Now Reading
Ngabe usifanele lomthoba nhliziyo?
Dark Light

Ngabe usifanele lomthoba nhliziyo?

Selidume ledlula. INingizimu Afrika isinaye uSomlomo wePhalamende omusha ceke futhi ungowesifazane. Esimnweni esejwayelekile lezi zindaba bekumele ngabe  zenza wonke umuntu ezweni athokoze kakhulu ngoba lena yinyanga yabesifazane. Nokho lesi akusona isimo esejwayelekile kanti futhi bakhona abangeneme. Lokhu kungenami kuqala kuMengameli wezwe uRamaphosa nosolwa ngamaqembu aphikisayo nabathile ngokudlova edelela iPhalamende.

Lokhu bathi ukwenze ngokuthi athi engaxoxanga neNdlu bese ememezela ukuthi onguSomlomo uMhlonishwa uModise usemqoka njengongqongqoshe. Lokhu bakuhumusha ( amaqembu) ngokuthi kwedelelwa iNdlu kanye nomthethosisekelo okubeka ngokusobala ukuthi kukhona ukwehluka kwamandla phakathi kwezinhlaka ezenza umbuso.

Khon lapho bakhona abathi bona inkinga ikumuntu oqokiwe nabamsola ngakho konke. Kusuka kwizinsolo zomsaka njengoba uMhlonishwa uMaphisa -Nqakula elandelwa umsanka wenkohlakalo njengoba kunemibiko ethi wake wafunjathiswa umehlo kaboni ocela ezigidini ezinhlanu. Khona lapho usesolwe ngezenzo ezimbili ezithinta izinqumo zakhe emsebenzi.

Okokuqala wasolwa ngokubuya nowesifazane owaziwa ngelika Mimi eBurundi ngaphanle kwemvume , wasuka naye kwelakubo wenza naye kuleli. Ngaleso sikhathi wazithethelela wathi ‘ubesiza intombazane ebihlukunyezwa’ kwelakubo. Ukukhuluma kuthi lona wesifazane wabe enobudlelwane nendodana yakhe uMhlonishwa.

Akugcinanga lapho kepha njengoba kamuva ethathe ithimba le-African National Congress ( ANC) walifaka ebhanoyini lamasosha baya eZimbabwe emhlanganweni neqembu elibusayo. Usolwe kakhulu ngalokhu nathi wakwenza ngoba kumqoka emizamweni yokwenza uzinzo eZimbabwe.

Okokugcina uphikisane noMengameli esidlangalalelini ngodaba lwezibhelu nokukholakala ukuthi yikho okumenze waba yiqaqa waxoshwa ekubeni ngungqongqoshe. Lokhu kokuthi aqhamuke esephakanyiswa kwesikaSomlomo kwenze kwakholakala ukuthi bese kuwumthobanhliziyo nje, kulungiswa ukukhuluma kwangaphakathi kuKhongolose.

Okhethweni lwayizolo uMhlonishwa uMaphisa-Nqakula uthole amavoti ayi-199, waqumba phansi imbangi yakhe ebiphakanyiswe yiDemocratic Alliance (DA), uMhlonishwa u Annelie Lotriet ethole amavoti anngama-82.

See Also

Elinye iqembu elikhulu eliphikisayo kuleli i-Economic Freedom Fighters (EFF) ayizange ibe yingxenye yokuqokwa kukaSomlomo ngoba ikhala ngokuthi ukubakhona kwayo kuzoba kugcoba isinqumo se-ANC esingaphusile sokuphakamisa uNkk Maphisa-Nqakula.

“Ngizizwa ngithobekile emva kokuphakanyiselwa kulesi sikhundla, ngiyazigqaja ngokuba yilungu laleNdlu, bonke abantu bakithi abamelelekile lapha ePhalamende kumele bakhululeke bazi ukuthi sizosebenza ngokubambisana,” kusho uSomlomo omusha. Uthe zonke izinhlaka zombuso kumele zibambisane zixazulule izinkinga ezibhekene nezwe.

Ngaphambilini kulenyanga uSotshwebhu we-ANC ePhalamende uMhlonishwa uPemmy Majodina ubize umhlangano wekhokhasi ye-ANC obekukhona kuwo uSihlalo kazwelonke uMhlonishwa uGwede Mantashe. UMantashe kuthiwa ukubeke kwacaca kulo mhlangano ukuthi iLuthuli House ifuna kuphakanyiswe uNkk Maphisa-Nqakula esikhundleni sikaSomlomo. Lokhu njengezifiso zikaKhongolose kwenzekile, umbuzo uthi lona izwe lizozuzani kulokho?

Scroll To Top