UMkhuzi Omkhulu uncome amasotsha ekuletheni ukuthula



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uCyril Ramaphosa uncome umbutho wezokuvikela waseNingizimu Afrika (SANDF) ngeqhaza olibambile ekuqedeni izibhelu ezenzeka KwaZulu-Natal naseGauteng ngowezi-2021. ukubuyisela ukuhleleka, ukugcina ukuthula kanye nokuvikela ubuqotho bendawo yezwe.
NjengoMkhuzi Omkhulu weSANDF, uRamaphosa ukhulume nezinkumbi zabantu ebezibuthene ukuzogubha uSuku Lwezempi olugujwe eMbombela, eMpumalanga. URamaphosa uthi, “Izinto ezimbi ezenzeka phakathi nezibhelu zikaNtulikazi wezi-2021 zishiye amanxeba ajulile. Kwavivinya igunya lombuso namandla entando yeningi yethu. Ngaleso sikhathi sobunzima obukhulu, ukubona ilungu leSANDF elaligqoke umfaniswano laphaya, lisigcina siphephile, libuyisela ukuthula, kwanikeza isiqinisekiso ngesikhathi lapho abaningi babenovalo.”
Iqhaza leSANDF esifundeni
ISANDF ikhona ezweni, omakhelwane bayo kanye nezwekazi ngezikhathi zokungaqiniseki, izinkinga kanye nengozi yangempela, kwengeza uRamaphosa. Uncome iqhaza leSANDF ekulweni nezibhelu ezenzeka enyakatho neMozambique. “Laba besilisa nabesifazane abanesibindi bakhona ukuze kubuyiselwe uzinzo nokunqanda ukubhebhetheka kodweshu nakwamanye amazwe esifundeni sethu. Ngenyanga edlule, samukele amalunga e-15 SA Infantry Battalion asuka ekujutshweni kwawo eDemocratic Republic of Congo. Kusukela ngowezi-2001, amalungu eSANDF abeyingxenye yezinhlelo zokulondoloza ukuthula ngaphansi kwe-United Nations Organisation Stabilisation Mission eDRC, eyaziwa ngeMONUSCO,” kusho uRamaphosa.
Khonamanjalo uNgqongqoshe Wamaphoyisa uBheki Cele utshele iKhomishini Yamalungelo Abantu mayelana nezibhelu zangoNtulikazi wezi-2021 ukuthi kukhona ukusebenzisana okuhle phakathi kwezinkampani zonogada ezizimele namaphoyisa ekulweni nobugebengu. UCele utshele iKhomishini eSandton enyakatho neGoli ukuthi kukhona nemithetho emisha ezobhekana nezinkinga ezinkampanini zonogada ezizimele.
Ubephendula imibuzo ngezigigaba eziholele ekutheni izinkampani zonogada ezizimele zimise izivimbamgwaqo nezinsolo zokudubula zibhekise kubantu ePhoenix, enyakatho yeTheku. “Kunokubambisana okuhle phakathi kwamaphoyisa nabezizimele. Mangisho futhi ukuthi abanye babo banemishini ehamba phambili njengezinkampani zonogada ezizimele kodwa eziningi zabo zivaliwe ngenxa yezinto abazenzayo ikakhulukazi embonini yamatekisi. Badala izinkinga eziningi. Kunomthetho omusha osayinwe nguMengameli. Sibheke igalelo labo kanye nobubanzi babo.”
Amaphoyisa nawo ayesongelwa
UNgqongqoshe Wamaphoyisa uBheki Cele utshele iKhomishini Yamalungelo Abantu mayelana nezibhelu zangoNtulikazi wezi- 2021 ukuthi amaphoyisa abengenza okwengeziwe ukuvimbela isimo ukuba sishube kodwa basatshiswa. Uthi amaphoyisa KwaZulu-Natal asatshiswa ngabaphehli bodweshu ngokuthi izobulawa imindeni yawo uma ebambe iqhaza emizamweni yokuqeda udlame nokugetshengwa kwamabhizinisi. Babalelwa ema-350 abantu abashone KwaZulu-Natal naseGauteng phakathi nalezi zibhelu ezithathe isonto lonke. UCele ungufakazi wokuqala ukwethula ubufakazi ecaleni laseGauteng lokuqulwa kwamacala eSandton, enyakatho neGoli.
“Ngaphandle kwalokho nawo amaphoyisa abenenkinga. Bebengenza kangcono kakhulu. Kube nomkhankaso omkhulu wokubanika igunya. Akugcini lapho, ngisho nokubethusa. Ngakho uyabanciphisa. Ngikhumbula ukuthi kunomyalezo owawutshela wonke lawo maphoyisa ahlala eMlazi ukuthi angabuyeli khona noma engabuyi ngeke abathole amakhosikazi awo nezingane zawo,” kusho uCele.