ukuthuthukisa imishini ukuze ihlangabezane namazinga amasha.