Inhlangano yezokusakaza isagubuzelwe izinkinga zenkece
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inhlangano yezokusakaza yaseNingizimu Afrika i-SABC ilahlekelwe yimali ebalelwa kwizigidigidi e-R1.13 kulo nyaka wezimali. Lokhu kusho ukuthi isamba sezigidi ezingama-R949 esingaphezu konyaka wezimali odlule.
Lomsakazeli womphakathi uthi lokhu okuphawulekayo okungaphansi kokusebenza kwemali engenayo kungase kubangelwe izici ezihlukahlukene zangaphakathi nangaphandle ezihlanganisa umthelela wokucisha i-analogu, ukucisha ugesi, ukungakwazi ukwenza imali ngezakhiwo zemidlalo kanye nezinga elikhulayo lokugwema ukukhokhela ilayisensi yamathelevishini.
Khonamanjalo, akukho konke okungekuhle futhi okudabukisayo njengoba umsakazi womphakathi uthumele ukwehliswa kwama-70% kokutholwe Kocwaningomabhuku esikhathini esiyiminyaka emi-5 ngokuthuthuka okuphawulekayo ekulawuleni kwabo kwezezimali.
Ibhodi leSABC kwisitatimende liveze ukuthi lizobeka eqhulwini ukuzinzisa ukukhiqizwa kwemali kanye nezinhlelo ezahlukene zokungenelela. Liphinde lathi lomsakazi womphakathi unethemba lokuthi zizojika izinto lomsakazi ubheke ekusimameni kwezezimali kanye nokukhula esikhathini esizayo esiseduze.
I-SABC nayo iyazethemba ngezinhlelo zayo ezintsha ezifana ne-SABC Plus kanye nesiteshi esisanda kwethulwa solimi i-DTT iLehae nokuthi ukuhlelwa koKhetho lukazwelonke lwango-2024 kuhamba kahle.