Now Reading
UMagasa wahlabana kakhulu ngamaNgisi ngemuva kweyaseSandlwana
Dark Light

UMagasa wahlabana kakhulu ngamaNgisi ngemuva kweyaseSandlwana

Kuqhubeka kushicilelo oludlule: Wahlehla akabe esavela kubo, qede waphuthuma wayohlela amabutho ayegade nawo eMfolozi. Wawahlela akaka isihosha esingenela Emfuleni iMbilane, wasethi awalale phansi kwezihlangu zawo. Wathi yena uyofika awashaye ngebhosho amaNgisi kothi uma esemxosha abaleke azodabula Phakathi kwabo. Kothi uma amasosha esengena onke Phakathi kwabo bavuke bawagwaze bawaqede. Nebala amabutho ahlalanjengokusho kwakhe.

Wabamba inkabi yakhe emhlophe uManxebazihaxa, waphikelela khona umfokaMaphitha.

                “UMnumzane ozihlabanelayo

                Ingan’ abany’ abanumzane

                Bayesab’ ukuhlatshwa’ emkhabeni”

Kuthe uma esefike kubo wabophela ihhashi lakhe ehlonzini qede wacathama ephikelele kubo. Wababeka ezikhaleni zemithi qede yabubula yaphindelela ingebe yakhe. Wayesala ukhasha okuthi kuyaphakama emanzini akushonise phansi ngenhlamvu. Kwababomvu umfula iMfolozi ababebhukuda kuyo. Kanti kukhona isosha elilodwa elaligade amahhashi ngaphezulu ekamu okuyilona elasindayo. Lemba lambulula libaleka seliyohlaba umkhosi ekamu enkulu eMthonjaneni. Aqhamuka amasosha ansondo engasadle kobe zamuntu, ephikelele khona kwaNolele. Afika nawo aqale adideka ngoba isibhamu sasilokhu sidumile ehlathini kepha kungabonakali lapho siqhuma khona, nempi bengayiboni. Kwathi ukuba awabone amasosha uMagasa washo kanye wayesemhlane kaManxebazihaxa wemba wambulula esebheke eMbilane. Kwathi uma sebemxosha beza naye abelungu kucaca ukuthi bafuna ukumbamba ngezandla. Utghuli lwalala lwabhunqa ngemuva kwakhe, amabutho kaZulu abona ngalo ukuthi sekonakele. Kwathi lapho engena esihosheni leso ewadabula Phakathi njengoba wayeshilo, amabutho agxuma abheka phezulu, amasosha engakangeni wona Phakathi kwako. Abelungu bawabamba amahashi abo athi khimilili. Impi yabasukela babaleka baphindela emuva.

UMntwana uZibhebhu wathukuthela kwathi akabadle nezibi ethi bavukeleni abelungu bengakangeni baphelele njengoba ebebayalile. Bakhalaza bathi besabile ukuthi iSilo uCetshwayo siyobabulala bonke uma kwakwenzekile abelungu bambamba uMntwana uZibhebhu bambulala. Bathi babeyobhekelwa ubani iNkosi ngokufa kwakhe. Wasuka lapho uMntwana uZibhebhu wayoyixoxa eNkosini impi yakhe yakwaNolele. Kulapho ahlabana khona ngabelungu abangaphezulu kwamashumi ayisithupha. UGwebisa yedwa oyixoxayo indaba yakwaNolele yize ababhali bomlando wakwaZulu beqinisa ngokuthi bayamazi uMntwana uZibhebhu. Ukubeka kanjena eyokuhlabana kwakhe kwaNolele uthi

UNongqayiza bemthibela

Uthitshelwe ngamasosha namaGumgedlela

Obhukudis’ abelungukwaNolele

Bengasathand’ ukubhukuda

Usibham sadl’ umlungu

Sadla ingwenya kwaNolele

USihawu hawu ungayinkondlo bayivumile

Ivunywe nguPhunga

Yavuywa nguMageba

Umudl’ wenguyuzana yedwa kwaNolele

Lwalal’ uSuthu lungayidlanga

Mujaheni masosha

Mujaheni magumgedlela

Ugxamalaze kuphume umbayimbayi

Ngaphansi nangaphezulu

See Also

Ivondwe likaMaphitha

Eligende amanye amavondwe

Lithe liyawagenda

Lawagendel’ entendelezini

Kwathi kusenjalo uMntwana uZibhebhu wenyuka waphikelela kwelaseBaqulusini uyafika laphaya abantu bamtshela ukuthi abelungu sebeqe umngcele bakha ikamu yabo eKhambule. Kuthe lapho ebahlola wabona ukuthi angeze abalinge ngoba bayimpi enkulu. Wabuya wazobikela iSilo uCetshwayo. Ingonyama uCetshwayo yaphaka impi yayinikeza uNdunankulu uMnyamana Buthelezi, iNduna uThsingwayo kaMahole wakwaKhoza kanye naye uMntwana uZibhebhu. Kwathi uma sebengakhona, uMntwana uZibhebhuwayishiya impi ebusuku waqonda khona ekamu yaseKhambule wafike wahlala nabo njengomuntu osebenza kubo abelungu. Wayibona yonke ikamu ukuma kwayo, nokuthi inemigodi embiweyo, lapha okuzothi uma behlaselwa abelungu abableke bangene kuyo. Kanti futhi ikamu lena bayibiyele nangokhethe ukuvikela abelungu empini kaZulu.

Bathi waze wadla ukudla bengaboni ukuthi sebephakela nesitha sabo, bona babecabanga ukuthi ngomunye wezisebenzi zabo. Kwathi ebusuku wasuka wabuyela empini yakubo. Wafike wabatshela ukuthi ngeke bayikhone lempi yaseKhambule uma bezovela babhekane nayo wathi kuhle bayizume ingalindele. UNdunankulu uMnyamana wasala leso saluleko sikaMagasa. Wathi yena ufuna ukuba kuthi uma befika ekamu bagwazwe amahhashi nezinkomo ukuze abelungu baphume bethi bazowavikela, bese bebagwaza babaqede.

Leliqhinga likaNdunankulu alibanga impumelelo, kodwa esikhundleni salokho kwafa abantu abaningi kakhulu kunalabo abafa empini yaseSandleana. Naye uMntwana uZibhebhu walimala kakhulu kuleyompi. Impi yaseKhambule ingenye yezempi eyamkhinyabeza yamqeda Amandla uZulu. AmaNgisi aseqonda UNdi nje ngoba ayesebonile ukuthi ummango uyewukela, nakanjani azonqoba uZulu.

Ukunqotswa kukaZulu oNdini

Nanxa abelungu babebulewe eziwombeni eziningi zezimpi Phakathi kwabo noZulu, kepha lokhu akubathenanga Amandla enhlosweni yabo enkulu yokuchitha nokubhidliza uMbuso kaZulu. Kwathi ukuba amaNgisi abone ukuthi uMbuso kaZulu unamandla esabekayo asecabangisisa amaqhinga angamehlula ngawo. UMbuso wamaNgisi waphuma umkhankaso wathintana neminye iMibuso yomhlaba , unxusa ukuba bawusize ngamasosha abazowakhokhela imali ukuze babhekane noMbuso kaZulu.

Kwadilika amasosha evela e-Australia, New Zealand, Scotland, Germany, France kanye neAmerica. Kanti kwasekukhona nempi enkulu yabamnyama abase bejoyine amaNgisi bezolwa noZulu. Phakathi kwabo kwakukhona ngisho aBantwana beNgonyama uMpande imbala.

Scroll To Top