Umuntu kwaboHlanga akapheli uyaziphindaphinda



UNgqondobukhali yisithunywa seZinyandezulu
Igama elithi umuntu lisho okuningi kubantu abehlukene. Kwabanye lisho into ephambi kwabo enezinyawo ezimbili, ehlukaniswe wubulili. Kwabanye lisho isenzo esihle bathi uzibanibani ngumuntu ngoba enze okuhle. Nanti futhi leli gama livela sekuthiwa kunento okuthiwa ngu‘Buntu’. Konke lokhu kubeka igama nento okuthiwa ngumuntu eqhulwini.
Kepha ngabe umuntu lona uqalaphi, khona uyaba yini nesiphetho? Abanye kwenzinye izizwe umzimba ungumuntu, uthi ungafa bese kube kuphelile. Uzwe besho ngosuku sebemlondoloza umuntu lona bathi ‘sekuphelile’. Leli gama lisho isiphetho, lisho ukuthi akukho okulindeleke ngale kwethuna.
Nokho lapha kwaboHlanga akunjalo, umuntu akapheli. Uma nje silandela izifundiso zakudala kuthiwa kwasekuzalweni komuntu lo onaye namuhla kusuke kuwukubuya komunye noma abanye abake baphila. Uma sikwamukela lokho singasho ukuthi umuntu akapheli kepha uyaziphindaphinda. Uzwe kuthiwa isenzo sikaNozizwe sifana nokwabe kwenziwa ngugogo wasekutheni, khona okwekhala nezitho nguye nezinqotho.
Ukuhlonipha ukuthi umuntu kapheli kubonakala lapho izindaba zokuwodloka kwedokodo elingumzimba kubikwa. Abantu bomndeni nomphakathi bayamhlonipha umuntu ngoba kusuke kungaphelile. Kuze kufike endleleni abamlondoloza ngayo ubone ukuthi lapha kabagqibi ikati nje kepha babeka ithambo lomuntu abaziyo ukuthi kakuphelile ngaye. Ingani umuntu esephansi uyalandelwa ngamacala akhe kuze kube nesidingo sokuba alungiselwe izindaba zakhe ngamalungu aseleyo ngakho belu ngoba kukholwa wukuthi akabonwa nje la kepha uyaphila ngawo ndawo thizeni, abanye bathi kwelemimoya, mina ngithi kwabo. Kukwabo ngoba usuke esehlangana nezidalwa zakwabo eyobuye abuye komunye lapha emndenini.
Ngiyithandile inkulumo evele ngesikhathi kwebuza iSILO. Umhlaba wonke wamukele ukuthi Omdala ‘uyotshalwa’ ngoba kunenkolelo yokuthi uzobuye abe ngokusha kwelizayo nasesizukulwaneni esizayo. Le nkolosiko iyaphila kwaboHlanga ayiyona inganekwane. Lokhu kungcine ekwazini ukuthi thina lapha emhlabeni size ngokunye, asibona abalapha kepha singabakwethu uzothi omunye kwethu kusendaweni ekuthiwa kusezulwini, uma lokho kusho ukuthi lena yindawo lapho okhokho bekhona kulungile.