Now Reading
Isinqumo ngoMsholozi siphumile kepha kusemnyama ngokuqhwagwa kombuso
Dark Light

Isinqumo ngoMsholozi siphumile kepha kusemnyama ngokuqhwagwa kombuso

OwayenguMongameli wezwe, uMnu uZuma, ugwetshwe iNkantolo YoMthethosisikelo, izinyanga ezili-15 phakathi ejele. Isinqumo lesi siphume ngenxa yokuthi wadelela iNkantolo.

UMnu uZuma bekulindele ukuba athule ubufakazi kuKhomishini eliphenya ngokuqhwagwa kombuso. Yize uMnu uZuma ngelanga ayelindeleke ukuba afike ngalo, ethule ubufakazi, kuKhomishini, akazange akwenze lokho. Isizathu uMnu uZuma asibeka ukuthi ufisa uSihlalo weKhomishini ahoxe ngenxa yezizathu ezahlukene azibeka uZuma. Lesi isicelo sabe sinqatshwa uSihlalo. Wazibeka uSihlalo izizathu zokungahoxi.

Ngokwami ukubona uSihlalo ubekuqonda ubumqoka bobufakazi bukaZuma futhi ngendlela obubaluleke ngayo ukuthi angagcini kuphela ekutheni uyaziphendulela, kepha futhi ukuthi acacise kwezinye izinsolo ebeziphonswe abanye ofakazi. Ukuvele anqabe akubanga isu elihle, isizwe sonke ngokwenza kwakhe uSihlalo kumanje sikhuluma sisebumnyameni ngalo udaba lokuqhwagwa kombuso.

Lokhu kungenza ngizibuze ukuthi iKhomishini uma isiveza ekugcineni ekutholile ngobufakazi obethuliwe, uma umuntu ofana noZuma obenguMengameli wesizwe engazange anikwe ithuba yini ezophuma nayo iKhomishini. IKhomishini bekufanele izihlelela lisasungulwa ukuthi kungenzeka kufike ofakazi abafana noMnumzane uZuma abazofika nezicelo ezinjena bacela kuhoxe uSihlalo.

Bekufanele kube khona iqhinga lomunye umuntu obezongena esikhaleni sikasihlalo, ukuze kulalelwe ubufakazi balowofakazi othile.

UZuma ekuthatheni kwakhe isinqumo sokuphuma azihambele kuKhomishini, ngokukaSihlalo weKhomishini uMehluleli uRaymond Zondo, akazange ngisho acele uxolo noma imvume ukuba aphume. Lesi senzo yisona impela esibangele ukuba uMnu uZuma azithole ekulolu bishi. Kuveze okukhulu ukungahloniphi umsebenzi weKhomishini.

See Also

Isigwebo sakhe uZuma sithuse abantu abaningi. Iningi belilindele ukuba iNkantolo YoMthethosisekelo ikhiphe isigwebo esihambisana nenhlawulo. Mina ngokwami ukubona, lesi sigwebo esikhishwe iNkantolo ngoZuma bengisilindele ukuthi singahle sibe esibabayo, esizomufaka phakathi etilongweni ngenxa yalezi zizathu ezilandelayo:

  1. Isenzo sikaZuma sokuphuma kuKhomishini, enganikile isizathu esizwakalayo noma ngaphandele kokwazisa nokucela imvume kuSihlalo walo iKhomishini, kube ukudelela hhayi kuphela uSihlalo kodwa umthetho nemigomo yenkantolo esuke ibekiwe.
  2. UMnu uZuma, njengokusho nokuvezwa kukaMehluleli uSisi Khampepe, ubengumuntu owathatha isifungo mhla engena ebuhhovisini lokuba uMmengameli ukuthi uyokwenza ngakho konke okusemandleni akhe ukuvikela uMthethosisekelo nemithetho yaseNingizimu Afrika, aphinde ahloniphe nemigomo yayo. Kupenda esinye isithombe uma umuntu obengelona nje ilungu noma iliphi lesizwe kodwa umuntu obenesikhundla esiphakeme kunawo wonke amahhovisi akhona, edelela inkantolo esuke ibeke imigomo ethile.
  3. Inhloso yesigwebo asitholile, sizothumela umyalezo nakwabanye abanomqondo ofanayo wokufuna ukuphula umthetho ukuthi inkantolo abantu abanjalo ibenzenjani. Lokhu kuvela ngesikhathi futhi la abaningi bamalungu e-ANC ebhekene namacala ahlukene.

Khona isigwebo sibe sikhulu impela, umuntu oneminyaka elingana noZuma ungacabanga ukuthi inkantolo ingabhekelela nalokho ukuze ingakhiphi isigwebo esinzima ngalolu hlobo. UZuma akazange futhi naye enze izethulo zokumelwa okubuye kusize nenkantolo ekufikeni esigwebeni esinconywana ngenxa yokuba izimo zakho zempilo nezinto ezifana neminyaka yakho. Mhlawumbe ukube inkantolo ibinakho lokhu besizoncipha kancane isigwebo.

Okokugcina okwenza izinto zibe mnyama kakhulu kuZuma ukuthi isinqumo lesi asikwazi ukujikiswa noma ukushintshwa enye inkantolo. UZondo ucele isigwebo seminyaka emihlanu, waya kule Nkantolo YoMthethosisekelo ngenhloso, ubazi kahle ukuthi nakanjani lizomgojela.

Scroll To Top