Now Reading
USimphiwe no-Amanda ngabesifazane baleli khulunyaka
Dark Light

USimphiwe no-Amanda ngabesifazane baleli khulunyaka

LABO osekucishe kuphele iminyaka emibili belandela ezemidlalo, ikakhulukazi ukwethulwa kukanobutshuzwayo kuSupersport bazokufakazela ukuthi izinga lokuhlaziywa kwemidlalo esuke yethulwa bukhoma kuSupersport liphezulu kakhulu. ISupersport yisiteshi okwazi ukusilandela kahle uma unamandla okukhokhela iDSTV ngakho ungacishe uvume uma kuthiwa ngeyabantu abazikhonze ngempela ezemidlalo. Ngithi ngeyabantu abazikhonze ngempela ezemidlalo ngoba kuyaziwa ukuthi ayitholakali mahhala, kuyakhokhwa futhi kanzinyana nje impela. Umuntu okwazi ukukhokhela iDSTV isimo somnotho sinjena kuleli cishe wumuntu ozithanda ngempela ezemidlalo.

Ngithi othanda ezemidlalo ngoba ngibalekela igama likamacaphunakusale. Elikamacaphunakusale ngilibalekela ngoba iDSTV akuseyona into eyisimangaliso ngalolo hlobo ukuba nayo. ISatellite Dish usuke uyibone icamele nalapho ubungayilindele khona, usho ngenhliziyo ukuthi kumnandi ngaphakathi kuleliya khaya. Uhalalise wedlule.

Uma wehlulekile ukukhokha ngesikhathi esifanele abasemagunyeni kwaDSTV abachithi sikhathi kodwa bavele bayivale nisale nibukana emehlweni nalabo enisuke senibeke nabo phambi kwenu izinto ezikhala kahle ngoba nizethembise ukuthi nizozijabulisa ngomdlalo weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ntambama kunguMgqibelo. Mhlawumbe nenyama abafana sebeqalile ukuyiphenduphendula laphaya emlilweni ngaphandle. Uma uqale ngokunye wakhohlwa ukukhokhela iDSTV bhasobha ungaphoxeki sekuvele kuthi nqamu. Labo okade uthi bangabangani bakho bakuthwale ngeqoma bayohlekisa ngawe engxenye.

Asikho kuDSTV namuhla kodwa sibhekene nokuhlaziywa kwanobhutshuzwayo nomsebenzi omuhle owenziwa yiSupersport. Kusukela endaweni okusetshenzelwa kuyo le okuthiwa yistudio kuya endleleni okugqokiswa ngayo abahlaziyi bemidlalo esuke isakazwa bukhoma iSupersport iseqophelweni eliphezulu kakhulu. Indlela okuhlaziywa ngayo imidlalo yenza ukuthi nangesikhathi sekhefu isizungu singabibikho ngendlela okucathuliswa ngayo izinkumbi zababukela umdlalo behlezi  emakhaya.

Esikhathini esedlule bekuvame ukuba ngabesilisa bodwa abanikwa ithuba lokuhlaziya imidlalo. Bayakhumbuleka oKenny Niemach, oZane Moosa, oMark Williams, oBrian Mathe nabanye okuyibo ababeshintshana ngokuhlaziya. Eminyakeni ecishe ibe mibili noma ngaphezudlwana iSupersport iguqule ukwenza yafaka nabantu besifazane ukuthi abahlaziye ibhola lezinyawo. Lokho iSupersport ikwenza nje yayikade iqale ngokufaka uCarol Tshabalala noThato Moeng njengabethuli bezinhlelo zezemidlalo, okuyigxathu elincomeka kakhulu. Liyancomeka ngoba vele uMthethosisekelo wezwe ukhuthaza ukubonakala kwabesifazane ezindaweni lapho kade kuvame khona abesilisa njengababambe iqhaza. Liphinde lincomeke leli gxathu ngoba liveze ikhono ebelicashile ukuthi kanti nabo abesifazane bangawuhlaziya unobhutshuzwayo kokunye kangcono kuneningi labesilisa abesebejwayelekile kulo mkhakha.

See Also

Abesifazane ababili abenze umsebenzi oncomekayo ngu- Amanda Dlamini odlalele iBanyana Banyana noSimphiwe Dludlu okumanje ungumqeqeshi weqembu lesizwe labesifazane abaneminyaka eli-17. Ukujula kolwazi lukaSimphiwe Dludlu no-Amanda Dlamini ebholeni lezinyawo kuyancomeka. Bayiqholo kwabanye abantu besifazane nasesizweni sonke ngoba bakhombisa ukuthi akulona iphutha ukubeka umuntu wesifazane esikhundleni esithile. Uma kwenzeka owesifazane ehluleka akukhona ukuthi yingoba engowesifazane kodwa yingoba ukwehluleka kuyinto eyadalwa futhi eyenzeka kunoma ubani kungakhathaleki noma umuntu ungowesilisa noma ungowesifazane.

Umsebenzi omuhle owenziwa ilaba besifazane ababili kwaSupersport kumele kukhuthaze nezinye izimboni ezisawangabaza amandla abesifazane. Azibukele kulawa mavulandlela amabili kwezokuhlaziywa kwezika nobhutshuzwayo bese zivula amaphakethe neminyango yezimboni lande inani labesifazane abenza kahle. Lezi zintokazi ezimbili zimele abesifazane baleli khulunyaka. Labo bawuhlobo lwabesifazane olungabekelwa zithiyo endleleni eya empumelelweni. Okuyishwa yikho ukuthi iDSTV eyedlanzana. Maningi amantombazanyana asakhula abezokhuthazeka ngokubuka isibonelo kulezi zintokazi. Pho! lesi yisiteshi sabanemali noma bengebona omacaphunakusale. Kuze kube nesifiso nje sokuthi ngabe kuhle ukuba zonke lezi zintokazi ziqashwe wumsakazeli womphakathi iSABC.

Scroll To Top