Now Reading
ONgqongqoshe babheka olwe-UIF ku-ANC nolweposi neziphaza kolwezibonelelo
Dark Light

ONgqongqoshe babheka olwe-UIF ku-ANC nolweposi neziphaza kolwezibonelelo

UNgqongqoshe Wezemisebenzi Nezabasebenzi uThulas Nxesi, uthi umnyango wakhe uzongenelela uma abasebenzi be- African National Congress (ANC) eLuthuli House eGoli, beza kubo (uMnyango wakhe) befuna usizo.

Kusolwa ukuthi uKhongolose awuzange uyikhokhe iminikelo ye-Unemployment Insurance Fund yize imali ibidonswa emiholweni yabasebenzi kusukela ngowezi-2018. UNxesi ubambe iqhaza engxoxweni yemibuzo nezimpendulo yeqoqo lezomnotho ePhalamende Likazwelonke. “Siyazi ukuthi lolu daba lusemithonjeni yezindaba kodwa uma abasebenzi abahleliwe noma abasebenzi njengomuntu siqu ngabanye beletha udaba eHhovisi lethu, nakanjani kuzofanele singene kuleso sikhala ukuzama ukuqonda uhlobo lwengxabano. Kodwa asikwazi ukweqa ngesisekelo semibiko yabezindaba, kufanele silandele inqubo yokubhekana nalezo zinkinga.”

Khonamanjalo, uNgqongqoshe Wezokuxhumana Nezobuchwepheshe Kwedijithali, uKhumbudzo Ntshavheni, uthi maduze nje uMnyango wakhe uzokwethula uhlelo kuKhabinethi lokuthi ungaluvuselela kanjani futhi uthuthukise kanjani usizo lweposi. Ubephinde abambe iqhaza engxoxweni yemibuzo nezimpendulo yeqoqo lezomnotho ePhalamende Likazwelonke.

See Also

Amalungu ePhalamende abefuna ukwazi ukuthi izinxushunxushu zakamuva KwaZulu-Natal naseGauteng zikuthinte kanjani ukulethwa kwezidingongqangi emiphakathini ebuthaka. UNtshavheni uthi bahlongoza izindlela ezintsha zokunciphisa izindleko zokuthola izibonelelo ngeposi. “Esisebenza ngakho yiposi lekusasa sihlangene noSASSA nezokuthuthukiswa komphakathi. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi nezitolo eziyiziphaza ezindaweni zasemakhaya zinemishini ezobavumela ukuthi bakhiphe izibonelelo njengasemaposini.”

Scroll To Top