Yindaba ende ukuxolisa ngesintu



UNgqondobukhali yisithunywa seZinyandezulu
Kunamagama anemiqondo eminingi. Enemiqondo eminingi nje kokunye ahlukaniswa wulimi olusuke lukhulunywa kuleyo ndawo. Ulimi luyikho konke ngoba yilo olusuke luqukethe umlando nokwenza lokhu okushiwoyo kuhambisane nesiko nomlando walowo osuke eliphimisa.
Ngokuqonda ulimi uyaba nesithombe sokuthi kuthiwani. Kunegama lapha eselidumile kubantu nasezinhlakeni ezahlukene leli ‘lokuxolisa’. Kuthiwa ubani uxolisile noma uxolelwe. Likhulu leli gama ngoba abanye libakhipha emajele kanti abanye libabuyisa nemindeni nemiphakathi yabo. Kukhona nokuxolisa okwenzeka esigabeni semindeni.
Uzwe kuthiwa abakwaKhumalo bafikile beqhuba izinyane noma inkomo ukuzoxolisa. Noma kuthiwa izinto zakho azihlangani nje kalubanga khona uxolo ngakho kumele kube nomsebenzi woxolo. Abanye kuthi sebesokhukwini lokufa uzwe benxusa ukuba kusondezwe abathile abagejana nabo emndenini noma umthakathi nje esexakwe yimisebenzi yakhe sekumele umphefumulo uhlukane nenyama uzwe besho abazi ezakhe ukuthi kafi nje yingoba kaxolisanga kubagilwa.
Nembala athi angahlanganiswa nabo uphume umphefumulo. Kuthiwe yingoba usexolelene nabagilwa. Nakhu sizwa nalapha emajele abantu bephulelwa isigwebo kuthiwa yingoba sebexolelene nemindeni yabagilwa.
Konke lokhu nokunye kuveza into emqoka ngoxolo ukuthi luyamkhulula umuntu.
Empeleni lukhulula umenzi nomenziwa njengoba lubaphoqa (ngokuhle) ukuba babuyisane, bamukelane. Nakho-ke lapho kwehluka khona kwaboHlanga nezinye izizwe. Uxolo kwaboHlanga akulona igama nje.
Ake ngenze isibonelo. Uma insizwa yasekuthini yone intombi lapha endaweni uma sebefika abazobika ngalokho kabafike bathi siyaxolisa nje kepha okuba mqoka wukubuzwa nokusho ukuthi yini le exoliselwayo.
Ngamafuphi lapha kwaboHlanga awuxoliseli ukuthi sekukhona okubonakalayo lapha entombini, uxolisela lokhu okwenzile nokuwumphumela wakho usubonwa yizwe.
Kuyehluka kwezinye izizwe uma sizwa ngoba nezimbali nje lezi kuthiwa ziyedlulisa ukukhuluma abantu bexabene. Awu kwaboHlanga ziyamukelwa izimbali lezo kepha kusale ukuthi umuntu kachaze ukuthi uxoliselani.
Abantu bagcwele iziphandla nje kwakhulunywa imbuzi isayolandwa, kwakhulunywa isisemsamo ngakho belu ngoba ukuxolisa lapha kwaboHlanga kuphelezelwa zizathu, awumane ufike usuthwele imbuzi nje bese kuba sekudlulile ukukhuluma.