Alikho elishona lingenazindaba: Intandokazi yomlingisi kuyenele


Isisho sesiZulu esithi alikho elishona lingenazindaba zalo siphinde safakazeka kuleli sonto ngokudlula emhlabeni komhlaziyi ozimele nentatheli enohlonze, okulandelwe okunye ukwedlula komlingisi osemkantshubomvu kuthelevishini kusukela ngeminyaka yezi-1980.
NgoLwesibili ntambama kumenyezelwe ukushona kukaMnu u-Eusebius McKaiser okusabalale ezinkundleni zokuxhumana.
Ubaziwa ngokungahlonizi ekuhlaziyeni kwakhe noma ethole ithuba lokupheka ngemibuzo osopolitiki. Ubengumhlaziyi ozimele nomethuli wezinhlelo zezinkulumongxoxo. Uke wasebenza emsakazweni wezinkulumongxoxo i702. Ngesikhathi kuqala isiteshi sezingxoxo iPower FM eGoli waba sethimbeni lokuqala elasebenza kulo msakazo.
Kuphinde kwashona elayizolo kukhalwa ngomlingisi uPatrick Ndlovu, oneminyaka eyevile kwengama-50 ebonakala emidlalweni eyehlukene. Kumenele izolo esenemninyaka engama-85. Ababukeli bethelevishini bazomkhumbula kakhulu emdlalweni iYizo Yizo lapho ayelingisa khona indawo kathishanhloko uMnu uMthembu owayengaphansi kwenkulu ingcindezi ngabafundi abawuhlupho. Uphinde wazakhela igama edlala kuZone 14 enguNtate Moloi.