Now Reading
Wazibukula uphahla lwezinkulungwane olwaba yiSoweto uSofasonke
Dark Light

Wazibukula uphahla lwezinkulungwane olwaba yiSoweto uSofasonke

Uma kusekhona iqembu lebhola i-Orlando Pirates Football Club nemijondolo esabalele izwe lonke ngeke lize liphele noma likhohlakale igama likaMnu uJames ”Sofasonke” Mpanza. UThabekhulu (abaKwaMpanza) lona, abanye abantu babemthathisa okohlanya kanti wayephila saka, ewusizo emphakathini futhi engumholi owayenza izinto zenzeke sekulahlwe ithemba. Kuze kusabalale ilokishi iSoweto (South Western Townships), eGauteng, nje kungenxa kaMpanza. Nguyena umuntu wokuqala owathola indawo okwakungekaMasipala waseGoli iyisiganga, wayicenta, wagxumeka imijondolo kuyo.

Wakwenza konke lokhu nje engenamvume ngoba umhlaba kwakungokaMasipala. Yikho ezibongweni zakhe uThabekhulu kwakuthiwa “NguMagebhula ogebhule umhlaba kaMasipala akwaba ndaba zalutho!” Ngokwenze njalo bonke abantu basuka bamlandela ngonyaka we-1944 bakha imijondolo lapho uMpanza ayegxumeke eyakhe khona. Abantu abasebehlala emijondolo kaMpanza babebalelwa ezi-20 000 ngonyaka we-1946. Kwakuyisibonda sase-Orlando uMpanza, eqoqa umphakathi engafuni kube khona abawuvanzi. Wasungula i-Orlando Boys Club ngonyaka we-1937. Iyona egcine isiyi-Orlando Pirates FC “eZimnyama ngenkani! ezikaMagebhula!” USandanezwe (abaKwaMpanza) inkaba yakhe ikweleNdlovukazi uMthaniya, uzalelwe eGeorgedale, esifundeni saseCato Ridge, eNtshonalanga yeTheku. Ubone ilanga mhla zili-15 kuNhlaba ngonyaka we-1889, wafunda khona waze waphothula ibanga lesi-8.

Uqeqeshelwe ubuthishela ekolishi laseNdaleni, eRichmond, KwaZulu-Natal engumdlali webhola odumile ngenxa yekhono lakhe. Uphume eNdaleni wayoba ngutolika eNkantolo. Ubeboshwa uThabekhulu ekukhuleni kwakhe, ephuma engena emajele. Uke waboshelwa ukukhwabanisa wagwetshwa iminyaka eli-12 wabuye waboshelwa ukubulala owoMdabu waseNdiya ongu- Adam igama lakhe. Nasemajele wayehlupha ngendlela exakile uMpanza ngoba wayevulela isibhaxu kwababegada iziboshwa Ngesikhathi edonsa kwelinye lamajele eBoksburg, eKurhuleni, waphenduka waba ngumzalwane, wakhetha iNkosi uJesu njengoMsindisi. Waqala washumayeza iziboshwa ngoba wayesengumKhrestu, esebhala nencwajana engempilo yakhe. UThabekhulu lona wafudukela e-Orlando kwaNdongaziyaduma wafika waba neqhaza elibalulekile empilweni yabantu bakhona. Wasungula iSofasonke Party eyayilwela amalungelo abantu. UMpanza wayenjengeMeya kubantu baseSoweto. Wayegibela ihhashi lakhe elimyama uBrown Sugar igama lalo, egabavula ngalo, esiza umphakathi elalela futhi exazulula nezinkinga zawo. Wayesondelene kakhulu noMnu uWalter Sisulu we-African National Congress (ANC).

USandanezwe, ephuma ejele ngenxa yokubulala owomdabu waseNdiya, waya kofundisa ePretoria ngonyaka we-1927. ESoweto ufike ngowe-1934 kwathi ngowe-1937 wasungula i-Orlando Boys Club eyajika yaba yi-Orlando Pirates Football Club (FC) ngowe-1939. UMpanza ubhalele uMkhandludolobha waseGoli ecela ukuthi kwakhiwe inkundla yezemidlalo eSoweto ngonyaka we-1958, isicelo sakhe savunywa, yakhiwa inkundla i-Orlando Stadium ngowe-1959. UMpanza lona wayengahlehli uma esethi into uyayenza zazilima ziye etsheni. Kwakusho ukuthi wayenegazi lakwaMthethwa ngoba abakwaMpanza baphuma kwaMthethwa. Ngowe-1944 wafuduka nabantu abayizi-8 000 bagxumeka imijondolo bayibiza ngokuthi yiSofasonke Township, eSoweto.

See Also

Ngowe-1946 inani labantu ababehlala emijondolo kaMpanza base bebalelwa ezi- 20 000. Yayinzima impilo emjondolo, kungahlanzekile. Lokho kwaholela ekushoneni kwendodana yakhe uDumisani. UThabekhulu nguyena ubaba weSoweto. UHulumeni wake wazama ukumdingisa eGoli ethi akabuyele kwelakubo eNatali kodwa walwa, nabalandeli bakhe bameseka bathi ngeke ayendawo. Usize umphakathi waseSoweto ewakhela izikole nemitholampilo. Imijondolo igcwele izwe lonke nje kungenxa kaMpanza, nguyena owaqhamuka naleli qhinga. Inhlangano “Abahlali basemjondolo” ifana nse neSofasonke Party ngoba nayo yayilwela amalungelo abahlali basemijondolo. Umahluko ukuthi iSofasonke Party yayinamakhansela kuMasipala waseGoli. Ngonyaka we- 1971 uMagebhula engasekho emhlabeni, iSofasonke Party yayinamakhansela amaningi eGoli. Ulwile uMagebhula, walwa ukulwa okuhle okwathela izithelo ezinhle ekugcineni ngoba abantu basemijondolo bagcina sebakhelwe izindlu. Ushone ngowe-1970 emzini wakhe e-Orlando East, eSoweto, wangcwatshwa eDoornkop eGoli. Kunesikole esiqanjwe ngaye uJS Mpanza, eDiepkloof, eSoweto. I-Orlando Pirates FC, edume kangaka namuhla ngekaMpanza, isungulwe nguye. Nabaholi bepolitiki babemhlonipha uSandanezwe, uThabekhulu, bemthulela isigqoko. Thabekhulu!!! Sandanezwe!!!

Scroll To Top