Umqeqeshi weBafana uphumele obala ngokukhipha uTau
IBafana idlale ngokulingana ngo 0-0 emdlalweni obukuthangi (ngoLwesihlanu) eNational Stadium, eHarare, eZimbabwe. Lamazwe alwela ukuzibekisela indawo eQatar ezosingatha iNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.
UTau osanda kuqokwa njengesekela likaRonwen Williams ongukaputeni weBafana akazange awuqede umdlalo. Ngesiwombe sesibili bamkhiphile kwathi endaweni yakhe kwangena uSipho Mbule.
“UPercy akekho ezingeni lakhe. Lokho akuyona into embi. Izinto ezifuze lezi ziyenzeka. Akazange akwazi ukumelana nesivinini somdlalo. Yinto engingabazi ukuthi uzosebenza kuyona ezinyangeni ezizayo. Lokho akushintshi ukuthi ungumdlali oseqophelweni eliphezulu,” kuchaza uHugo Broos.
UTau usanda kujoyina i-Al Ahly yase-Egypt. Ngomzuzu wama-78, uTau ukhishiwe kwangena uMbule.
“Yingakho nathi sithe ukumgcina isikhathi eside enkundleni. Ngihlalele ethembeni lokuthi uma sesidlala umzuliswano wesibili wemidlalo wokuhlungela ukuzibekisela indawo kweyeNdebe yoMhlaba ngoMbasa uzobe esesimeni esingcono kakhulu,” kubeka le ngwevu edabuka eBelgium.
Ngemuva komdlalo owodwa, iBafana isinephuzu. Isizobhekana neGhana emdlalweni wesibili ngoMsombuluko eFNB Stadium, eGoli ngehora lesi-6 ntambama.
“Okokuqala ngifisa ukubeka kucace ukuthi ngeneme ngendlela abadlali abazikhandla ngakhona. Lokhu nje kukodwa kungishiye ngijabule. Nasemuva sivale kahle. Senze isiqiniseko sokuthi iZimbabwe asiyiniki amathuba anele okushaya amagoli. Nokho ukuze unqobe imidlalo yebhola kufanele wenze isiqiniseko sokuthi nawe ushaya amagoli. Asizange sakhe amathuba anele okushaya amagoli yize sebiqinile emuva. Kusamele sisebenze kanzima ezinyangeni ezizayo ukulungisa indaba yamagoli phambili,” kusho uBroos.
IBafana sekuphele iminyaka engama-20 yagcina ukuzibekisela indawo kweyeNdebe yoMhlaba. Ihluleka yancama wukuthooa ithikithi elibheke eGermany, Brazil naseRusssia ngowezi-2006, 2014 nangowezi-2018 ngokulandelana.
“Ziningi izinto esisebenze kuzona ngaphambi komdlalo. Ngeneme ngokuthi abadlali bayayiqonda into engiyifuna kubona. Benza konke esikubheke kubona kodwa kumele abantu baqonde ukuthi sisaqala. Asikwazi ukwenza konke ngendlela ezinsukwini ezinhlanu. Yingakho kusanezinto okumele sizilungise. Kumele senze isiqiniseko sokuthi siba yingozi ezitheni,” kusho uBroos.
IGhana iyona eqhwakele eqoqweni leBafana. NgoLwesihlanu iguqise i-Ethiopia ngeli 1-0.
“Phakathi kwezinto okusamele sizilungise yindaba yokuqiniseka ukuthi siyashesha uma sihlasela. Sinezinsuku ezimbili zokulungisa amaphutha ethu. Sidinga isikhathi esithe xaxa ukulungisa izinkinga zethu ngokuphelele,” kubeka uBroos.
IGhana neBafana bebeseqoqweni elilodwa kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo. IBlack Stars iqoqe amaphuzu amane kuBafana emidlalweni emibili. IBafana isethubeni lokukhokha isibhongo uma isibheke neGhana. UBroos akawuvali umlomo ngekhono likaMokoena.
“UTeboho Mokoena udlale ingcwenga yebhola ebambisene noMothobi Mvala esiswini. Badlale kahle kakhulu. Angeke ngalishiya ngaphandle udonga lwethu lwasemuva. Lizibambe zaqina okwangempela. Okuhle wukuthi sesisakhile isisekelo.” kuphetha uBroos.