Zithe ukuqhilika izihlathi kubatshali bakamoba kamuva



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Esikhathini lapho amabhizinisi amaningi kubandakanya nabalimi bekhala esimantshiyane ngenxa yomthelela wokhuvethe kanye nezibhelu, abalimi bamoba bathole ukududuzeka ngenxa yokwenyuka kakhulu kwentengo kashukela.
Intengo kashukela ekhokhwe ekupheleni kwenyanga uNcwaba ibiyizi-R5 255.86 ngethani. Lokhu kusho ukuthi le ntengo yenyuke ngama-R90.55 ngethani uma kuqhathaniswa neyaphambilini. Ngenyanga uNtulikazi ibiyizi-R5 165.31, ibiyehle ngama-R30.54 enyangeni eyandulela leyo.
Abalimi bakamoba bakhokhelwa ngentengo ebizwa ngeRV okuyiRecoverable Value uma behambisa umoba emshinini kashukela. Le ntengo ihlonzwa nyangazonke. Ngenxa yezizathu ezahlukene ezifana nokuthi umkhiqizo kashukela ungakani, le ntengo yehla noma yenyuke.
Intengo kashukela ike yabaphilisa kabi abalimi bakamoba njengoba yake yehla yaze yafika ezi-R3 574.41 ngonyakamali wezi-2018/19. Lokhu kwabeka abalimi abaningi engcupheni yokulahlekelwa njengoba izindleko zokusebenza umoba zona zazingehli.
Okunye okwaba yinkinga kubalimi ukuthi ngonyakamali olandelayo bazithola bekweleta imishini kashukela izimali ezishisiwe. Lokhu kudalwa ukuthi ngesikhathi isizini kamoba iqhubeka inyanga nenyanga imishini kashukela ikhokhela abalimi ngentengo esuke iqagelwe, futhi eyehla inyuka.
Emva kokuvalwa kwemishini kuye kuphume intengo yokugcina yalowo nyaka. Uma abalimi bekhokhelwe ngentengo engaphezulu kwaleyo egcina ihlonzwe njengentengo yokugcina, bazithola kufanele bakhokhe umehluko.
Intengo kamoba ngethani ezinyangeni ezinhlanu: NgoMbasa: R5119.45,
NgoNhlaba: R5196.13, NgoNhlangulana: R5195.85, NgoNtulikazi: 5165.31
NgoNcwaba: 5255. 86